‘Ungajahi ubumnandi uma unemali’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMlungisi Shishi, owaziwa ngelika‘Shoti Omfishane Shishi’. Uwumculi we-Afro, i-hip hop nama-piano nomsunguli we-Full Package Podcast. Ubuye asebenzise ikhono lakhe ukulekelela amanye amaciko futhi ahlele imicimbi yezokungcebeleka

WUTHOBILE ZWANE 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Ngangiphiwa wuMa kodwa ngasheshe ngaphuma ngayozama erenki, ngiwasha izimoto ngivulela nabantu izicabha ukuze kubenemadlana engiyitholayo nami njengomfana osakhula, ngingabe sengicela yonke into kuMa ekhaya.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange, wawuyivula kuliphi?

Ngangineminyaka ewu-16 senginomazisi ngoba ngase ngifuna ukuthi uma kukhona engikutholayo ngikwazi ukubekelela ukwenza izincwadi zokushayela ukuze nami ngizozama nangazo amatoho angconywana. Ngayivula eCapitec.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi njalo ngangifisa ukusiza abantu abenza umculo, abanamabhizinisi nabahlwempu abadinga usizo, ngibenze bagqame ukuze bakwazi ukusizakala kalula. Ngafunda ukuthi ayikho imali encane uma unesifiso sokwenza into oyifisayo. Kufanele ubeke kancane, kancane kuze kuhlangane okufisayo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/11/imali-injengomuntu-iyanakekelwa/

Waqala nini ukusebenza, wawenzani umholo wakho wokuqala ? 

Ngineminyaka ewu-15. Ngathatha umholo wami ngawunika uMa ekhaya ukuze akwazi ukugcwalisela esishoda ngakho ekhaya, ngase ngithenga izinto zokugqoka ezincane ukuze nami ngibukeke njengezinye izingane emphakathini.

Yini into enhle owake wayenza ngemali?

Ngathuthukisa izifundo zami zokusebenza nezincwadi zami zokushayela ngaze ngaba nazo zonke u-Code 14. Ngase ngivula i-Full Package Podcast, obekuyisona isifiso sami. Namanje ngizinikele kuyo ngawo wonke amandla ami.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukuthatha imali ngiyoyisebenzisa nabangani sithi siyazijabulisa ezindaweni zobumnandi. Ngabona ukuthi akubuyiseli ukuba nabangani abangasiqondi isimo sakho.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Lutho. Bekungezona izinto engizikhonzile izindaba zamabhanoyi noma izinto ezifaka imali kumaselula ngoba ngiwumfana okhulele emakhaya eShowe.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi uma uyihlonipha imali nomhlaba uyakwazi ukufeza izifiso zakho, isikhathi sisekhona.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingasiza kakhulu abantu abahlwempu nezingane zithole umfaniswano wesikole ngesikhathi nabanamakhono ngibasize ukuthi baye phambili.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Uma kukhona imali oyitholayo, musa ukujaha ubumnandi, ukuthenga izinto ezibizayo ezingenasidingo empilweni yakho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page