UNksz uSherry Mncube weSaucy Foods

Izithombe: Zithunyelwe

Ukuhlasela kweCOVID-19, ukuvalwa kwezwe, ukuvaleka kumenze waqala ibhizinisi abenqena futhi esaba ukuliqala. Uxoxe noLANGA KHANYILE

I-COVID 19 wundabizekwayo wango-2020. Iyindaba izekwa hhayi eNingizimu Afrika kuphela kepha emhlabeni jikelele.

Into enkulu ngalolu bhubhane wukumisa nse impilo yabantu – izicebi nabampofu –ngendlela efanayo. Izinjinga nophuya, abaphila ngokuklwebhana okwekati negundane ngoba omunye esola omunye ngokuncela igazi lakhe kuhle kwembungulu, iCovid-19 yenze bakhumbula ukuthi banegazi elifanayo bobabili, basala bekhala ngenxa yomphumela wayo. Bonke bakhala ngobunzima ebulethe empilweni.

Kodwa iCovid-19 noma ukuvalwa kwezwe ngenxa yayo kukhona ebe yisibusiso kubona. Kulaba abambalwa lesi sikhathi sobunzima silethe izinto ezinkulu cishe ababengeke bazibone – njengokuvuka emaqandeni basungula ibhizinisi.

UNksz uSherry Mncube, umnikazi weSaucy Foods, ibhizinisi elenza ama-sauce ungomunye wabambalwa iCOVID-19 ebe yisibusiso kubona.  

UNksz uMncube, odabuka eLindelani, eThekwini, kodwa osezinze eGoli, uthe: “I-lockdown ibe yimbi futhi yaba yinhle. Eminyakeni emibili edlule ngangifisa ukuqala ibhizinisi. Ngasuka ekhaya, ngaya eGoli ngiyofuna umsebenzi ozonginika imali yokuqala ibhizinisi. Isifiso sokuqala ibhizinisi besikhona kodwa ngiloku ngingabaza. Eminyakeni emibili ngisebenza endaweni yokudla, omunye wo-head chef wanginika iresiphi yokwenza i-sauce. Yena wanginika isisekelo, ngase ngiloku ngizama izinto ezihlukene ukuyiphucula, ngagcina ngiphume ne-sauce yami; ngiloku ngifaka okunye, ngikhiphe okunye kuyona. Abantu bayizwa, bayithanda; bayincoma.

“Emva kwaloko kwathuleka, nganqena. Kwase kuba ne-lockdown; ngaba nesikhathi esiningi ngingenzi lutho futhi ngavaleka. Yingaleso sikhathi lapho ngizibuze khona ukuthi kwakuyokwenzekani ukuba ngaliqala ibhizinisi; ngavele nganokukholwa ukuthi laliyoba yimpumelelo.” kukhumbula yena.

“Ngesikhathi izwe livaliwe ngivele ngazitshela ukuthi uma kubuyelwa emsebenzini, ngayo yonke imali yama-tip, ngizoqala (ibhizinisi). Kuthe emva kwamasonto amabili kuvuliwe emsebenzini, ngathola amabhodlela namalebula e-sauce yami. Kanti abantu bayayithanda, bayayincoma.”

UNksz uMncube wenza izinhlobo ezintathu ze-sauce, okuyiChilli Jar, iSaucy Mild neSaucy Hot. Uthi umsebenzi i-sauce ususimeme, waze wengeza nama-wings. “Kuma-sauce ami angisebenzisi ma-preservative nama-additive kanti ngisebenzisa i-sunflower (ubhekilanga). I-sunflower ilungele inhliziyo; abantu abaningi bazi ukuthi ukalakateni awulungile, yi-olive oil elungile kanti loku kuyiphutha ngoba i-olive oil eningi ixutshiwe kanti elungile yileyo engaxutshwe nalutho.

Izinhlobo ezehlukene ze-sauce yaseSaucy Foods

“Kuma-sauce ami ngisebenzisa ulamula, ugaligi no-anyanisi, izithelo namaveji okunempilo,” kuchaza yena.

Ufinyelele kanjani emakhasimendeni akhe ngesikhathi kuvalwe izwe? “Amakhasimende ami bengifinyelela kuwona ngo-Uber Connect. Enye indlela bewukudiliva; bebefika lapho ngihlala khona.

“Kuthe ngokuxegiswa kwemigomo yokuvalwa kwezwe, amanye amakhasimende abefika lapho ngisebenza khona. Ngibe nenhlanhla yokwesekwa wumqashi wami (i-restaurant),” kusho le ntokazi ehlala eMarshalltown nesebenza eMontecasino eFourways, enyakatho yeGoli.

Okwamanje uNksz uMncube, oneminyaka ewu-40, uthi usizwa yindodana yakhe eneminyaka ewu-17. Imsiza ngama“Prep Day”, izinsuku zokulungisa, ukugeza nokucwecwa ulamula, ugaligi no-pepper nokukala ukuthi kudingeka okungakanani ukwengeza emkhiqizweni.

Into enkulu, nemgeza ubebebe, uthi “wukubona ubuso bamakhasimende (ngemva kokuzwa i-sauce). Kuyangijabulisa. Indlela abantu abayithakasela ngayo nendlela abayemukela ngayo, iyangijabulisa.

“Enye into ibhizinisi elingifundise yona wukuthi ngizazi. Bengingazi ukuthi ngikwazi ukwenza into engaka, enjena… Ngelinye ilanga ngake ngaya eKatlehong, ngasebenza kwaze kwaba wu-2 entathakusa. Ngasuka lapho ngagoduka, ngafika endlini, ngenza inkomishi yekhofi, ngathi uma ngiyiqeda ngaqala ngaqoba, ngacwecwa kwaze kwaba ngo-11 ekuseni. Emva kwaloko ngayo komunye umcimbi, ngasebenza kwaze kwaba wo-10 ebusuku. Bengingazi ukuthi nginomfutho ongaka,” kusho yena.

Uthi iyabonakala imali kodwa akakaziholeli ngenxa yokuthi usafuna ukukhulisa umsebenzi. “Imali engenayo, ngiyitshala ebhizinisini. Ngizoqhubeka kanjalo kuze kuphele noma yizinyanga eziyisithupha, ngize ngikwazi ukuthenga i-blender kaR12 000 nezinye izinto zokusebenza.”

I-Chilli Jar ewu-230ml no-250ml weSaucy Mild neSaucy Hot kubiza uR50.

Uthi kwabangekho eGoli, uyadiliva. “Ngidiliva ikakhulu eThekwini naseCape Town. Ngisizwa wudadewethu abantu abathola ama-oda kuyena.”

Isifiso sakhe esikhulu wukubuyela “ekhaya” eLindelani ayoliqhuba khona ibhizinisi. “Ngifisa ukuba ne-takeaway eLindelani. Ngifisa ukugcina nginendawo enkulu yokudla, sekukhona nendawo yokukhiqiza i-sauce yami. Okunye, ngifisa ukuyibona isesezitolo ezinkulu,” kuphetha yena.

Facebook: SaucyFoods

Instagram: Saucyfoods2020

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page