UNKK uNkateko noMnu uVuyo Mabindisa beVuyo’s Funeral Services eSoweto

Izithombe: Zithunyelwe

SEKUYIVELA kancane ukubona amabhizinisi aphethwe yimindeni ethize ezindaweni zabantu abamnyama njengakudala kodwa loko akusho ukuthi ayisekho imindeni enamabhizinisi. Zithini izinselelo ezibhekana nalolu hlobo lwamabhizinisi ngalesi sikhathi, USLINDILE KHANYILE uyabika

NGESIKHATHI uNkk uNkateko Mabindisa enquma ukuthi uzojoyina umyeni wakhe ebhizinisini labangcwabi, elase lineminyaka likhona, wayengazi ukuthi uzosukela isidleke sezinyosi esizobatinyela size sibaxoshele nezisebenzi ezazibona ukuthi indlela “entsha” enza ngayo ngeke ziyimele. 

Namakhasimende imbala aqale ayixwaya le ndlela okwase kwenziwa ngayo eVuyo’s Funeral Services eSoweto, eGoli, ngoba yayishintsha into aseyaze iminyaka kusukela ibhizinisi laqalwa wuninakhulu kaMnu uVuyo Mabindisa ngo-1976. 

Kodwa uNkk uMabindisa, oyi-chief operations officer, waphokophela nokukhuculula nokuphucula indlela abenza ngayo kulo masingcwabisane, ongomunye wabadala kuleli lokishi.

“Ngabona ukuthi kukhona okungahambi kahle endleleni okwakwenzeka ngayo njengokuthi sasisasebenzisa incwadi yamarisidi, siphuma siyoqoqa imali kwabanye ogogo nokwavula intuba ngoba uma sibheka imali engenayo nemali eyayigcina iphumile uma abantu sebefaka izicelo zokungcwatshelwa kwakungahlangani. 

“Kwakungelula kogogo ukwamukela ukuthi sithi hamba uyokhokha ebhange ngoba abanye babo kwakuyindlela yokuzikhipha ukusuka ekhaya bethi bazokhokha. Kukhona nakubantu ababesebenza okwavaleka umpompi othize ngoba kukhona isikhathi lapho bagcina behambe bonke sasala sibathathu senza yonke into. Abanye sabaxosha ngoba kwakukhona nenkinga yokuthi abanawo namakhono afana nokusebenzisa ikhompyutha futhi babengazimisele ukufunda izinto ezintsha,” kusho yena.

Ukucabanga ukuthi ngoba naku ibhizinisi ngelomndeni kusho ukuthi kumele liphathwe noma yikanjani ngezinye zezinto ezibuye zidale ukuthi amabhizinisi emindeni agcine esewa uma edlulela esizukulwaneni esilandelayo. NabakwaMabindisa balithatha ibhizinisi seliqala ukuwa lisezandleni zikamalume kaMnu uMabindisa emva kokushona kukanina abebeliphethe naye ngemva kokushona kukaninakhulu.

UNksz uLindiwe Kunene, ofundisa ngamabhizinisi e-UKZN, uthe inkinga ngabantu abamnyama wukuthi ingane ize isondele ebhizinisini uma lowo owaliqala engasekho noma esekhulile kodwa uthole ukuthi ayazi ukuthi umsebenzi wenziwa kanjani. 

“Kanti amaSulumane nabeLungu bahlukile, ingane isheshe ijwayezwe umsebenzi. Uthola  (ukuthi) ithi ineminyaka ewu-10 iyaqala iyafika esitolo yenza imisebenzi efana nokushanela kuthi uma ikhula ifunde neminye imisebenzi. Abelungu baze bona baqikelele ukuthi umuntu uze ayowufundela lowo mkhakha ohambisana nebhizinisi umndeni okulona,” kusho yena.

Kanjalo nokungashintshi nesikhathi ngenye yezinto okuthiwa ibuye iwalimaze la mabhizinisi nokuyingozi abakwaMabindisa abayibona. UNkk Mabindisa oyi-accountant, uthi babona ukuthi ukuze bakhule futhi bakwazi ukuthi bancintisane nezinkampani ezinkulu kwakumele bashintshe ukwenza.

“ISoweto inezinhlobo ezihlukene zabantu, abahola kancane nalabo abahola kahle; othola ukuthi ngisho umuntu engasahlali khona kodwa kusakhona ekhaya. Bekungeke kulunge ukuthi siqhubeke nokuthi sithi umuntu njalo ngenyanga akasuke lapho esehlala khona azokhokhela umasingcwabisane ekubeni zikhona izindlela zokwenza loko ngobuchwepheshe futhi engakwenza ehlezi kwakhe. Asifisi leli bhizinisi liphele ngathi,” kusho yena. 

Namhlanje iVuyo’s Funeral Services isinezisebenzi eziwu-111, inemishwalense ewu-40 000 kanti ngesonto yenza imingcwabo ewu-25. Imali eyingenisayo ngonyaka isuwu-R17 million, isuka kuR300 000 ngesikhathi bethatha ibhizinisi ngo-2007.

UNkk uKhosi Mathe, naye osebenza nomyeni wakhe enkampanini i-Cold Point Airconditioners, uthe bayayisukumela eyokuthi izingane azisondele ebhizinisini ukuze zizoliqhuba. Banabantwana abathathu kanti kuyisifiso sabo ukuthi bonke babe yingxenye yebhizinisi besekhona.

“Sesike saxoxa kabanzi nabantwana. Sithemba ukuthi sizofundisa omunye le ngxenye yobuxhakaxhaka (technical) bawo umsebenzi, omunye afunde ngokuphathwa kwezimali kuthi omunye agxile ekutholeni amakhasimende amasha. Lona omdala useyayibona le nto esiyishoyo kodwa laba abancane basadinga isikhathi,” kusho yena.

Baneminyaka ewu-16 bayisungula inkampani yabo kodwa yena uqale ukusebenza kuyona ngokugcwele ngo-2016 kanti baqashe abantu abawu-21 ngokugcwele.  Yena ubheke konke okuqondene nokuphathwa kwebhizinisi kanti ugxile kakhulu ekuphathweni kwemali nokuthi imithetho yonke ehambisana nemboni yabo bayayilandela besekuthi umyeni wakhe ubheke ubuxhakaxhaka bomsebenzi.

UNkk uKhosi Mathe onomyeni wakhe eCold Point Airconditioners yaseThekwini

UNksz uKunene uthi inkinga endala yamabhizinisi emindeni wukuthi kulukhuni kuwona ukuthi enze izinto ngendlela okwenziwa ngayo ezinkampanini ezingesilo lolu hlobo futhi kunzima ukuthi ashintshe ekudleni ngoludala; nokwenza angakwazi ukuqhamuka nezinto ezintsha. 

“Kumele kokunye ubuye ukwamukele ukuthi ingane yami ayiphiwanga kule nto, nokusho ukuthi kumele nithole omunye umuntu. Nokuxabana uma kungalungiswa ngendlela kungalibhidliza ibhizinisi. Kuyadingeka futhi ukuthi nibuye nibone ukuthi kumele niphume niyofuna amanye amakhono ngaphandle, ngeke nikwazi ukwenza yonke into,” kweluleka uNksz uKunene. 

UNkk uMathe uthe eyokuphathwa ngendlela ehlelekile yebhizinisi yayimqoka ngoba babengathandi ukuthi abantu bababuke nje ngokuthi bayibhizinisi lomndeni kuphela kodwa babefuna ukuthi bahlonipheke kuyona yonke into.

Uvumile ukuthi akubanga lula ekuqaleni ukwamukela ukuthi kumele baqalaze nangaphandle, kokunye babone uma sekonakele. 

UNksz uKunene uthe kuyadingeka nokuthi imindeni inganqeni ukuhlale ihlale ibuyekeze amabhizinisi ayo ukuze iqhamuke nomhlahlandlela omusha uma kunesidingo sokwenze njalo.

AbeVuyo’s Funeral Services basanda kuqasha isikhulu esiphezulu; nabathi yisona esizobhekana nokukhula kwenkampani kusukela manje ngoba bakholwa ukuthi bona sebekwenzile abebengakwenza.

“Ziningi izinto esizenzile ekuqaleni sizenza thina ngoba yiloko obekudingeka kodwa manje sesilande uchwepheshe nomuntu ozobe esiphethe sonke ngoba kokunye ibuye ibe yinkinga le nto yokuthi uziphethe wena. Sinomhlahlandlela weminyaka emihlanu kodwa manje sekuphele iminyaka emibili kodwa esasizibekele ukuthi siyobe sesikwenzile kulesi sikhathi akwenzekile. Yingakho sibone ukuthi asithole isikhulu esiphezulu,” kusho uNkk uMabindisa.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page