Kusasa uNgqongqoshe wezeziMali uMnu uTito Mboweni uzokwethula isabelomali saphakathi nonyaka, iMedium-Term Budget Policy Statement. Singalindelani kulesi sabelomali? USLINDILE KHANYILE uyabika
BEKUFANELE ngabe isabelomali sizokhombisa ukuzinikela kweNingizimu Afrika ekufukuleni umnotho ngokuthi kube khona imali ebhekile ezokwabelwa ukuthuthukisa ingqalasizinda kodwa kunaloko uNgqongqoshe wezeZimali uMnu uTito Mboweni uzoqhubeka nokubopha izifociya.
Basho kanje osomnotho abaxoxe noMbele mayelana nokuthi kungalindelwani kwisabelomali esizokwethulwa wuMboweni kusasa. Labo somnotho bathe uMboweni bekumele aphume ayoboleka kodwa usecacisile ukuthi usazophikelela nokuzama ukonga.
UMnu uDuma Gqubule, usomnotho ozimele, uthe kumele kutholakale indlela yokunciphisa isikweletu sakwa-Eskom kodwa akucaci ukuthi loku kuzokwenzeka kanjani. Le nkampani ephehla ugesi ikweleta uR450 billion.
UGqubule uthe akalindele lutho olutheni kwisabelomali sikaMboweni ngaphandle kokuthi uzoqhubeka nokunciphisa imali esikhundleni sokutshala imali ekuthuthukiseni ingqalasizinda.
NoMnu uSiphamandla Mkhwanazi, usomnotho eFNB, uvumelane noGqubule. Uthe uMboweni ubhekene nenselelo yokuthi kumele kuqhutshwe izibonelelo kodwa futhi kukhona ezinye izinto okuzofanele zime.
“Inkinga wukuthi sizosivala ngani lesi sikhala sikaR300 billion ongangenanga? Lokho singakwenza ngokunyusa intela noma ukunciphisa ukutshala imali – kokubili okungezona izisombululo,” kubuza yena.
Uthe kuyacaca ukuthi kusazofanele iNingizimu Afrika iqhubeke nokuboleka. Okwamanje elakuleli likweleta imali engu-69.4% wenani lomnotho noma iGDP.
“Loku kwesikweletu wusizo lwesikhashana, kuzofanele sithole indlela yokubuye siphume kulesi sikweletu. Alikho kahle-hle inani lwesikweletu ongathi lifanele; kuphela into emqoka wukuthi imali uma isibolekiwe isetshenziswa kanjani, inkinga yethu thina wukuthi asiyisebenzisi kahle imali,” kusho uMkhwanazi.
UMnu u-Isaac Matshego, usomnotho eNedbank, uthe uhulumeni kuzomele aboleke imali ukuze kuvuselelwe umnotho. Uthe ukuba phezulu kwesikweletu akuyona into embi kangako ngoba vele yiyona ndlela yokukhulisa umnotho.
Naye uthe okumqoka ukuthi imali uma isibolekiwe isetshenziswa kanjani.
“Kumele siboleke imali ukuze kutshalwe imali emnothweni. Kodwa uma ubuka indlela okwenzeka ngayo kwa-Eskom, igcine imali ebolekiwe isingaphezulu kakhulu futhi ayisetshenziswa kahle njengoba kumanje u-40% weMedupi ungasebenzi,” kusho yena.
USolwazi Chris Malikane, usomnotho waseWits University, uthe uMboweni uzoqhubeka lapho ayegcine khona kuqala ngokuthi abophe izifociya njengoba ethe kukhona izinhlelo ezingeke ziqhubeke futhi nemiholo ngeke inyuswe kanti nezikhala ngeke zigcwaliswe.