Isabelomali samaphoyisa asikhombisi ukuthi izwe lizimisele ukulwa nobugebengu, kuloba uJabulani Sikhakhane
UKUTHOLAKALA kwezidumbu eziyisishiyagalombili zabantu besifazane e-Ekurhuleni kukhombisa ingozi yokubopha wonke umuntu ngebhande elilodwa uma kuncishiswa iSabelomali wena owabona umuntu egunda utshani.
Uhulumeni uneminyaka engaphezu kweyishumi unciphisa imali oyisebenzisa ukuzama ukwehlisa ukuboleka, izindleko zako esezingaphezu kwemali esetshenziswa kwimfundo.
Nokho indlela ukunciphisa iSabelomali okwenziwa ngayo njengoba kuvele sekudale izinkinga eziningi ngezidingo ezihlinzekwa wuhulumeni, okubalwa kuzona imfundo, ezempilo nezobulungisa.
Le minyango yomithathu – owemfundo, owezempilo newezobulungisa – yiyona edla imali kahulumeni eningi uma kubhekwa isamba semiholo. Loku kungenxa yokuthi imisebenzi eyenziwa khona idinga isibalo esikhulu sabantu. Enye imbangela wukuthi, yimisebenzi ehlinzekwa kakhulu mahhala kanti abantu abahlwempu eNingizimu Afrika bathembele kuyona.
Kepha njengoba washo umbiko owakhishwa yiSouthern Centre for Inequality Studies (iSCIS) eseWits University ngo-2022, ukuhlinzeka lezi zidingo “kuthathwa njengento ewumgogodla wokuthuthukisa inhlalakahle nezomnotho emphakathini”. Loku kumqoka kakhulu ezweni elifana neNingizimu Afrika lapho ububha, ukuntuleka kwemisebenzi nokungalingani kuphezulu kakhulu.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/02/26/isikweletu-sikahulumeni-sizokwehla-ngor12-4-billion-ngo-2025-26/
Yileyo-ke inselelo ngemizamo kahulumeni yokuzama ukunciphisa izindleko ngendlela okholwa wukuthi yiyona efanele futhi nengakwazi ukumelana ngayo nazo.
Kuyiqiniso ukuthi kuwubudedengu ukuboleka imali noma kanjani. Kepha nokunciphisa izindleko ngendlela eyenza kubelukhuni ukuhlinzeka izidingo, okuzwela kakhulu kubantu abahlwempu nokuyibona abathembele kakhulu kulezi zidingo, nakho kuwubudedengu.
Umbiko weSCIS wathi isibalo samaphoyisa ayeqashiwe sanyuka safinyelela ku-200 000 ngo-2010 (ngesikhathi isibalo sabantu ezweni sasingaphansana kwango-60 million), unyaka iNingizimu Afrika eyayinemidlalo yeNdebe yoMhlaba yebhola. Akubuzwa ukuthi ukwandisa isibalo samaphoyisa kwakuwumbandela wokwenza lo mqhudelwano. Kwabawukufulathela nje kweFifa, sancipha isibalo samaphoyisa.
Imisebenzi yeSouth African Police Service (iSAPS) ihlukaniswa kane. Owokuqala yilona othinta amaphoyisa esiwabona egqoke umfaniswano, nokuyilona phiko olunesibalo esikhulu sezisebenzi (zaziwu-106 399 ngo-2024/25).
Olwesibili uphiko lwabaphenyi nokuyilona olunesibalo esilandelayo esikhulu (awu-37 903), lulandelwe olwabaseshi okuqashwe kulona amaphoyisa awu-7 903. Bese kuba yilolo lwezokuvikela nokuthathwa kulona amaphoyisa agada osopolitiki nezivakashi zakwamanye amazwe, okuqashwe kulona abantu abawu-5 63. Abenza imisebenzi yasehhovisi bawu-29 819. Loku kusho ukuthi bawu-187 681 abantu abaqashwe yiSAPS ngo-2024/25.

Amaphoyisa akuwona lana agcina ngokufaka umfaniswano, kukhona nagxile kweminye imisebenzi
Izibalo ezilinganiswa wumNyango weziMali ngezindleko i-2026 Estimates of National Expenditure zitshengisa ukuthi lesi sibalo sabantu abaqashwe yiSAPS siyobe singashintshile okutheni ngo-2028/29.
Kubhekwe ukuthi isibalo sezisebenzi zeSAPS sibewu-188 018. Kusho ukuthi isibalo samaphoyisa uma sikalwa ngokwesibalo sabantu ezweni siyobe sinciphile ngo-2028/29. Lokhu kukalwa ngokuthi kuthiwe iphoyisa elilodwa linakekela abantu abawu-100 000 ezweni, nokuyisikali esisetshenziswa emhlabeni jikelele.
Ukwehla kwamandla amaphoyisa eNingizimu Afrika kuzodalwa wukukhula kwesibalo sabantu ezweni. Isibalo sabantu eNingizimu Afrika sikhule sisuka ku-42,9m ngo-2002, safinyelela ku-63,5m kulo nyaka, ngokusho kwe-Statistics South Africa. Kulindeleke ukuthi sifinyelele ku-68m ngo-2030, okuyiminyaka engaphansi kwemine.
Amandla amaphoyisa – nokusho isibalo samaphoyisa uma kuqhathaniswa nesibalo sabantu okufanele awavikele – kubalulekile. Njengoba sesike sasho, isibalo esikhulu samaphoyisa esalawa abonakalayo egqoke umfaniswano, isibalo sawo esingeke sifane ngo-2028/29 nesango-2024/25.
Kunobufakazi bokuthi ukubonakala kwamaphoyisa agqoke umfaniswano ezindaweni zokuhlala, emigwaqweni nasezindaweni zokusebenza bungabunciphisa ubugebengu kodwa futhi kwenza nabantu bazizwe bephephile.
I-Institute of Security Studies inomunye umbono ngaloku. Ithi akusikona nje ukubonakala kwamaphoyisa okwenza umehluko kodwa wukubonakala kwawo ngezikhathi zengozi kakhulu nasezindaweni okudlange ubugebengu kuzona okunganciphisa ubugebengu obunendluzula. ENingizimu Afrika kunezinga eliphezulu kakhulu lobugebengu obunendluzula njengoba ukubulawa kwabantu besifazane abayishiyagalombili kusibonisa.
Isibalo sabaphenyi naso ngeke sinyuke okutheni ngo-2028/29. Kubhekwe ukuthi bazobe sebewu-38 090, nokuzosho ukukhuphuka ngo-187 esibalweni sango-2024/25. Yingakho nje kungamangazi ukuthi izinga abaseshi ababheke ukuthi bakwazi ngalo ukubona abasolwa abagcina bebekiwe amacala kuze kube adluliselwa enkantolo abasolwa ngokugebenga abantu besifazane ngonyaka lingatheni. Liwu-78% ngo-2025/26 kanti lizonyukela ku-79,5% ngo-2028/29.
Kucacile ukuthi iNingizimu Afrika ayihlinzeki izinsizakusebenza ezanele ukulwa nezinga eliphezulu lobugebengu futhi ayikakazukukushintsha loku.


