UNksz uRefiloe Mocwa uyasimama kwezemfashini

Izithombe: Zithunyelwe

UKUKHULA ebona abazali bakhe bengathembeli nje emisebenzini abaqashwe kuyona kuphela kumkhuthazile ozakhela igama kwezemfashini. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

IGAMA elithi Refiloe Mocwa liyakhula kwezemfashini futhi izimpahla zalo ziyahlonishwa njengoba kukhona ngisho nezokulala zikaNokusho. 

Lo somabhizinisi ofufusayo kwezemfashini unyelwe yinyoni esandleni kulo nyaka ngenkhathi ethola ithuba lokugqokisa usaziwayo nowusomabhizinisi ohlonishwayo eNingizimu Afrika uNkk uBasetsana Kumalo nomculi uBerita.

Lokhu akuvunayo manje uNksz uMocwa yizithelo zeminyaka emihlanu njengoba eqale kule mboni ngo-2015, eseseBloemfontein, eFree State, lapho ezalwa khona. 

Unanenkampani i-Aqua Squared, yona ayisebenzisela ukusiza ama-fashion designer ukuthi azikhiqizele wona izimpahla zawo ukuze ezoqonda nohlangothi lokukhiqizwa kwezimpahla.

“Ngisebenzile kwiFree State Fashion Week kanti ngike ngangenela nohlelo lwethelevishini iRaw Silk kodwa ngasheshe ngahoxa kulona ngoba ngangikhulelwe ngaleso sikhathi.

“Emva kokusebenza eFree State nginqume ukuthi ngithuthele eGoli eminyakeni emibili edlule ukuze ngizoqonda ukuthi izinto zenziwa kanjani khona, nokunginike nethuba lokusebenza kwiSA Fashion Week. Kanti ngithe senginelesekile ngolwazi ngase ngigxila ekukhuliseni umsebenzi wami; njengoba kulo nyaka ngiqale nebhizinisi lefenisha, ngathola nethuba lokugqokisa usisi uBassie nomculi uBerita,” kusho uNksz uMocwa. 

Uthi wazi eneminyaka eyisishiyagalombili ukuthi angathanda ukungena kwezemfashini ngesikhathi ebukela uhlelo iSelimathunzi; ebona izimpahla ezithungwe wuDavid Tlale, wachazeka. 

“Kwangisiza ukuthi abazali bami akuyona into abayixwaya uma ngibatshela ukuthi yiphupho lami leli,” kusho yena.

Nokho yiphupho okungabanga lula ukuthi lifezeke njengoba ngemva kokuphothula umatikuletsheni waqala wafundela ukuhlela imicimbi ngoba yayingenele imali yokuthi ayofundela i-fashion design kulesi sikole ayezimisele ukuyofunda kusona eKapa.

Phakathi kwabantu abagqokiswa wuNksz uRefiloe Mocwa kukhona noNkk uBasetsana Kumalo

Wasebenza ehlela imicimbi njengoba wayesebenza nakwiMacufe kanti waze waba nane-metered taxi, ukuzama ukwandisa imali ayingenisayo.

“Ngangiyibeka imali engeniswa yitekisi nokwathi ngokuhamba kwesikhathi ngayidayisa ngase ngiyihlanganisa ukuze ngiyofundela ukuba yi-fashion designer. Ngigcine ngifunda kwesinye isikole esiseBloemfontein engangingazi ngaso,” kusho uNksz uMocwa.

Namhlanje inkampani yakhe iqashe abantu abawu-11. UNksz uMocwa ukhule nodadewabo nomfowabo; bekhuliswa wunina noyise, osanda kudlula emhlabeni.

“Kungisizile ukubona umama nobaba behlale benezinto abazenzayo eceleni. Seloku kwathi nhlo ekhaya kune-tavern, ubaba wayenetekisi kanti umama wayehamba aye eGoli ukuyothenga izimpahla, abuye azozidayisa eBloemfontein. Wayesinika noswidi ukuthi siwudayise esikoleni. Amanye ala mabhizinisi ayehamba kahle kanti amanye ayewa; nokungifundisile ukuthi yimpilo yakhona ebhizinisini ukuthi kuyehla kwenyuke,” kusho yena.

Uthe uyafisa ukuthi ngelinye ilanga izitolo ezinkulu ezidayisa izimpahla zokugqoka zingakhetha ukukhiqiza izimpahla zazo kuleli; kunokuzilanda eChina ngoba ukholwa ukuthi lokho kungavula amathuba amaningi emisebenzi. UNksz uMocwa unabantwana ababili.

Instagram: @refiloemocwa8

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page