Kugunyazwe izinhlelo zokwakha ezibiza uR3,97 billion eThekwini
YINTATHELI KAMASIPALA
UMASIPALA waseThekwini uyaqhubeka nokuzibophezela ekutheni kubenendawo yokusebenza yokuheha abatshalimali emikhakheni eyinsika emnothweni wedolobha nokuphucula impilo yezakhamuzi.
Ezinyangeni eziyisithupha zokuqala kulo nyaka, umasipala ugunyaze izinhlelo zokwakha zikaR3,97 billion, okuwukunyuka ngo-18% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule nango-24% ngesigamu sokuqala sonyaka ngo-2024.
Izinhlelo zokwakha izakhiwo zokusebenza yizona ezikhule kakhulu, zinyuka ngo-166% zisuka kuR536 million, zaya ku-R1,43bn. Izinhlelo zokwakha izimboni nezindawo zokugcina izimpahla zikhule ngo-167% ngokwenani, kwathi izindawo zokusebenza ezigunyaziwe zanda ngo-24 497m² , zawu-83 708m². Izakhiwo zamahhovisi namabhange zande ngo-158%, kwathi izinhlelo zokwakha esifundeni esisenyakatho zaphindeka kabili zafinyelela ku-R1,16bn.
Lokhu kukhula kuhambisana nezinye izibalo ezikhombisa ukuthi isimo somnotho waseThekwini siyasimama. Ucwaningo i-Statistics South Africa Quarterly Labour Force Survey ngekota yesibili ka-2026 iveza ukuthi izinga lokuntuleka kwemisebenzi eThekwini lehle laya ku-21,2%, lisuka ku-26,8% ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule. Leli yizinga eliphansi kakhulu uma liqhathaniswa nelamanye amadolobha amakhulu eNingizimu Afrika.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/05/zihamba-kahle-izinhlelo-zikamasipala-netransnet-zokuphucula-ukusebenza-echwebeni/
NgoJulayi 2026, iGCR Ratings igcwalise ukuthi isimo sokutshala nokuboleka kukumasipala siphucukile, yasibuyekeza sisuka kwesibhedayo sayo kwesihle.
Imenenja kamasipala uMnu uMusa Mbhele ithi indlela lezi zivumelwano zokugunyaza eziyiyona kukhombisa ukwanda kwezinhlelo zokwakha kukhombisa ukwanda kokutshala imali emikhakheni eyinsika yomnotho.
“Ukutshala imali kuhambisana nokuthemba nokukhula komnotho. Abatshalimali abafaki imali emadolobheni lapho izimboni nezokuthutha kungakhombisi ukusimama. Batshala lapho bebona kukhula amabhizinisi, kwanda Isidingo futhi kwanda nomthamo wokuhweba nabantu. Ngakho ukukhula okukhulu ezakhiweni zezimboni nezezindawo zokugcina izimpahla kufakazela ukusimama komnotho waseThekwini nekusasa,” kusho yena.
UMbhele wengeze ngokuthi umasipala uyaqhubeka nokuzibophezela ukuqinisekisa ukuthi lezi zakhiwo zisekwa ngengqalasizinda eyanele.
Uthe uMasipala ugxile ekulawuleni nasekuphoqeleleni imithetho kamasipala, ekufakeni imali ezindaweni lapho intuthuko iqhubeka khona nasekuqinisekiseni ukuthi abatshalizimali bathola izinqumo ezicacile ngesikhathi ngezidingo zalezo zindawo.Uthe: “Ukugunyazwa kwalezi zinhlelo zokwakha kukhombisa ukuthi abatshalizimali bayalithemba iTheku futhi babona amathuba okukhula komnotho. Siyidolobha, siyaqhubeka nokubeka phambili ukuhlonipha imithetho yedolobha, nokuhambisa ingqalasizinda ezindaweni edingeka kuzona nokunika abatshalimali izimpendulo ngesikhathi esifanele ngemisebenzi abayenzayo.
“Ukugunyaza zonke izinhlelo zezakhiwo kufakazela ukuthi amabhizinisi azimele alithemba kangakanani idolobha nesibopho sethu sokulekelela ukusimama komnotho ngokuhlela okuqotho, ukuhlinzeka ingqalasizinda nokuhlinzeka izidingo,” kuphetha uMbhele.

