Ubuchwepheshe bungavulela abasafufusa iminyango eminingi. USLINDILE KHANYILE uyabika

IZINKAMPANI ezisafufusa zisala ngaphandle uma kukhulunywa ngezinto ezihlose ukuthuthukisa zona kanti abantu bezinkampani ezinkulu bayathanda ukuzikhulumela, okuyinto engalungile.

Kuklonyeliswe amaqhawe ezobuchwepheshe ngokuqamba izinto ezintsha nokuphucula impilo yabantu e-Afrika kwezokuxhumana. INTATHELI YOMBELE iyabika

KUKLONYELISWE osomabhizini bezobuchwepheshe kuma-15th Africa Tech Festival Awards, ngoLwesithathu eCape Town International Convention Centre eNtshonalanga Kapa ngoLwesithathu, usuku lwesibili lwale ngqungquthela esineminyaka ewu-25.

Abalawuli bayayibambezela imboni yobuchwepheshe, kusho izikhulumi. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUFANELE abalawuli bemboni yobuchwepheshe bashintshe indlela abenza ngayo izinto ukuze bayeke ukubambezela izinto ezintsha ezizothuthukisa imboni ne-Afrika. Leli yikhwelo elihlatshwe yizikhulumi kwi-Africa Tech Festival ebiseCape Town International Convention Centre kusukela mhla ka-7 kuya mhla ka-10 Novemba 2022.

Izosala ngaphandle i-Afrika kwezobuchwepheshe uma kungandiswa abantu abakwazi ukudonsa umoya nge-internet. USLINDILE KHANYILE uyabika

BANINGI abantu abanamaselula e-Afrika kodwa lokho kukodwa akusho ukuthi kuzokwenza bakwazi ukubamba iqhaza futhi bahlomule emathubeni azoqhamuka ngenxa yokuthuthuka kobuchwepheshe besimanje iFourth Industrial Revolution.

Kuhamba kahle ngesikhwama sempesheni sikahulumeni kodwa kufanele umnotho ukhule ukuze kuqhubeke. USLINDILE KHANYILE uyabika

ISIKHWAMA sezisebenzi zikahulumeni iGovernment Employees Pension Fund (iGEPF) sikwazile ukumelana nezinselelo ezihlasele umnotho waseNingizimu Afrika sakhula ngo-9.6% safinyelela kuR2.3 trillion ngonyaka wezimali ka-2021/22.

Kunesikhwama esisha sezigidi sokufukula abalimi abasafufusa. UTEBOGO MOKWENA uyabika

ABALIMI ababencishwe amathuba kungenzeka bahlomuhle ngoR6 billion eminyakeni eyishumi ezayo esikhwameni esisha esethulwe umNyango wezoLimo, ukuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya ngokubambisana neBhange loMhlaba.

Bavulela abantu abamnyama iminyango abanenkampani eqeqesha abashayeli bamabhanoyi. INTATHELI YOMBELE iyabika

NGENKATHI uNkk uLiana Mongetane-Petersen engena endimeni yamabhanoyi, wafica kugcwele amadoda abelungu. Loku akumthenanga amandla njengoba akhetha ukuba nento azozihlukanisa ngayo ngokungagcini ngokuba Wumshayeli wamabhanoyi kuphela kodwa ngokuphinde abewumqeqeshi kule mboni.

Umnotho waseNingizimu Afrika uzulelwa ngamanqe ngengozi entsha. USLINDILE KHANYILE uyabika

ZINGAHLE zande izinselelo ezithwalise kanzima umnotho waseNingizimu Afrika njengoba sekuvele ukuthi maningi amathuba okuthi ifakwe ohlwini okukleliswa kulo amazwe athathwa njengayigcini imiyalelo ebekwe yiFinancial Action Task Force (iFATF) elwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zobushokobezi i-grey list.

Ukuthuthuka kobuchwepheshe kusho ukuthi nezigebengu ezibusebenzisayo ziyathuthuthuka. Yazi izindlela ongazivikela ngazo, kuloba uSiyabonga Mabuza

ESIKHATHINI esiphila kusona manje, yonke into ixhumene futhi isebenza ngobuchwepheshe, yingakho ukuzivikela ngendlela efanele kwezobuchwepheshe, phecelezi i-cybersecurity, kubalulekile njengokutshala imali, ukuba namakhono ahlukene, ukuqhamuka nezinto ezintsha nokuba nabaphathi abafanele ukuze ibhizinisi liphumelele.

Othanda ukuzilawula, abantu besifazane nokuqoqa intsha wenza ifenisha yasendlini ngezinto ezilahliwe. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUTHANDA ukuba yisosha elizikhuzayo, ivuso lokuqasha abantu besifazane nokunqanda intsha yangakubo ukuthi ingangeni ezintweni ezibhedayo kwenza ukuthi asungule inkampani ekhiqiza ifenisha ngokuvuselela amathayi amadala namapulangwe.

Ngempelasonto kungcwatshwe umsunguli weKaMavuso Group, ingwazi yentatheli, umlobi neciko. Ngonyaka odlule waxoxa noMbele ngohambo lwakhe. Namhlanje siphinda sishicilela ingxoxo yakhe ukumkhumbula. UZIMBILI MAZIBUKO waxoxa naye

UTHANDO ngomlando wabantu base-Afrika nobuciko sekumvulele iminyango eminingi namathuba ebhizinisi umbhali, usomabhizinisi nentatheli esimnkantshubomvu.

Iciko elisebenzisa izihlahla ezingewona umsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika lifukula umphakathi, lethule uhulumeni umthwalo emahlombe. Lixoxe noSANDILE GWALA

UYICIKO elikholelwa wukuthi kubalulekile ukuvuselela impahla ebisithathwa njengemfucuza bese isetshenziswe kabusha. Uthi ukwenza loku kungalondoloza imvelo kuhlomule izizukulwane ezizayo.

Bebebulala inyoka abantu emcimbini wokucija osomabhizinisi. INTATHELI YOMBELE iyabika

BAPHUME ngobuningi babo osomabhizinisi nabantu kwindumezulu yomcimbi ohlanganisa osomabhizinisi minyaka yonke eThekwini iDurban Business Fair (iDBF) e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (i-ICC) naseDurban Exhibition Centre, ephele ngeSonto.

Oqale ecija ngokunakekela impilo ugcine engene ekukhiqizeni ukudla okunqanda izifo ezingamahlalakhona. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UPHOKOPHELE ukulwa nezifo ezingamahlalakhona, ikakhulukazi esikashukela. Le ntshisekelo imenze waqala ukufundisa ngokunakekela impilo kodwa ngokuhamba kwesikhathi wanquma ukufaka isandla ekusizeni abantu ukuthi bazinqande ngokukhiqiza ukudla okuzosiza ukwenza loku.

Abasafufusa bahlonyiswe ngolwazi lokusebenza nohulumeni kwiDurban Business Fair. INTATHELI YOMBELE iyabika

KUCETSHISWE osomabhizinisi abebehambele iDurban Business Fair (iDBF) ngezindlela ezilula zokusebenzisana nohulumeni ngosuku lokuqala lwalo mbukiso wosomabhizinisi oba khona minyaka yonke eThekwini, KwaZulu-Natali.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page