UDkt uMatome Moloto uwudokotela nomlimi

Isithombe: Sithunyelwe

Ukungawutholi umsebenzi kukamfowabo emva kokufundela ukukhiqizwa nokunakekelwa kwezilwane kuholele ekutheni udokotela agcine esewumlimi, uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UMA engelaphi iziguli lapho esebenzela khona uDkt uMatome Moloto, usuke esepulazini lakhe elikhulisa futhi lidayise izinkukhu, izimbuzi, izinkomo nezingulube. Izithelo zona bazitshalela ukuzidlela bona bewumndeni, abazidayisi.

UDkt Moloto, oneminyaka engu-38, une-surgery kanti ubuye abambe nasezibhedlela zikahulumeni. Le nsizwa yaseTzaneen, eLimpopo, ithi ukukhula ekhaya lapho kwakuhlushekwa khona kushode ngisho ukudla, yikona okwaqala kwamenza azihluphe ngokufuna ukuqonda kabanzi ngokusebenza komhlaba.

“Ngangingaqondi ukuthi ngoba izinto ziyatshalwa kungani singazitshaleli ukudla kwethu ukuze sizoyeka ukuhlupheka njengoba sasize sikhale ngoba siswele ukudla. Umhlaba ikubo kwawo emakhaya, awudingi ilayisensi ukuze uqale ukutshala futhi awudingi imali eningi ukutshala ukudla ngoba imbewu ayibizi kodwa yilapho kuhlushekwa khona,” kusho yena. 

Kodwa okugcine kumsukumisile uDkt uMoloto wukuswela komfowabo umsebenzi emva kokuthi eqeqeshelwe umsebenzi. 

“Umfowethu wenza izifundo ze-Animal Production, kwathi emva kwaloko wathola ithuba lokuqeqeshwa isikhathi esincane kwenye yezinkampani ezinkulu kodwa emva kwaloko akazange aqashwe. Wahlala ekhaya ngaze ngambuza ukuthi akangichazele ngomsebenzi wakhe. Ngase ngithi asiqale kancane, saqala ngokufuya izinkomo. Yena usebenza ngokugcwele epulazini.

“Sithe ukuphazamiseka ngenxa yeCOVID-19 kodwa ngokujwayelekile sidayisa izinkukhu eziwu-2 000 ngenyanga. Sisamile ekudayiseni amaqanda kodwa sizobuyela kungekudala,” kusho uMoloto.

Ipulazi lakhe liqashe izisebenzi eziyisikhombisa ezisebenza ngokugcwele kanti useneminyaka ewu-10 aliqala.  Uthe manje inhloso sekuwukukhulisa umsebenzi ukuze imikhiqizo yabo igcine isifinyelela nasezitolo ezinkulu ngoba okwamanje badayisela kakhulu abantu bendawo. 

“Kunezinto umuntu esaqala abengazinaki futhi engazazi; yingakho manje sizihluphile nangokuthi sithole ulwazi kahle futhi umsebenzi siwunakekele ngendlela. Umsebenzi wasepulazini ufundisana isineke futhi kufanele izilwane uzinakekele ngendlela onakekela ngayo abantwana bakho futhi ukukhumbule ukuba khona uma ungekho.

“Ngiyaye ngiphatheke kabi nje uma ngibona kubuyiselwa umhlaba kunikwa abantu abanganendaba nokulima uze ubone ukuthi abaqinisekisi nanokuthi kuhlanzekile kulowo mhlaba. Namakhosi nezinduna kwezinye izindawo emakhaya enza kube lukhuni ukuthi sithole umhlaba,” kukhala yena.

Uthe uyaziqhenya kakhulu ngokuthi umsebenzi abakaze bawuwise emva kwayo yonke le minyaka nokuthi kunabantu imindeni yabo ekwaziyo ukuxosha ikati eziko ngenxa yaleli pulazi.

“Uma umuntu esebenza ubuyelwa yisithunzi nokuyinto ebalulekile. Okwamanje mina engithembele kukona ukuze ngiphile ukuba wudokotela ngoba ayitheni inzuzo esiyenzayo epulazini kodwa ngizitshele ukuthi loku engikwenzayo wukuphemba into ezothi lapho ikhula khona, ngikwazi ukushiyela abantwana bami okuthile ngoba ukuba wudokotela yinto engingeke ngibashiyele yona ngoba isitifiketi ngesami,” kuphetha uDkt uMoloto, onezingane ezintathu.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page