Uhlanganise uthando lwemfuyo nobuchwepheshe ogila izimanga kwezolimo njengoba namhlanje elawula imfuyo nezivuno zenani likaR100 million. Ulandisa USLINDILE KHANYILE ngomsebenzi wakhe
UKUFISA ukutshala imali ngendlela ayiqonda kahle ukuthi isebenza kanjani yikona okwagqugquzela uMnu uNtuthuko Shezi, isikhulu esiphezulu seLivestock Wealth, ukuthi asungule le nkampani.
Le nkampani, esineminyaka emihlanu, ivulela noma wubani ofisa ukuba nenkomo ithuba lokwenza loko ngaphandle kokuba nejoka lokunakekela inkomo nokuba nepulazi.
UShezi, odabuka eNhlabamkhosi, eNdwedwe, uthi wafikelwa yilo mqondo ngoba efisa ukutshala akhulise imali yakhe kanti izindlela ezikhona zokutshala imali zazingamgculisi futhi engaziqondi.
“Kwakuthi uma kukhulunywa ngamasheya, ama-unit trust, derivatives, ngingezwa kahle futhi nababekhuluma babengaqondi ukuthi le nto yehla noma inyuka uma kwenzenjani. Kahle hle kwakuzwakala sengathi wukugembula kimina. Ngabe sengiyakhumbula ukuthi singabantu abamnyama sinezindlela zethu zasemandulo zokukhulisa umnotho, isibaya sasifana nebhange lo mndeni. Ngasungula iLivestock Wealth ngoba ngithi noma wubani angaba nesibaya esingangephakethe lakhe,” kusho yena.
Baqala ngokuqasha ipulazi kumlimi waseVryheid owasheshe wayizwa into ayeyichaza. Ngaleso sikhathi zazingu-40 izinkomo ababetshale kuzona. Namhlanje awu-50 amapulazi abasebenzisana nawo kanti izinkomo abatshale kuzona ziwu-5 000 bese kuba khona amathaneli abatshale kuwo ama-herb kanti kukhona nezihlahla zamakinati, ama-macadamia – konke loku onani lakho licela kuR100 million.
Umuntu otshala imali kwiLivestock Wealth ufaka imali anamandla ayo ukuthenga inkomo kanti lokhu abantu bayakwazi ukukwenza njengesitokfela noma inkampani. Kukhona i-app umuntu akwazi ukuyifaka ocingweni lwakhe ukuze ezokwazi ukubona inkomo yakhe ngaso sonke isikhathi, abone nendawo lapho ipulazi likhona kanti noma umuntu efisa ukuvakasha epulazini ayizobonela ngamehlo kuvumelekile naloko.
“Uma sezimithi izinkomo yilapho sazi khona ukuthi inani lazo selinyukile ngoba inkomo uma isimithi ifana nendlu uma isinesiqashi bese ikwazi ukungenisa imali. Ezinkomeni imali ingeniswa ngokuthi izale inkomo bese iyadayiswa inkonyane kutholakale imali. Kona yinto ejwayelekile ukuthi abantu bagadelwe ngabanye izinkomo kodwa thina sayiyisa kwelinye izinga ngokuthi sifake ikhompyutha phakathi ibe nobuchwepheshe,” kuchaza uShezi.
UShezi, owunjiniyela owaqeqeshwa e-UCT, uthe ubuchwepheshe bubasizile bakwazi ukuthi kube khona ukuthembana phakathi kwabo nalabo abatshale imali ngoba yibona obenza umuntu akwazi naye “ukugada” inkomo yakhe.
Ayikho-ke nokho into ekhuluma ngokutshala imali engenabo ubungozi bayo. Kwezolimo kuke kuhlasele isomiso futhi kuba nezifo njengesifo samatele, kwenzakalani uma inkomo yomuntu otshalile ifa?
“Sibususile lobo bungozi ngomshwalense. Sinesivumelwano nabalimi ukuthi uma inkomo yakho ifa, uthola enye. Okunye kunohlaka lwakahulumeni, i-Agricultural Produce Agency Council nomthetho wasePhalamende osilawulayo nogada ukuthi imali igcinwa kwi-trust account kanjani ngoba thina siphakathi kotshala imali nomnikazi wepulazi,” kusho uShezi.
Uyaziqhenya kakhulu ngokuthi le ndlela abasebenza ngayo ivulela noma wubani ithuba lokutshala imali nokungena kwezolimo; nokuyinto ngisho uhulumeni aseke wabancoma ngayo njengoba ebengomunye wezimenywa zikaNgqongqoshe wezoLimo ngenkathi kwethulwa isabelomali salo mnyango.
Mlalele exoxa ngezinselelo zakhona.
Emasontweni amathathu edlule iLivestock Wealth yethule okusha njengoba iqale ukudayisela abantu inyama ngqo isuka epulazini, iFarmers Club Meat Box nabathi bakwenza ukuzama ukunciphisela abantu amanani enyama futhi babadayisele inyama yezinkomo ezingakhulisiwe ngomjovo, ezidla utshani futhi abazaziyo ukuthi zivelaphi.

Umuntu uzibophezela kwi-debit order ebanjwa nyanga zonye kanti ukhokha imali ephakathi kukaR799 noR1 499 ngebhokisi elinezinhlobo zenyama yenkomo futhi bayidiliva ekhaya.
Okwamanje lolu hlelo lusenziwa eGauteng kanti uShezi uthe lukhula ngamandla njengoba sebenamakhasimende angaphezu kwawu-100.
Bazokwenza kanjani ukuqinisekisa ukuthi abantu bahlale bethola lolu hlobo lwezinkomo uma sebedayisela izwe lonke? Muzwe echaza
UShezi uqale ukuzisebenza eminyakeni ewu-14 edlule kanti unelinye ibhizinisi lokukhanda izimoto, iScratch Mobile nelisekhona manje. I-Livestock Wealth iqashe abantu abawu-15.
Nanka amathiphu awanikeze abasafufusa:
- Yazi ukuthi yiliphi ikhono lakho;
- Yazi ukuthi iyiphi inkinga ozama ukuyixazululela umphakathi;
- Yehlisa umoya;
- Yehlisa izinga lempilo nezinto ezizokunciphisela imali.