Abasafufusa babonga ithuba lokukhangisa nokuthola amakhasimende amasha. UNQOBILE NDLOVU noSANDILE GWALA bayabika

OSOMABHIZINISI besifazane bathole ithuba elingandele bani lokukhangisa ngemikhiqizo kwi-African Women in Leadership International Conference (i-AWLO) eRadisson Blu Hotel eMhlanga, eThekwini, KwaZulu-Natali, ngesonto elidlule.

Izikhulumi engqungqutheleni zithe akubhukulwe ngokuphindiwe ukuthuthukisa abantu besifazane e-Afrika. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUFANELE iphuthunyiswe imizamo yokunciphisa igebe lokungalingani phakathi kwabesilisa nabantu besifazane e-Afrika, ngale kwaloko izwekazi lizogcina lihlulekile ukufeza loku njengokusho kwenye yezinjongo ezabekwa yiNhlangano yeZizwe. Lena yimizamo efana nokunyusa isibalo sabesifazane abafundayo, ukulwa nendluzula ebhekiswe kubantu besifazane nezingane nokubeseka ngokubacathulisa.

UMUNTU WUMUNTU NGABANTU

NAMHLANJE Umbele uhlanganisa iminyaka emibili waqala ukuniphakela izindaba ezithinta osomabhizinisi abasemikhakheni ehlukene. Nakuba siyingane esacathula kodwa ziyezwakala izigi zethu, hhayi nje embonini yabezindaba kuphela kodwa nasemikhakheni ehlukene. Sinezinjongo ezinkulu ezimbili. … Read More

Ibonga iyanconcoza intsha ecijwe embukisweni wosomabhizinisi. Enye yayo ixoxe noNQOBILE NDLOVU

INTSHA engosomabhizinisi nefisa ukuba namabhizinisi ayiwuvali umlomo ngosizo eluthole embukisweni wosomabhizinisi obuhlelwe yiKhomishana yokuNcintisana iYouth in Business Exhibition eTshwane, eGauteng.

Lungisa isimo sakho semali ngokubuyekeza imishwalense yakho. INTATHELI YOMBELE iyabika

YISIKHATHI lesi lapho abantu bekhuculula khona kwazise lithwese ihlobo. Yithuba elihle lokubuyekeza futhi ukhuculule isimo sakho sezimali, ozibophezele kukho nemishwalense onayo ukuqinisekisa ukuthi ukulungele ukubhekana nanoma ngabe yisiphi isimo ongahlangabezana nazo ngalezi zinyanga ezisele onyakeni.

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noDJ wodumo lwengoma ethi Amabhungu nethi Umona, u-‘DJ Thotho’, ogama lakhe langempela uLutho Pasiya, futhi oyintatheli ebhala ngokudla neziphuzo

Usemncane wawuphiwa imali noma cha?

Yebo, ngangiphiwa ukuthi ngithenge ukudla esikoleni. Umama wayenginika nyanga zonke imali yokugibela neyokuthenga ukudla esikoleni sengifunda amabanga aphezulu. Kwesinye isikhathi abazali bami babengipha imali yokuthenga izimpahla zokugqoka ne-airtime.

Wenza ezibukwayo onebhizinisi elingajwayelekile kwabesifazane. Uxoxe noTEBOGO MOKWENZA

NGESIKHATHI uNksz uMolebogeng Pitso eqala ukwenza umsebenzi wokuba wumbazi wayezifunela imadlana azozijabulisa ngayo ngamaholidi kaKhisimuzi. Nokho kwathi emva kokukhulelwa wase ebawumama wagcina enqume ukuzinikela kulo msebenzi osumakhele igama entsheni yesifazane elokishini langakubo.

Kunempikiswano ngomthetho wezolimo ohlose ukuhlomulisa abalimi abancane. UTEBOGO MOKWENA uyabika

UMNYANGO wezoLimo, ukuVuselela uMhlaba nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya usuthembise iPhalamende ukuthi ukuchibiyela umthethosivivinyo obhekelela imikhiziqo yezolimo i-Agricultural Products Standards Amendment Bill kuzosiza abalimi abasafufusa abahluleka wukuthola amakhasimende kalula.

Yize sekwashaywa umthetho okufanele ngabe usiza abadayisi bezindlu abasafufusa kodwa bathi basathwele kanzima. UTEBOGO MOKWENA uyabika

SEKUPHELE uhhafu wonyaka seloku kuqale ukusebenza komthetho i-Property Practitioners Act kodwa lo mkhakha usaxakwe yizinkinga ezinjengokugqoza koshintsho ukuze abantu abamnyama bathole amathuba, ubandlululo futhi kuselikhuni ukuthola amakhasimende.

‘Luyatotoba usizo olunikwa abakhahlanyezwa yizikhukhula kanti uhulumeni awufundanga lutho enhlekeleleni yeCOVID-19.’ USLINDILE KHANYILE uyabika

UHULUMENI kuzodingeka uphucule indlela olekelela ngayo izakhamuzi uma kunezinhlekelele futhi kufanele izinhlaka zikahulumeni zisebenzisane kangcono kunendlela ezenza ngayo okwamanje.

Abasafufusa banxusa ukuthi kufundiswe kabanzi ngosuku olubungaza osomabhizinisi. Baxoxe noTEBOGO MOKWENA

ABANIKAZI bamabhizinisi asafufusa bathi kufanele yande imikhankaso yokufundisa abantu ngosuku olubungaza osomabhizinisi iWorld Entrepreneurs’ Day. Lolu suku lungomhla ka-21 Agasti kodwa abantu abaningi eNingizimu Afrika nabanye osomabhizinisi bebengazi ukuthi lukhona usuku olumqoka kangaka.

Unoxhaxha lwezitifiketi emikhakheni eminingi osekhaleni lokuguqula indlela ezobuciko ezibukwa ngayo. Uxoxe noLANGA KHANYILE

EFUNDA uMatikuletsheni wayazi kahle kamhlophe ukuthi akufuni ukuba wuthisha ngenxa yokuthi wayezalwa wothisha futhi ezalwa nabo. Nakuba ayazi ukuthi ufuna ukusebenza kwandabazabantu, ngenxa yokubukela kubaba wakwamakhelwane owayenomuzi omuhle futhi eshintsha ubutsetse bezimoto, kodwa wagcina ewubuthisha.

IKHOMISHINI yokuNcintisana igasele emahhovisi ezinkampani zomshwalense ezisola ngokuphula umthetho. Ithi lezi zinkampani zike zibonisane ngamanani okufanele ziwakhokhise amakhasimende ngemishwalense ehlukene njengowokungcwaba, owomhlalaphansi, owezifo eziyisimbelambela, nokuphambene nesigaba 4 (1) (b) (i) soMthetho wokuNcintisana. Lezi zinkampani yiBrightRock Life, iDiscovery, iFMI yakwaBidvest Life, iHollard, iMomentum, i-Old Mutual neSanlam. I-Old Mutual neDiscovery sebekhiphe izitatimende ezithi bazobambisana nekhomishini.

I-TRANSNET Port Terminals imemezele izinkampani ezizimele ezohlunga kuzona kwezosebenzisana nazo ukuphucula amachweba aseThekwini naseNgqura. Inkontileka ezosayinwa abazokhethwa eyeminyaka ewu-25. Lezi zinkampani yi-APM Terminals AMI Management DMVEST, iChina Harbour Engineering Company Ltd and Guangzhou Port, iCOSCO Shipping, iDP World Limited, iGlobal Ports Services, iGrindrod Freight Services and Hamburger Hafen Und Logistik Atkiengesellschaft, i-International Container Terminal Services, iRed Sea Gateway Terminal and MMC Port Holdings Sdn BhD, iStar Classic Investments Limited and Abu Dhabi Ports, iTerminal Investment Limited and Remgro Limited ne-APM Terminals AMI Management DMCEST.

Nakuba akhula efisa ukuba wumlimi, ufundele omunye umsebenzi ogcine ephelele ekulimeni. Manje uthemba imvula ngezithelo zomhlabathi. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUNGAWUTHOLI umsebenzi ngemva kokuwufundela kumenze wakhumbula uthando lwakhe lokutshala. UNksz uBongiwe Mchunu waseShowe, enyakatho yeKwaZulu-Natali, uqale ukulima ngo-2021 emva kokuphothula iziqu zokuba wunjiniyela kagesi. Ngale kothando lwakhe lokulima, uNksz Mchunu, … Read More

Kwamsiza ukuba nabamcathulisayo osekhulise enye yezinkampani ezihlonishwayo kwezokukhangisa nokuxhumana. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUYASIZA ukukwazi ukwenza umsebenzi ibhizinisi lakho eligxile kuwona. Kepha okumqoka kakhulu wukuba nendlela yokwenza umsebenzi ehlelekile, ukusebenza nabantu abafanele nokulungiselela nokuhambisana nokukhula kwenkampani. Ukungazenzi lezi zinto kungasho ukuwa kwenkampani ngoba isikhathi esiningi ebhizinisini sidliwa ngeminye imisebenzi eyinsika ekuhambeni kwezinto ngohlelo.

Imizamo emisha yokugqugquzela ukuthi abantu bakuhlelele kahle ukuthatha umhlalaphansi ukuze bangahlupheki. USLINDILE KHANYILE uyabika

YISINYATHELO esihle ukwethula umthetho ozovumela abantu ukuthi bakwazi ukuphephela emalini yabo yempesheni ngesikhathi besasebenza kodwa bebe beqhubeka nokongela umhlalaphansi.

Ungoti wezemfundo nobuchwepheshe uthi intsha iyinsika ekukhuleni kwe-Afrika, inqobo nje uma izokwesekwa ngezindlela ezifanele. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

I-AFRIKA inabantu abaningi abasebancane nabasengakwazi ukusebenza. Loku yiyonanto eyenza ihluke futhi engadlisela ngayo ogageni amanye amazwekazi.

Ungenisile embonini yezokungcebeleka ogxile kwezamafiliimu. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUSEBENZA embonini yokungcebeleka yinto ayithanda kusukela esafunda isikole kangangokuthi ngisho uma ayesuke ezama ukwenza ezinye izinto okungekona ukuzisebenza wayengabi nomdlandla ofanayo naba nawo uma ezisebenza. Yingakho ethe ngisho eseqede isikole akangakapholisa maseko wasungulai ibhizinisi.

Usaloku eyibambile owaphuma esikoleni esewusomabhizinisi njengoba esenezikhondlakhondla zamakhasimende. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ISIFISO sokuba nebhizinisi yimbewu eyatshaleka esaqeqeshelwa umsebenzi. Kwadingeka ukuthi benze ucwaningo ngokudingekayo uma umuntu ezoqala ibhizinisi olwaluyingxenye yezifundo ze-Business Management Diploma eDurban Institute of Technology, esibizwa ngeDurban University of Technology.

Abamabhizinisi behlukene ngemibono ngokudingeka kwenziwe ukulungisa i-Eskom. INTATHELI YOMBELE iyabika

IZINHLANGANO zosomabhizinisi aziboni ngaso linye ngesimemezelo esisanda kwenziwa wumengameli wezwe mayelana nemizamo eyenziwayo ukuxazulula inkinga yokucima ugesi osekuneminyaka ewu-14 ikhinyabeza umnotho waseNingizimu Afrika.

Ungene kwazwakala embonini yezokukhangisa ongazibekile phansi nangamakhasimende amakhulu. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UWUMUNTU othi uma esebonile ukuthi akwenzayo akumsebenzeli bese eyasukuma athathe izinyathelo zokukushintsha ukuze ezothola umphumela awufisayo. Yiwona lowo mqondo omgqumgquzele ukuthi asungule ibhizinisi elingelinye lalawo asefike kwezakala embonini akuyona.

Umashayandawonye nothando lokuba yivulandlela kumenze waqala ibhizinisi endimeni okungelula ukungena kuyona. Uxoxe noSANDILE GWALA

UTHANDO lwesikhumba nokunakekela abantu lumenza washiya phakathi izifundo zesayensi ayezenza e-University of KwaZulu-N wakhetha ukuyokwenza ezokunakekela isikhumba nempilo i-somatology ngoba ekholwa wukuthi udalelwe ukusiza abantu ngazo.

Nakuba kusekuningi okunye okudinga ukulungiswa ngezitimela kepha kuntwela ezansi eTransnet. INTATHELI YOMBELE iyabika

KUBUKEKA sengathi seziqala ukulunga izinto enkampanini kahulumeni ethutha izimpahla ngamachweba, izitimela namapayipi iTransnet. Kuleli sonto le nkampani yethule umbiko wayo wonyaka wezimali ophele mhla ka 31 ngoMashi 2022, lapho imemezele khona ukuthi yenze inzuzo ewuR5 billion.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page