OSOMABHIZINISI besifazane bathole ithuba elingandele bani lokukhangisa ngemikhiqizo kwi-African Women in Leadership International Conference (i-AWLO) eRadisson Blu Hotel eMhlanga, eThekwini, KwaZulu-Natali, ngesonto elidlule.
KUFANELE iphuthunyiswe imizamo yokunciphisa igebe lokungalingani phakathi kwabesilisa nabantu besifazane e-Afrika, ngale kwaloko izwekazi lizogcina lihlulekile ukufeza loku njengokusho kwenye yezinjongo ezabekwa yiNhlangano yeZizwe. Lena yimizamo efana nokunyusa isibalo sabesifazane abafundayo, ukulwa nendluzula ebhekiswe kubantu besifazane nezingane nokubeseka ngokubacathulisa.
Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Cha.
NAMHLANJE Umbele uhlanganisa iminyaka emibili waqala ukuniphakela izindaba ezithinta osomabhizinisi abasemikhakheni ehlukene. Nakuba siyingane esacathula kodwa ziyezwakala izigi zethu, hhayi nje embonini yabezindaba kuphela kodwa nasemikhakheni ehlukene. Sinezinjongo ezinkulu ezimbili. … Read More
INTSHA engosomabhizinisi nefisa ukuba namabhizinisi ayiwuvali umlomo ngosizo eluthole embukisweni wosomabhizinisi obuhlelwe yiKhomishana yokuNcintisana iYouth in Business Exhibition eTshwane, eGauteng.
ENYE yezinto ezingahambi kahle emphakathini waseNingizimu Afrika yiloku: abesifazane yibona abathintwa kakhulu izinkinga zomphakathi ezibhekene nezwe kodwa ababambi iqhaza ngokwanele ekuzixazululeni.
NGIYADUDUZEKA kancane ukwazi ukuthi akuyona yodwa iNingizimu Afrika ebhekene nenkinga kagesi. Njengoba singene esigabeni sesine sokucinywa kukagesi ngempelasonto, i-United Kingdom (i-UK), iMelika ne-European Union (i-EU) nabo bebebhekene nezinkinga ezihlukene.
NAMHLANJE ngithi angithinte isihloko esingibindayo njengomuntu osebenza futhi ocija abantu abaningi besifazane abasebhizinisini noma abafuna ukungena ebhizinisini.
YISIKHATHI lesi lapho abantu bekhuculula khona kwazise lithwese ihlobo. Yithuba elihle lokubuyekeza futhi ukhuculule isimo sakho sezimali, ozibophezele kukho nemishwalense onayo ukuqinisekisa ukuthi ukulungele ukubhekana nanoma ngabe yisiphi isimo ongahlangabezana nazo ngalezi zinyanga ezisele onyakeni.
UQAPHELE ukuthi osomabhizinisi bamanje abayona inhlobo egqoka amasudi nezicathulo ezivalekile ebezigqokwa kakhulu yizizukulwane ezindala njengoba ebone ukuthi bakhonze amateki.
UBHALE incwadi afisa sengathi ngabe wayifunda esemncane neyayizomhlomisa njengoba ethi wake waphuphutheka ngoba engazi ukuthi ibhokile ipolitiki futhi kudliwana izithende ezinkampanini ezinkulu.
Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Yebo, ngangiphiwa ukuthi ngithenge ukudla esikoleni. Umama wayenginika nyanga zonke imali yokugibela neyokuthenga ukudla esikoleni sengifunda amabanga aphezulu. Kwesinye isikhathi abazali bami babengipha imali yokuthenga izimpahla zokugqoka ne-airtime.
KUFANELE kusetshenzwe ngokushesha ukuqinisekisa ukuthi ziyalandelwa izichibiyelo ezenziwa emThethweni wokuNcintisana ngo-2019 ukuze umnotho waseNingizimu Afrika uhlomule.
NGESIKHATHI uNksz uMolebogeng Pitso eqala ukwenza umsebenzi wokuba wumbazi wayezifunela imadlana azozijabulisa ngayo ngamaholidi kaKhisimuzi. Nokho kwathi emva kokukhulelwa wase ebawumama wagcina enqume ukuzinikela kulo msebenzi osumakhele igama entsheni yesifazane elokishini langakubo.
NGESONTO elidlule uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa wethule inkulumo enohlonze emhlanganweni weBusiness Unity South Africa waminyaka yonke.
KULELI sonto ngithanda sibheke ukuthi yini eyenza osomabhizinisi abaningi abasafufusa eNingizimu Afrika bangaphumeleli emabhizinisini abazama ukuwaqala. Ziningi izizathu ezidala lokhu.
UMNYANGO wezoLimo, ukuVuselela uMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya usuthembise iPhalamende ukuthi ukuchibiyela umthethosivivinyo obhekelela imikhiziqo yezolimo i-Agricultural Products Standards Amendment Bill kuzosiza abalimi abasafufusa abahluleka wukuthola amakhasimende kalula.
NJENGOBA iNingizimu Afrika iqala isonto iMoney Smart Week, kubalulekile ukubuka ukuthi singabathengi siyiphatha kanjani imali yethu. Kuyaziwa ukuthi abathengi baseNingizimu Afrika baxakwe yizindleko zokuphila ezinyuka mihla namalanga.
NAKUBA ekhule ewuthunjana, kunamabhizinisi futhi kunesithabathaba esinamagumbi okulala ayisithupha kubo kodwa uMnu uDuma Ngcobo, i-chief operating officer yaseTracker Connect, waqala ukuba nekamelo eneminyaka ewu-16.
SEKUPHELE uhhafu wonyaka seloku kuqale ukusebenza komthetho i-Property Practitioners Act kodwa lo mkhakha usaxakwe yizinkinga ezinjengokugqoza koshintsho ukuze abantu abamnyama bathole amathuba, ubandlululo futhi kuselikhuni ukuthola amakhasimende.
Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Yebo, ngangiphiwa.
Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Yebo, ngangiphiwa.
UHULUMENI kuzodingeka uphucule indlela olekelela ngayo izakhamuzi uma kunezinhlekelele futhi kufanele izinhlaka zikahulumeni zisebenzisane kangcono kunendlela ezenza ngayo okwamanje.
ABANIKAZI bamabhizinisi asafufusa bathi kufanele yande imikhankaso yokufundisa abantu ngosuku olubungaza osomabhizinisi iWorld Entrepreneurs’ Day. Lolu suku lungomhla ka-21 Agasti kodwa abantu abaningi eNingizimu Afrika nabanye osomabhizinisi bebengazi ukuthi lukhona usuku olumqoka kangaka.
NGESONTO elidlule osomabhizinisi babenomhlangano ohambe kahle neNational Energy Crisis Committee (iNECOM) lihambisana nabanye abaholi bamabhizinisi. I-NECOM isungulwe wuMengameli uCyril Ramaphosa njengengxenye yokuxazulula inkinga kagesi.
SIQALE isonto ngezindaba ezithi owayeyisikhulu esiphezulu eTransnet uMnu uBrian Molefe nowayewumphathi wezimali uMnu u-Anoj Singh bavele enkantolo yamacala abucayi ngenxa yezinsolo zokukhwabanisa izigidi zamarandi ngesikhathi le nkampani kahulumeni ithenga izitimela.
KUSUKELA esemncane ubezithanda ezolimo kanti nokukhuliswa wugogo owayezifela ngezolimo kwenza wazithanda kakhulu. Kwasheshe kwamcacela ukuthi wumkhakha lona obalulekile empilweni yomuntu.
EFUNDA uMatikuletsheni wayazi kahle kamhlophe ukuthi akufuni ukuba wuthisha ngenxa yokuthi wayezalwa wothisha futhi ezalwa nabo. Nakuba ayazi ukuthi ufuna ukusebenza kwandabazabantu, ngenxa yokubukela kubaba wakwamakhelwane owayenomuzi omuhle futhi eshintsha ubutsetse bezimoto, kodwa wagcina ewubuthisha.
UKUXAZULULA inkinga yokungcola ngakubo uMnu uKgabo Pila noyise bazisukumela baqala inkampani yokuvuselela kabusha izinto.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo.
KUVULIWE kuleli sonto ukufaka izicelo zokuthenga amasheya ase-Old Mutual Bula Tsela ngaphansi kohlelo olwenzelwe ukunikeza abantu abamnyama ithuba i-Broad-based Black Economic Empowerment.
NGESONTO elidlule ibamba lomqondisi-jikelele emNyangweni wezeziMali ezweni uMnu u-Ismail Momoniat nomholi wehhovisi lesabelomali uMnu u-Edgar Sishi benze isethulo kwiNedlac ngohlelo abalulandelayo ngokulungiselela ukwethula isabelomali saphakathi nonyaka wezimali ngo-Okthoba.
KULELI sonto ngithanda ukuthi sibheke abesifazane abenza izinto zenzeke emikhakheni abakuyona. Kuhle esikubonayo ngoba kusho ukuthi abantu besifazane sebengene shi emabhizinisini.
UKUNGAWUTHOLI umsebenzi ngemva kokuwufundela kumenze wakhumbula uthando lwakhe lokutshala. UNksz uBongiwe Mchunu waseShowe, enyakatho yeKwaZulu-Natali, uqale ukulima ngo-2021 emva kokuphothula iziqu zokuba wunjiniyela kagesi. Ngale kothando lwakhe lokulima, uNksz Mchunu, … Read More
UMSIKI wengqephu waseDe Aar, eNorthern Cape, uNksz uFundiswa Gxoyiya kudingeke athi khumu kancane ebhizinisini lakhe ukuze aqonde kahle izifundo okwakufanele azifunde ngaphambi kokubuya nomfutho omusha.
KUYASIZA ukukwazi ukwenza umsebenzi ibhizinisi lakho eligxile kuwona. Kepha okumqoka kakhulu wukuba nendlela yokwenza umsebenzi ehlelekile, ukusebenza nabantu abafanele nokulungiselela nokuhambisana nokukhula kwenkampani. Ukungazenzi lezi zinto kungasho ukuwa kwenkampani ngoba isikhathi esiningi ebhizinisini sidliwa ngeminye imisebenzi eyinsika ekuhambeni kwezinto ngohlelo.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo, ngangiphiwa.
INSELELO ayebhekana nayo ebhizinisini aqala ngalo yiyona emkhuthazile ukuthi aqhamuke nomqondo webhizinisi lesibili okumanje likhula ngamandla futhi ancintisana kulona nezinkampani zakwamanye amazwe.
YISINYATHELO esihle ukwethula umthetho ozovumela abantu ukuthi bakwazi ukuphephela emalini yabo yempesheni ngesikhathi besasebenza kodwa bebe beqhubeka nokongela umhlalaphansi.
NGISEBENZISA isikhathi esiningi ngibonisana nabanye abalingani ngokuthi amabhizinisi angasebenzisana kanjani kahle nohulumeni nabanye abantu.
KULELI sonto ngithanda ukubongela abantu besifazane kuyinyanga yabo ngenqubekelaphambili ezikhundleni abaziphethe ezimbonini ezihlukene ngisho nakwipolitiki.
UJU alumnandi nje kuphela kodwa lunezinto eziningi ezisiza impilo njengokukuvikela ekutheni umqondo wakho ungaphazamiseki ukukhumbula izinto nokwelapha izilonda.
I-AFRIKA inabantu abaningi abasebancane nabasengakwazi ukusebenza. Loku yiyonanto eyenza ihluke futhi engadlisela ngayo ogageni amanye amazwekazi.
UKUSEBENZA embonini yokungcebeleka yinto ayithanda kusukela esafunda isikole kangangokuthi ngisho uma ayesuke ezama ukwenza ezinye izinto okungekona ukuzisebenza wayengabi nomdlandla ofanayo naba nawo uma ezisebenza. Yingakho ethe ngisho eseqede isikole akangakapholisa maseko wasungulai ibhizinisi.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo, kwakuba wu-5c kanti ngangigoloza ukuya esikoleni ngingenawo.
UWUNJINIYELA wobuchwepheshe ongakaze akujabulele ukusebenzela omunye umuntu njengoba ayengakwazi ukuba namaphupho amakhulu. Emva kweminyaka yezifundo ezinzima, Usomabhizinisi waseGoli, eGauteng, wasungula iGlo Mo Solutions esiza ngemisebenzi yekhompyUtha.
UKONGA, ukutshala imali nokulungiselela umhlalaphansi akukona okwabadla izambane likapondo kuphela. Lezi yizinto wonke umuntu okufanele azikhuthalele ukuze imali imsebenzele kangcono.
SENGIKE ngabhala phambilini ukuthi elinye lamasu aseqhulwini kwiBusiness Leadership South Africa (iBLSA) wukweseka ukuvuselela ezobulungisa.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yokuthi singenza kanjani ukwakha umnotho wethu singabantu abamnyama. Ngike ngaphakamisa emasontweni edlule ezinye zezindlela okumele sizenze ukubuyisa umnotho ezandleni zethu ngoba ngeke nangengozi laba abawukinatele bawubuyise.
ISIFISO sokuba nebhizinisi yimbewu eyatshaleka esaqeqeshelwa umsebenzi. Kwadingeka ukuthi benze ucwaningo ngokudingekayo uma umuntu ezoqala ibhizinisi olwaluyingxenye yezifundo ze-Business Management Diploma eDurban Institute of Technology, esibizwa ngeDurban University of Technology.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Bengiphiwa uma ngiya esikoleni kodwa ethe xaxa ubaba ubengifunela umsebenzi engizowenza egcekeni ukuze ngiyithole.
IZINHLANGANO zosomabhizinisi aziboni ngaso linye ngesimemezelo esisanda kwenziwa wumengameli wezwe mayelana nemizamo eyenziwayo ukuxazulula inkinga yokucima ugesi osekuneminyaka ewu-14 ikhinyabeza umnotho waseNingizimu Afrika.
Iphupho likaThulani Sicongwana wukusungula izindawo zokugunda ezisesitayeleni kuwo wonke amalokishi kanti uzoqala ngezimbili Ekurhuleni.
UHLELO lukaMengameli lokulungisa inkinga kagesi olumenyezelwe ngesonto elidlule lubalulekile. UMengameli uCyril Ramaphosa usezame ngazo zonke izindlela ukuxazulula inkinga kagesi, njengokuvulela izinkampani ezizimele indlela ukuze zibe ngabanye babaphehli bakagesi abakhulu. I-Business Leadership South Africa (iBLSA)iyawuncoma lo mzamo.
KULE ngosi ngithanda sibheke indaba yengqungquthela yomgomo ye-ANC ebingesonto elidlule. Cha, asihlaziyi ezepolitiki ngoba thina siyingosi yezamabhizinisi kodwa sonke siyazi ukuthi ezepolitiki zinomphumela ongakanani emabhizinisini.
UWUMUNTU othi uma esebonile ukuthi akwenzayo akumsebenzeli bese eyasukuma athathe izinyathelo zokukushintsha ukuze ezothola umphumela awufisayo. Yiwona lowo mqondo omgqumgquzele ukuthi asungule ibhizinisi elingelinye lalawo asefike kwezakala embonini akuyona.
UTHANDO lwesikhumba nokunakekela abantu lumenza washiya phakathi izifundo zesayensi ayezenza e-University of KwaZulu-N wakhetha ukuyokwenza ezokunakekela isikhumba nempilo i-somatology ngoba ekholwa wukuthi udalelwe ukusiza abantu ngazo.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, umama wayenginika.
KUBUKEKA sengathi seziqala ukulunga izinto enkampanini kahulumeni ethutha izimpahla ngamachweba, izitimela namapayipi iTransnet. Kuleli sonto le nkampani yethule umbiko wayo wonyaka wezimali ophele mhla ka 31 ngoMashi 2022, lapho imemezele khona ukuthi yenze inzuzo ewuR5 billion.
KUBE ngcono ukukhokhelwa kosomabhizinisi wuhulumeni ngesikhathi njengoba abaningi bekhokheliwe ngezinsuku ezingu-30 ngonyaka wezimali wango-2021/22.
NGOLWESIHLANU iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) neBusiness Unity South Africa (iBUSA) bethule umbiko obuphenya ngezindlela zokuxhasa isibonelelo esingatholwa yiwo wonke umuntu ongasebenzi, i-Basic Income Grant.
NAMHLANJE ngithanda sibheke indaba yezinga lempilo esiyiphilayo singabantu baseNingizimu Afrika.
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent