I-Money Smart Week yisikhathi esisikhumbuza ukuphatha imali ngobuhlakani

Isithombe: wuFacebook

Ngesonto elidlule sigubhe i-Money Smart Week, isikhathi sokwenza izinqumo eziphusile ukonga imali yakho. INTATHELI YOMBELE iyabika

NJENGOBA iNingizimu Afrika isanda kugubha iMoney Smart Week, mhla ka-29 Agasti kuya mhla ka-4 Septhemba, kubalulekile ukubuka ukuthi singabathengi siyiphatha kanjani imali yethu. Kuyaziwa ukuthi abathengi baseNingizimu Afrika baxakwe yizindleko zokuphila ezinyuka mihla namalanga.

I-solution strategist eFNB Intergrated Advice uMnu uChristian Hugo unezeluleko ezimbalwa ngokuqinisekisa ukuthi imali yakho iyakusebenzela:

Okokuqala, landela indlela osebenzisa imali ngayo. Lena yindlela enhle yokubona ukuthi imali yakho iya kuphi, kukukhombise lapho unganaki khona. Sebenzisa iTrack my Spend ekwiFNB App noma ipeni nephepha ukubhala phansi loku.

Okwesibili, hlola isabelomali sakho. Uma usuwazi ukuthi imali yakho iya kuphi, okulandelayo wukwenza isabelomali. Lapha kufanele ubheke okumqoka bese ulandela ukuthi indlela osebenzisa imali ngayo iyahambisana yini nako.  Lapha ungenza loku okulandelayo:

  • Cabanga, fisa, ujule.  Buka impilo ukuthi izobe ikuphi ngokwezimali eminyakeni emihlanu, ewu-10 noma ewu-15 ezayo. Bala zonke izinto ezibalulekile kuwena. Kungaba wumhlalaphansi wakho, imfundo yezingane zakho noma wukungabi nasikweletu.
  • Bheka uhla olwenzile bese ukhetha okumqoka okuthathu.
  • Lesi sinyathelo sinzima. Yisona obona ngaso ukuthi iya kuphi imali yakho usebenzisa iTrack my Spend nokuthi kuyahambisana naloko okumqoka kuwena. Isibonelo uma kubalulekile kuwena ukungabi nasikweletu kodwa usebenzisa imali eningi ekudleni okuphekwa ezitolo, mhlawumbe unganciphisa imali oyisebenzisa nyanga zonke ukuthenga ukudla, uyisebenzisele ukukhokha isikweletu sakho ngokushesha.
  • Isinyathelo sokugcina wukuvama ukubuyekeza loku. Yenza loku okunezigaba ezine ukuqinisekisa ukuthi ukusebenzisa kwakho imali kuhambisana nokubalulekile kuwe.

Okwesithathu, sebenzisa ubuchwepheshe ukuze usizakale. Uma usuyabile imali ezintweni ezibalulekile, sebenzisa ubuchwepheshe ukubambelela endleleni yakho. Isibonelo, sebenzisa iSmart budget kwiFNB App ngaphansi kwe-nav»Money. Loku kuzokuthumelela imilayezo ekukhumbuzayo uma usuzokweqa emalini ozibekele yona ezintweni ezithile.

Okwesine, izinhlelo zokuqoqa amaphuzu. Sebenzisa izinhlelo zamaphuzu ukuze ukwazi ukuba nemali ongayidinga. Isibonelo, sebenzisa ama-eBucks ukhokhela ukudla kwasendlini, uphethroli noma izigcobo. Imali engasebenzanga kulezi zinto, yisebenzisele ukukhokha izikweletu noma uyibekele ugadingozi.

Okwesihlanu, bheka amanye amasu okonga kuphethroli. Hlela indlela othenga ngayo ukuze ungeke uye ezitolo njalo. Okungcono kakhulu wukuthenga online ukuze uzothenga izinto ozidingayo kuphela, kukusize wonge uphethroli. Uma uvame ukuya emsebenzini njalo, zama ukuhlanganyela nabanye ukonga uphethroli.

“Ukwazi ukuthi imali yakho iya kuphi nokuthi uyisebenzisa kuphi yisinyathelo sokuqala sokuphatha imali. Ukusebenzisa i-app enjengeSmart budget kwiFNB App kuzokusiza ukufeza amaphupho akho emali,” kuphetha uHugo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page