Owaziwa ngamava kwezamabhizinisi uthembisa uku‘takula’ uKhongolose KwaZulu-Natali. USLINDILE KHANYILE uyabika

UKHULUMA izinto ezingayisa izwe phambili usomabhizinisi osenqume ukungena ngokugcwele kwezombusazwe. Kepha mukhulu umsebenzi ohlalele uMnu uSandile Zungu ngoba inhlangano ebusayo i-ANC ingcole kusuka phezulu.

Uxosha ikati eziko ngobuciko obungajwayelekile oseneminyaka eyibambile. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UNEMINYAKA engaphezu kwewu-20 eyiciko kodwa uzizwa sengathi uhambo lwakhe yima lusanda kuqala. Uzibona ehlukile kwamanye amaciko ngoba ucabanga ngendlela ehlukile futhi ibhizinisi lakhe liwubufakazi bale ndlela engajwayelekile enza izinto ngayo nemenza ahlale eqhamuka namasu amasha.

Zisadlangile izinkinga zokungahloniphi amalungelo ezisebenzi nabahlali emapulazini. U-LUCAS LEDWABA uyabika

IKOMIDI lasePhalamemnde lezoLimo, ukuLungiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya neKomidi lezokuQashwa nezokuSebenza asanda kuzwa indlela abalimi abangabelungu abaphatha ngayo izisebenzi ezingabantu abamnyama neziqashi emapulazini.

Uzinikele ukuthuthukisa ulwazi ngokwenzeka emkhathini ukuphucula impilo yabantu emhlabeni. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKUSEBENZA ngama-satellite nokwenzeka emkhathini yizinto ezingabukeka ziqhelelene nabantu kodwa empeleni kuningi okungama emhlabeni uma kungathiwa lezi zinto azisebenzi. Ukuziqonda kuyasiza futhi kugwema izibhicingo emhlabeni.

Kuphenywa isikhwama sempesheni i-Akani Retirement Fund Administrators. INTATHELI YOMBELE iyabika

INKAMPANI yabantu abamnyama enkulu kunazo zonke ezilawula izikhwama zempesheni i-Akani Retirement Fund Administrators ithi izothathela inhlangano elawula le mboni iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) izinyathelo zomthetho.

Sekuphase izicelo zomshwalense zikaR24bn zokukhokhela umonakalo wokutapa ngoJulayi. INTATHELI YOMBELE iyabika

UMSHWALENSE kahulumeni ohlinzekela izibhicongo iSouth African Special Risk Insurance Association (iSasria) usukhokhe uR24 billion, okuwu-80% wezicelo ezafakwa ngamakhasimende okwacekelwa phansi izimpahla zabo ngenkathi kutatshwa ngoJulayi ngonyaka odlule.

Osomabhizinisi abashayeka kutatshwa ngoJulayi ngonyaka odlule sebevuke bazithatha. USLINDILE KHANYILE uyabika

AMABHIZINISI acekelwa phansi ngenkathi kutatshwa izinto okwaqubuka ngoJulayi ngonyaka odlule asevuke qingqo. Nokho abanikazi bawo basazikhotha amanxeba futhi banovalo ngokuthi emva kwaso sonke lesi sikhathi kodwa akekho oseboshiwe futhi washushiswa.

Ababekade bewa bevuka sebedayisa izinkulungwane zezinkukhu ngenxa yothando. Omunye wabo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UTHANDO lwabo lokufuya izinkukhu lwaqala ngoSuku lweziThandani ngo-2019. Nakuba sebehlukumezeke kaningi oNkk uLebohang Dhludhlu nomnyeni wakhe uMnu uDumisani Dhludhlu kodwa babambelela othandweni lwabo lokufuya izinkukhu, olugcine luchamisele inqwaba yezinkukhu ezidida ukwenza manje.

AMANDLA OMCWANINGIMABHUKU

NGAPHAMBI kwango-2018, besekwaphenduka ikhorasi ukuthi uma umCwaningimabhuku-Jikelele esechicilele umbiko wakhe kuyabaliswa futhi kugxekwe abantu abajutshwe ukugada imali kahulumeni ngokuthi uyabehlula umsebenzi. Leli khorasi beliculwa kabili ngonyaka – uma kukhishwa umbiko … Read More

Mkhulu umsebenzi osihlalele kodwa ukuphothulwa kombiko kaZondo uyisiqalo esihle, kuloba uBusi Mavuso

NJENGOBA umbiko wokugcina weKhomishini yeJaji uRaymond Zondo usuthuliwe, sekuyisikhathi sokuthi kuthathwe izinyathelo. Kumele sivuselele isithunzi seNingizima Afrika njengezwe elingathenjwa ukuthi linomthetho osebenzayo. Iminyaka yokugwamanda amandla ombuso ngezindlela ezikhinyabeza izikhungo zikahulumeni ezakhelwe ukuqinisekisa ubulungisa nokuthi abaphethe bayaphendula, ililimaze kakhulu igama lezwe.

Owakhuliswa ngabazali abesebenza emphakathini uhamba ezinyathelweni zabo futhi ufeza iphupho lakhe nelewele lakhe eselenda. Uxoxe noLANGA KHANYILE

NGEMVA kweminyaka esebenza emkhakheni wamabhange, ukusebenzela izikhondlakhondla zamabhange amabili eNingizimu Afrika, ukudla umhlanganiso ngemiklomelo emikhulu namathuba okusebenza embonini ezimele umakadebona emkhakheni wamabhange usegxile obizweni lwakhe – ukuletha ithemba lapho amathuba eyivelakancane khona.

Usheba ubunjiniyela, imfucuza nokulima ukuphucula ezolimo oqhamuka nezindlela ezintsha zokulima. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUBANTU abaningi ukudla okonakele nomunye udoti yizinto okufanele zilahlwe ngoba zisuke zingasenamsebenzi walutho. Kepha kunomlimi imfucuza eyigugu kuye njengoba ingenye yezinto azisebenzisayo ukuqhamuka nezindlela ezintsha zokulima, ezinempilo futhi ezivikela imvelo.

Uyadlondlobala ebhizinisini ocoshe ikhono lokubaza ngokuvakashela endaweni eyakha amabhokisi omngcwabo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

NGESIKHATHI ezichithela isizungu nekhehla lasendaweni elalinebhizinisi lokungcwaba wayenganakile ukuthi kuzomholela ebhizinisini. Leli bhizinisi lakhe lokubaza selizale elinye njengoba esengene shi nakwezolimo kanti nakhona izinto zihamba kahle kangangokuthi ubona sizofezeka isifiso sakhe sokuthatha umhlalaphansi lapho eqashwe khona ngokugcwele engakabi neminyaka ewu-50.

Osomabhizinisi bancoma iTransnet ngomsebenzi wayo wokuvuselela ingqalasizinda. INTATHELI YOMBELE iyabika

UNGQONGQOSHE wamaBhizinisi kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan usencome umsebenzi owenziwe yiTransnet ukulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula ezihlasele ngo-Ephreli nangoMeyi emzileni emqoka wokuthutha izimpahla phakathi kwaseThekwini naseGauteng.

I-DURBAN Chamber of Commerce & Industry (iDDC&I) isigxeke ukuvala umgwaqo uN3 ophakathi kwaseThekwini naseGoli okwenziwe ngabashayeli bamaloli. Le nhlangano yosomabhiznisi ithe lesi senzo sicekela phansi izinhlaka zomnotho. I-DDC&I ithe akukwazi ukuthi kungaphinde kube khona enye into ezophazamisa umnotho emva kweCOVID-19, ukutapa izimphla ngonyaka odlule nokuhlasela kwezikhukhula kulo nyaka. Ithe umnotho waKwaZulu-Natali uthembele kulo mzila njengoba kuyiwona oxhumanisa abahwebi nechweba.

Ukuzifela kwakhe ngomuntuza kumholele ebhizinisini lezingane elihlukile. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UDUME ngokuthanda izingane emndenini wakhe kangangokuthi ngisho kunomcimbi kubo uyaziwa ukuthi yena unakekela izingane. Bathi abanye bezikhathaza ngokuthi konke kumi ngomumo yini ngomcimbi, yena usuke ebuza ukuthi izingane zihlinzekelwe ngakho konke yini ezizokudinga njengokudla, indawo yokulala nokunye.

Uwusosayensi ofuna izisombululo ezintsha nonentshisekelo yokufukula abantu besifazane kulo mkhakha. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

WAZI eneminyaka ewu-11 ukuthi angathanda ukuba wumuntu wesifazane wokuqala e-Afrika ukuya emkhathini kanti nakuba kungakenzeki kodwa ziloku zivelile izimpawu zokuthi yiphupho elizogcina lifezekile.

AKULUNGISI UKUMBAMBATHA

OSOMABHIZINISI abazomelana nezinselelo ezidalwe yiCOVID-19 abebevele benza izinto kahle, behlonipha ibhizinisi futhi beyibuyisela inzuzo ekukhuliseni ibhizinisi ngesikhathi izinto zisahamba kahle. Washo kanje eminyakeni emibili edlule uMnu uMax Mqadi weMax’s Lifestyle … Read More

ITheku nemizamo yokulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula emnothweni. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMASIPALA waseThekwini wethule isabelomali sango-2022/23 esibuyekeziwe uchaza ukuthi umi kuphi ngesicelo sesibonelelo osifake emNyangweni wezeziMali sokulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula ezihlasele ngo-Ephreli nangoMeyi, ezidale umonakalo olinganiselwa kuR5.8 billion.

Owakhula ebona uninakhulu oyisikhwishikhwishi esikholelwa kumakhambi emvelo uhamba ezinyathelweni zakhe ngendlela yesimanje. Uxoxe noLANGA KHANYILE

INTOMBAZANE yasemajukujukwini aseXobho, eningizimu yeKwaZulu-Natali, ikhula ayikhumbuli ibona kudliwa amaphilisi futhi kuphuzwa imithi kubo. Empeleni uninakhulu wale ntombazane namuhla esiyintokazi wayeyihebeza indaba yemithi yesilungu.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page