UKUKHIQIZA nokudayisa uju yibhizinisi elingenisa imali ngendlela emangalisayo kangangokuthi kubize uMnu uTeko Nhlapo nomlingani wakhe uMnu uKenneth Ndadza ngaphansi kukaR2 000 ukuthola isidleke sezinyoni futhi bakhiqize uju olungenise inzalo ecishe iphindaphindwe kashumi.
KUFANELE osomabhizinisi abancane bazihluphe ngokuqonda ipoliltiki nesimo somnotho ukuze babone amathuba akhona futhi baqhamuke nezisombululo zokuxazulula izingqinamba ezingahle zibakhinyabeze.
BANGABANYE babantu abalekelela iNingizimu Afrika ilwe nenkinga yokuntuleka kwemisebenzi. Kwathi uma bebona inqwaba yabafundi engamukelwa emanyuvesi nasezibhedlela eziqeqesha onesi baqhamuka nesisombululo.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa imali. Ngangiphiwa ngisesemabangeni amancane esikoleni. Kwaze kwaba ngifika e-high school sengiqala ukusebenza emajalidini.
UMNIKAZI wenkampani yezokuthutha esebenza ngobuchwepheshe uMnu uSamuel Mazibuko ukholwa wukuthi uma eke wanqoba umncintiswano we-Amstel wosomabhizinisi baselokishini maduze uzoncintisana kahle nezimbangi ezinkulu embonini akuyo.
ASIKHO isibonelo esihle esitshengisa ukubambisana phakathi kukahulumeni nosomabhizinisi esidlula loku esikubona uma kuxoxiswana nosomabhizinisi bakwamanye amazwe. Imihlangano yeWorld Economic Forum (iWEF) ebingesonto elidlule iwubufakazi balokhu.
ENGOSINI edlule ngihlabe ikhwelo lokuthi sonke singosomabhizinisi kufanele sivulele uhulumeni nenkampani ephehla ugesi u-Eskom icala ngokusibulalela amabhizinisi, okuqeda imisebenzi ezweni lethu.
AKAGCINI ngokuba wumlimi obheke elakhe ipulazi kuphela kodwa uphinde agxile nasekugqamiseni umsebenzi wabanye abalimi abancane kuwo wonke amazwe ase-Afrika.
“LOKU okubona ungaphandle ngale mboni kuyiko. Kukhonya izinkampani ezimbalwa; zingezezinye izinhlanga, zingamadlandawonye, zisebenzisana nemishwalense eyodwa. Kunzima uma ungeyena omunye wazo.”
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa. Ngoba ngangijwayele ukuba nabangani abaphuma emakhaya antulayo, ngangiyidla nabo.
NGENKATHI uninazala emfundisa ukuthunga izingubo wayengafuni nokuyizwa kodwa wafunda engakuthandi.
UMHLANGANO iWorld Economic Forum (iWEF) kuleli sonto uzohlanganisa inqwaba yosomabhizinisi nabaholi bepolitiki abazodayisa iNingizimu Afrika kubatshalimali abaqhamuka emazweni ahlukene.
ENGOSINI yanamhlanje ngifisa sikhulume kabanzi ngesimo osekuphele iminyaka ewu-15 sikusona siwosomabhizinisi – ukucishelwa ugesi mihla namalanga.
KUTHIWA lapho kunothando khona nendlela ikhona. Uthando lwezolimo yilona olukhuthaze uNksz uVicky Mhlanga, owuthisha, ukuthi athole indlela yokuthi agcine esewumlimi.
UKUQALA konyaka omusha kuhlale kuyithuba elihle lokulungisa amaphutha amadala kuwonkewonke ukuze abe nekusasa elihle ngokwezimali.
Content hosted by iono.fm
UQALE ukuzisebenza esaqashiwe ethi uyazizamela ukubona ukuthi yini engahlanganiseka. Ngokuhamba kwesikhathi wagcina esephazamiseka emsebenzini ayeqashwe kuwo ngokugcwele ngoba isikhathi esiningi wayesenaka okwenkampani yakhe.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa kodwa ngangisuke ngisebenze ngokulingisa nokusho izibongo zamakhosi akwaZulu ngisese-primary (school).
NGENKATHI uNgqongqoshe wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane uNkk uStella Ndabeni-Abrahams ethula inkulumo kwiProgressive Business Forum eNasrec, eGauteng, ngenyanga edlule wakhumbuza ababemlalele ukuthi umhlahlandlela wokuthuthukisa iNingizimu Afrika iNational Development Plan (iNDP) uthi phakathi kuka-60% no-80% wenani lomnotho uzoqhamuka emabhizinisini asafufusa.
NGIYANIBINGELELA nonke bafundi bale ngosi onyakeni omusha u-2023. Kuyintokozo enkulu ukuthi nakulo nyaka sizoqhubeka nokucobelelana ngolwazi lapho sigcine khona ngonyaka odlule ngamabhizinisi.
NGEMVA kokubambela uyise owayegula, uNks uLinda March akaphindanga wabheka emuva. Ngaleyo nkathi, ngo-2008, ezolimo kwakusewumkhakha lapho abantu besifazane nentsha beyivelakancane. Wayeqhutshwa yintshisekelo yokukhombisa ukuthi yinto angakwazi ukuyenza.
UMNU uBheki Mkhize, isikhulu esiphezulu seFNB Wealth and Investments, uhola ithimba elinomsebenzi omkhulu wokuqikelela ukuthi imali etshalwa ngamakhasimende abo iphephile, iyakhula futhi ayakuzuza asuke ekuhlosile ngayo.
NAKUBA afundi ukwelapha amehlo abantu ngenkathi efundela i-optometry kodwa kodwa udokotela osewusomabhizinisi akazange afunde ukuthi ibhizinisi liphathwa kanjani.
AMAHOLIDI kaKhisimusi aseqalile kanti ezinye zezinto ezijwayelekile ngalesi sikhathi wukuhlukanisa izitokfela. Abanye bazihlukanisa ngasekuqaleni kukaDisemba kanti abanye bazihlukanisa ekupheleni kwawo ngoba imali basuke beyongela izidingo zikaJanuwari nokuvula kwezikole.
INHLANGANO yosomabhizinisi abamnyama iBlack Business Council (iBBC) ihalalisele ubuholi obusha benhlangano ephethe izwe i-ANC, yathi kuyancomeka kakhulu ukubona isibalo sabantu besifazane abakhethiwe.
UKUSULA kwesikhulu esiphezulu e-Eskom uMnu u-André de Ruyter akumangalisi futhi ngeke kuzixazulule izinkinga le nkampani ephehla ugesi enazo.
OSOMABHIZINISI abasafufusa kufanele bazihluphe ngokucwaninga futhi bonge imali ukuze basizakale ngayo yonke indlela oshintshweni olulethwa wubuchwepheshe besimanje.
ISIKHATHI sobumnande ekade silindelwe ngabomvu sifikile. Abantu abaningi bazothatha isikhathi baphumule bakhokhe umoya ngaphambi kokuqala konyaka omusha. Kuyishwa ukuthi lesi sikhathi sonyaka sidume ngezinhlekelele ezifana nezingozi zomgwaqo nobugebengu njengoba abantu behamba, bevakasha futhi bejabula ezweni naphasheya nabangani nemindeni.
YINI umsebenzi weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) eNingizimu Afrika?
SESISONDELE isikhathi sokuphithizela ngaphambi kokuthi sihlukanise unyaka singene onyakeni omusha u-2023. Lona kube wunyaka ongemuhle neze kosomabhizinisi abaningi. Khumbula ukuthi siqale lo nyaka siphuma eminyakeni emibili ebimibi, neshiye osomabhizinisi abaningi beshayekile.
ESEYINGANE uNkk uThulisile Thokoane wayefisa ukuba wummeli noma isosha ngoba wayekholwa wukuthi yiyona ndlela yokusiza iNingizimu Afrika. Nokho ngesikhathi eba wusomabhizinisi nombhaki, uthole ukuthi uyakwazi ukusiza umphakathini ngokudayisa isinkwa nsuku zonke.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Encane uma kunohambo lwesikole. Kwakuba wuR2. Uma kube uR5 yayisuke iningi kakhulu. Ngiyakhumbula nje ukuthi uR10 ngawunikwa kanye ngifunda u-Grade 9 sihamba nesikole sengifunda amabanga aphezulu.
UKUQONGA kwamanani amafutha okupheka ngenxa yempi yase-Ukraine ngezinye zezinto ezithwalise kanzima abantu baseNingizimu Afrika. Nokho kukhona osomabhizinisi asebeqhamuke nesisombululo sokulekelela abathengi, ikakhulukazi basemalokishini.
UKUTHOLA ibhonasi yinto ejabulisa kakhu kanti yisikhathi sokuthakasela umvozo wokuzikhandla kwakho unyaka wonke. Ibhonasi futhi yithuba lokuthi sikwazi ukwenza ebesifisa ukukwenza okudinga imali. Uma sicabanga ukusebenzisa imali kumele sicabangisise.
IZINHLANGANO zamabhizinisi ahlelekile ziphokophele ukubona iNingizimu Afrika isebenza kahle. Uhulumeni uneqhaza elikhulu ekufezeni loko.
KULELI sonto ngithanda sibheke izindlela abantu abanganciphisa ngayo ukumosha imali ngoKhisimuzi noNcibijane.
UNGQONGQOSHE wokuThuthukisa uMphakathi, ezoLimo, ukuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya neMvelo eGauteng uNks uMbali Hlophe wethule amadela angomahambanendlwana ayishumi.
KUSUKELA ngoJanuwari iminyango kahulumeni izophoqeka ukufaka amabhizinisi amancane uma ikhipha amathenda. Kuzofanele ibhekele kakhulu abanikazi bezinkampani ezisafufusa abebencishwe amathuba.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Ngikhule ekhaya la imali yayibhekelela khona ukuthi kulale kudliwe qha. Okunye bekugcina. Ngisho kuhanjwa nesikole bengingena ngopotsho ebhasini, phambili ngidle (umphako wabanye).
BAQALE ibhizinisi labo ngonyaka odlule benamaphupho amakhulu okukhula. Amaphupho lawo abawabona esezofezeka njengoba besanda kudla umhlanganiso emklomelweni wosomabhizinisi abasafufusa ahlelwa yihhovisi likaMengameli iPresidential SMME Awards.
UKWEHLA kwamandla emali okuhambisana nokunyuka mawala kwemalimboleko ekubeni umnotho ungakhuli emhlabeni, ugesi ocikizelayo, imiphumela ehambisana nokufakwa kwi-grey list nokungakhuli komnotho waseNingizimu Afrika yizinto ezibeka imboni yezimali engozini enkulu ezweni.
NGENKATHI abantu nezinkampani bekhombisa ukukhathalela imvelo, ukusebenzisa ubuchwepheshe obuvikela imvelo kuya ngokuya kuba yinto ebalulekile kunakuqala. Empeleni imakethe yobuchwepheshe obuvikela imvelo inani lale makethe belingaphezu kuka$10 billion ngo-2020 kanti kulinganiswa ukuthi lizofika ku-$74bn ngo-2030. Ukonga ugesi ngenye yezinto zokuqala lapho ubuchwepheshe bunganciphisa khona umphumela wabo olimaza imvelo.
UBUGEBENGU obuhleliwe buya ngokuya buba yingozi enkulu emnothweni wethu. Benza umonakalo omkhulu ngaphezu kwemigomo emibi noma ukwehluleka ukuhlinzeka abantu ngezidingo.
SESIYA emaphethelweni onyaka. Impela u-2022 awubanga muhle neze emabhizinisini amaningi abantu abamnyama. Ziningi izinto ezingahambanga kahle.
ZIMBILI izinto eziholele umfuyi wezinkukhu nomlimi waseningizimu yaseThekwini kwezolimo – uyisemkhulu ongasekho nendawo adabuka kuyona.
AKAZIHLUPHI ngemisebenzi athi uma eyibheka abone ukuthi awukho umehluko azowenza emphakathini ikakhulukazi ukuphucula impilo yabantu abampofu. Uthi kumqoka kuye ukuthi ethi ebangenisela abanikazi benkampani imali kodwa nempilo yabantu ibe ngcono.
UMTHUNGI owakhuliswa wugogo wakhe owayebakhroshela amajezi ebusika uhamba ezinyathelweni zikagogo wakhe.
Usemncane wawuphiwa imali?
Ekhaya imali wawungaphiwa, wawuthengelwa okucelayo. Uma kwenzekile wayinikwa wumuntu, wawubuzisiswa ukuthi ubekusuke ngani maqede ithathwe kuwe ngoba kwakuthiwa ingane ethanda imali izofunda ubugebengu.
KUNOMEHLUKO omuhle endleleni okuphathwe ngayo imali kahulumeni ngonyaka wezimali u-2021/22 njengoba yandile iminyango kahulumeni ethole imibiko yezimali emihle. Nokho kusadingeka ukuthi kuqiniswe isandla ekuqikeleleni ukuthi loku kuholela ekuphuculeni indlela izidingo zomphakathi ezihlinzekwa ngayo.
EMBANGWENI yemiholo, izinyunyana zifuna kugxilwe kuphela ezingxoxweni eziphakathi kwezisebenzi nabaqashi. Azifuni ezinye izinhlaka ezinjengomphakathi nosomabhizinisi zingenelele odabeni oluthinta amaholo.
NGEMPELASONTO edlule kuqale iNdebe yoMhlaba yebhola. Kimina kuvuke isasasa elalikhona ngenkathi lemidlalo izodlalelwa eNingizimu Afrika. Ngizibuze ukuthi ngabe mangaki amathuba ebhizinisi iQatar ewavulele osomabhizinisi bakhona, njengoba inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFIFA ithe ilindele ukwenza inzuzo ewu-$3 billion emva kwale midlalo.
UKUHLASELA kobhubhane iCOVID-19 kusazwela kwezinye izingxenye zemboni yezolimo kanti izinselelo le mboni ebhekene nazo sezengezwe yimpi yeRussia ne-Ukraine eholele ekushodeni kukagesi emhlabeni nokwehla kwamandla emali.
NGELINYE ilanga umndeni wakwaGopal waseGoli, eGauteng, wawuhleli nezihlobo nabangani kuphekwe ukudla okunomsoco nokuconsisa amathe kodwa ezinye izivakashi zazifisa okubabayo ekudleni kwazo.
UKUBONA impilo entofontofo ephilwa wuyisemkhulu noninakhulu ngenxa yempesheni abayihola esikhwameni sempesheni sezisebenzi zikahulumeni ngenye yezinto ezimgqugquzelayo emsebenzini wakhe, ezimenza awuhloniphe futhi aqonde ukubaluleka kwawo.
Usakhula wawuphiwa imali?
Kwakuthukela nje ngithole uR1noma uR2, kodwa kwakungajwayelekile.
ZININGI izinto okungabe zisebenza kangcono futhi ngokushesha kuhulumeni ukube uphiko oluqondene nokuqhamuka nezinto ezintsha kusetshenziswa ubuchwepheshe lunegunya lokuphoqa iminyango kahulumeni ukuthi isebenzise izindlela ezintsha.
UKUVELELA embonini okuncintiswana kuyona kakhulu njengeyamadayimane akulula kodwa emva kweminyaka ewu-14, izelamani seziphumelele.
NJENGOBA umhlaba wonke ugubha i-International Fraud Awareness Week, eqale mhla ka-13 kuya mhla ka-19 Novemba, kuhle ukukhumbula ukuthi amaqola angakuthola noma nini noma kuphi. Yazi okufanele ukuqaphele uma usebenzisa ubuchwepheshe.
IMBONI yethu yezezimali yiyona ehamba phambili eNingizimu Afrika. Asivamile ukukhuluma ngezinhlekelele esizigwemile uma siqhathanisa nendlela esigxila ngayo emigodini esiphonseke kuyona.
NGESONTO elidlule ngikhulume ngendaba yokwenza isiqiniseko sokuthi sibandakanya intsha kuyo yonke into esiyenzayo. Kuleli sonto ngithanda sibheke izindlela eziningi zokwakha amathuba emisebenzi ezindaweni zakithi singabantu abamnyama.
MANINGI amathuba okuchuma komsebenzi wabalimi nabafuyi kodwa kukhulu abangakuzuza uma besebenzisa ubuchwepheshe.
KWAPHELA iminyaka eyisishiyagalolunye engakwazi ukuyofundela umsebenzi emva kokuphothula uMatikuletsheni.
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent