Umbiko weWorld Wide Worx neMastercard, iPeach Payments ne-Ask Afrika uthi abantu abadala baseNingizimu Afrika abawu-34.2% bathenga online. Isithombe: Sithunyelwe

Baningi abasebenzisa i-internet kodwa bambalwa abathenga online – ucwaningo

INTATHELI YOMBELE

ABANTU abaningi eNingizimu Afrika sebeyakwazi ukusebenzisa i-internet kodwa abaningi abakayisebenzisi ukuthenga izinto online.

Umbiko omusha i-Online Retail in South Africa uthi abantu abadala ezweni abawu- u-79.1% sebeyakwazi ukusebenzisa i-internet kodwa bawu-34.2% kuphela abathenga online. Lo mbiko wenziwe yiWorld Wide Worx ngokubambisana neMastercard, iPeach Payments ne-Ask Afrika.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/10/xwayani-amaqola-acuthela-abathenga-online/

Nakuba isibalo sabantu abathenga online sehlile sisuka ku-36.6% ngo-2024, saya ku-34.2% ngo-2025 kodwa imali esetshenziswa ukuthenga online iyaqhubeka nokwanda. Umbiko uthi ukuthenga online kulindeleke ukuthi kukhule ngo-22.5% ngo-2026 kufinyelele kuR159 billion.

Uthi izindleko zokudiliva izinto ezithengiwe, ukungathembi izindlela zokukhokha ngokuphelele nokungazi kahle ukuthi kwenziwa kanjani ukuthenga online ngezinye zezinto ezenza abanye abantu bangathengi.

Abantu abaneminyaka ephakathi kuka-25 no-34 yibona abahamba phambili ekuthengeni online njengoba u-39.5% wabo bethenga ngale ndlela. Abantu abahlala emakhaya abahola ngaphezu kwangoR40 000 nabo bangaphezu kuka-60% abathenga online.

Umqondisi weWorld Wide Worx uMnu u-Arthur Goldstuck uthi ukwazi ukungena kwi-internet akusho ukuthi umuntu uzogcina esethenga online. Uthi amabhizinisi adinga ukwenza ukuthenga online kubelula kubantu ngokubhekana nezinkinga ezinjengezindleko zokuletha izindlela zokukhokha nezindawo lapho abantu bengazithathela khona izinto abazithengile.

“Ukushintsha kwale makethe eminyakeni eyishumi edlule kubekukhulu ngendlela emangalisayo. Ukuthenga online akuseyona nje into eseceleni (eyenziwa ngabantu abambalwa) kodwa sekuyinto enkulu emnothweni. Cishe irandi elilodwa kuR10 okuthengwa ngalo selizothenga online,” kusho yena.

Izingcingo ama-smartphone zisetshenziswa kakhulu ngabathengi online, njengoba abawu-57.9% besebenzisa wona uma ethenga. Izingubo yizona ezithengwa kakhulu, njengoba zithengwa abathengi abawu-36%, zilandelwe wukudla ngo-21.2%.

Loku kukhombisa ukuthi amabhizinisi amancane, aphakathi nendawo namakhulu asenethuba lokusebenzisa i-internet ukuze afinyelele kumakhasimende amaningi futhi andise ukudayisa kwawo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page