Ugxile ekuphekeleni abethelevishini nasekufundiseni ukupheka osethole ubizo lwakhe ekhishini emva kokungqubuzeka izikhawu ezimbalwa ephemba amabhizinisi. Uxoxe noZANELE MTHETHWA
UKUKHULA edla ukudla okuphuma ensimini yakubo kutshale uthando lwebhizinisi lokudla kuNksz uNonhlanhla uManganye, oseqeqesha abapheki.
UNksz uManganye, oneminyaka ewu-34 nokhulele oPhongolo, unebhizinisi elidlondlobalayo iKushinda Caterers. Usanda kwethula iKushinda Catering Academy, lapho efundisa khona ukupheka.
Ngenkathi ebhalisa inkampani ngo-2010 nomzala wakhe, wayengazi ukuthi uzogxila ebhizinisini lokupheka. Uthe inhloso kwakuwukungena ebhizinisini lamathenda, wabona ukuthi akulula.
“Sasihlose ukwenza ibhizinisi ndawonye nomzala kodwa kwangaphumelela. Kuthe uma sizama ukungena ebhizinisini lamathenda, ngabona ukuthi akulona ubizo lwami ngoba kuningi ebengingakuqondi. Sibuye sacabanga ibhizinisi lokuhlela imicimbi, nalo alichumanga,” kuchaza yena.
Uthi ngesikhathi bezama ibhizinisi lemicimbi okokuqala, kwaba nenhlansi yethemba ngoba benza inzuzo ewuR20 000. Nokho kwabhimba uhlelo ngenkathi bethola omunye umsebenzi wokuhlela umshado. Kwadingeka ukuthi babuyisele imali abebekhokhelwe yona ngoba umsebenzi ubahlulile.
Yiloko okwamenza ukuthi akhumbule uthando lokudla nekhono lokushaya ibhodwe. UNksz uManganye, oqeqeshelwe ubuntatheli eDurban University of Technology, uthe belulokhu lumlandele njalo uthando lokudla. Nokho ubengacabangi ukuthi angagcina eziphilisa ngaleli bhizinisi.
“Bengijwayele ukuvakashelwa abangani bami, ngibaphekele. Ngisho emsebenzini bengiphatha ukudla, ngithanda nokuphana ngakho,’’ kusho yena.

Ibhizinisi lokupheka waliqala ngo-2013, okuthe ngo-2018 wasula emsebenzini, lapho ebesemkhakheni wokudidiyela eSABC. Yize bebaningi abapheki, kwehlukile okwakhe njengoba ethi akekho mandla ekuphekeleni imicimbi. Uphekela izinkampani ezididiyela imidlalo kumathelevishini nasemafilimini. Uphinde aphekele inkampani ekhiqiza imithi yamakhemisi.
“Abantu abenza umsebenzi kwithelevishini nasemafilimini (bahlala) amahora amaningi emsebenzini. Nsuku zonke ngibahambisela isidlo sasekuseni nesasemini. Ngaqala ibhizinisi lokupheka ngesitofu esisodwa sikaR9 000 kodwa senginekhishi eliphelele, elinako konke,’’ kusho yena.
Yize abanye beshayekile emabhizinisini ngenxa yegciwane iCOVID-19, kuyena ibhizinisi lisimamile. Uthi ikhishi ulivule ngenkathi izwe livaliwe ngoba ubeqhubeka nomsebenzi wokuphekela inkampani ekhiqiza imithi.
Kuleli khishi ucija abafuna ukuphucula ikhono lokupheka. Uthi ngoDisemba uzobe efundisa abafuna ukucija ikhono belungiselela imicimbi noKhisimusi. Ngonyaka ozayo uzoqala amakilasi abantu abafuna ukupheka ngenhloso yokuvula amabhizinisi. Isifiso sakhe esikhulu wukuthi amakilasi asabalalele nakwamanye amadolobha ngoba okwamanje uwenzela eGoli, lapho ezinze khona.
Uthe kuyenzeka aphekele imicimbi kodwa akuyona into ayikhonze kakhulu. Uthi ukhule kubo bekhona osomabhizinisi njengoba ethe uninakhulu wayethunga, uyisemkhulu wayengumlimi.
“Konke ukudla ebesikudla bekuphuma ensimini kamkhulu, obefuye nezinkukhu. Bengingazi ukuthi loku kungicijela elami ibhizinisi. Kumanje izithako engipheka ngazo ngizithola ensimini yami,” kuchaza yena.
Ngenxa yokukhula kwebhizinisi, uNksz uManganye useqashe izisebenzi eziwu-12 ezilekelela ekhishini bese yena egxila ekulawuleni ibhizinisi. Uke waqeqeshwa ohlelweni lokucija abapheki iNestlé Academy, olwenziwa yiSA Chef Association.
Instagram: Kushindacaterers