UDkt uNikiwe Buthelezi-Majola wenza izicathulo ngezandla

Izithombe: Zithunyelwe

Usheba ubudokotela nokuthunga izicathulo. Uxoxe noZIMBILI VILAKAZI ngala mawele awancelisayo

IPHUPHO lakhe elikhulu wukuthi ngelinye ilanga abone umsebenzi wakhe wezandla usudayisa ezitolo ezinkulu ezweni lonke kanjalo nakwamanye amazwe.

UDkt Nikeziwe Buthelezi-Majola, oneminyaka ewu-36, usheba umsebenzi wakhe wobudokotela esibhedlela esiseShowe, enyakatho yeKwaZulu-Natali, nebhizinisi lakhe lokukhrosha izicathulo.

“Iphupho lami wukuthi ngigcine sengidayisela izitolo ezinkulu ezweni lonke, kanjalo nasemazweni angaphandle imbala,” kusho yena.

Uthi okwamanje udayisela labo asondele nabo okubalwa asebenza nabo esibhedlela, abangani, umndeni, izihlobo “kanjalo nomakhelwane balapho ngihlala khona ngokomsebenzi, isekhaya nalapho ngiganele khona”, kusho uDkt uButhelezi-Majola.

UDkt uButhelezi-Majola uma engakhroshi, usuke efake izipopolo

Leli bhizinisi uthi uliqale ngo-2016 emva kokugqugquzelwa wuNksz u-Aphelele Nzuza amjwayela kakhulu emva kokuba yikhasimende lakhe elihamba phambili.

“Wavele wangibuza nje ukuthi ngoba nginothando lwalezi zicathulo, kungani ngingamvumeli ukuthi angifundise ukuthi zikhroshwa kanjani ukuze nami ngizoqala ngizikhroshele bese ngizakhela imadlana? Nangempela ngavumela phezulu, ngaqala lapho ukubeka imali yokuthenga izinto zokwenza ngabe senginikela kuye ukuthi angifundise,” kukhumbula yena.

Uthi ziba khona izikhathi ezinhle kanjalo nezimbi uma unebhizinisi. “Njengokuthi nje amakhasimende aweve ekuthakasela ukubona izicathulo zawo uma sengiwahambisela. Ngize ngibone ukuthi cha impela umuntu wenelisekile ngomsebenzi engimenzele wona, lokho-ke kuyajabulisa,” kusho uDkt uButhelezi-Majola.

“Okuba kubi ngezinye izikhathi ukuthi ngiye ngithole umuntu othi ufuna izicathulo ezikhroshwe ngendlela ethile, kuthi uma sengiqedile ukukhrosha avele abeke izaba ezithile agcine engasathenganga. Lapho kuye kube nzima ngoba imvamisa awube usamthola umuntu ozothanda lolo hlobo lwezicathulo, bese kuba wukuthi impahla isimoshekile.

“Okunye futhi okuba yingqinamba engibhekana nayo ukuthi ngizenze izicathulo, ngimhambisele, azithande, azithathe, kuthi uma sekufanele azikhokhele, avele angabe esayingena eyami. Lapho kuba buhlungu kakhulu ngoba ayikho into engemnandi njengokulokhu ubasela imali yomsebenzi wezandla zakho kumuntu,” kusho uDkt uButhelezi-Majola.

Uthi kuzona zonke izinselelo abhekana nazo kuyamkhuthaza ukwazi ukuthi usebenzela ukujabulisa amakhasimende akhe.

“Ukujabula kwamakhasimende ejatshuliswa wukuthenga into eyehlukile nakho kuyajabulisa – ukuthi  ngiyakwazi ukuwanika into eyehlukile njengoba esuke elangazelela ukwehluka,” kusho yena.

Uyaqonda ukuthi akukho lula ukuqala ibhizinisi ngoba kunezinto ezithile okumele uzibhekisise okubalwa imali, ukulikhangisa, nokuthi abanye abantu bakutshela ngqo into abasuke beyifuna.

“Lapho ke  wena njengosomabhizinisi kumele uqinisekise ukuthi ubanika lokho abakufunile kunjengoba kunjalo,” kusho uDkt uButhelezi-Majola.

UDkt uButhelezi-Majola etshutsha inaliti ekhaya

Okwamanje akanabo abantu abamsebenzelayo njengoba ezikhroshela ngokwakhe ngezinsuku zakhe zokuphumula uma engekho esibhedlela. 

Uthi akaze angayicabanga kangako indaba yokuqasha abantu ukuthi bamsebenzele. Akufisayo wukuthi ngelinye ilanga naye enze njengoNksz uNzuza, owamfundisa ukukhrosha: naye afundise abanye abantu abafisa ukuzakhela amasentshana.

Uthi iCOVID-19 imhlukumeze kakhulu ngoba lapho ethenga khona impahla bekuvaliwe engakwazi ukuthenga. 

Uthi okunye wukuthi amakhasimende abengekho nhlobo ngenxa yemibandela yokuvalwa kwezwe kodwa-ke manje akusafani – sekuyaqala kuyasebenzeka.

Facebook: Nike Khanyisa Majola

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page