Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba emcimbini i-Women in Business Symposium e-The Station eThekwini ngoMsombuluko. Izithombe: Zithunyelwe

Umasipala uxhase amabhizinisi abantu besifazane awu-60 ngoR1 million

YINTATHELI KAMASIPALA

AMABHIZINISI abantu besifazane aseThekwini athole usizo lwezinsizakusebenza ezicela kuR1 million ukuwasiza ukuphucula umsebenzi, ukusimama,  ukondla abantu nokuthola amathuba okusimama.

Lo mcimbi ubungoMsombuluko emcimbini i-Women in Business Symposium obuse eThe Station eThekwini, kanti ubunendikimba ethi “From Survival to Scale: Unlocking Growth for Women-owned Enterprises”, okusho ukusuka ekubeni yibhizinisi elitalasayo, ukhule ngokuvulela amabhizinisi abantu besifazane amathuba okukhula.

Le ngqungquthela, ebiholwa wungqongqoshe womNyango wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane uNksz uStella Ndabeni, ubuhlanganise osomabhizinisi besifazane, uhulumeni, izinhlangano ezithuthukisa amabhizinisi, ongoti bamabhizinisi nabanye abalingani ukubhekana nezinselelo ezinqinda amabhizinisi abantu besifazane ukuthi asimame, athole ukuxhaswa ngemali, izimakethe, amathuba ebhizinisi okwakha ubudlelwano nabanye abantu nokubanezinto zokusebenza.

Loku kuyingxenye yohlelo lwalo mnnyango i-Informal Micro Enterprises Development Programme, oluhlose ukusiza amabhizinisi amancane ukuthi asuke ekubeni mancane kodwa akhule.

UNksz uNdabeni uthe ukuhlinzeka abantu besifazane ngezinto zokusebenza kumqoka ukubasiza ukuthi bakhulise amabhizinisi abo nokuthi abeneqhaza elibonakalayo emnothweni.

UNksz uNdabeni uthe kumqoka ukuthi amabhizinisi abantu besifazane abeneqhaza elibonakayo emnothweni

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/09/04/i-durban-tourism-ixhase-amabhizinisi-awu-24-ngezinto-zokusebenza/

“Ukuxhasa osomabhizinisi besifazane ngezinsizakusebenza akugcini ngokubanika izinto abazozisebenzisa emabhizinisini abo. Kusho ukuphucula umsebenzi, ukulekelela ukuthi bahlangabezane nesidingo samakhasimende, baqashe abantu futhi bakhe amabhizinisi aphumelelayo. Uma abantu besifazane benezinto zokusebenza ezibavumela ukuthi bakhulise amabhizinisi abo, kubalula ukuthi abambe iqhaza elibonakalayo emnothweni, bondle imindeni futhi badale amathuba emiphakathini yabo,” kusho yena.

Enkulumweni yokwemukela, imeya kamasipala uMnu uCyril Xaba ithe uhulumeni uneqhaza elikhulu ekwenzeni indawo lapho amabhizinisi abantu besifazane engeke agcine ngokupatanisa kodwa ezobaneqhaza elibonakalayo ekukhuleni komnotho.

“Amabhizinisi amaningi abantu besifazane aphila impilo yokupatanisa. Abantu besifazane banamakhono, bakwazi ukubhekana nezinselelo futhi banentshisekelo kodwa basabhekene nezingqinamba zokuthola usizo lwemali, izimakethe, izinsizakusebenza nobuchwepheshe.

“Kufanele senze kubelula ukuthi amabhizinisi abesifazane akhule adlondlobale kuyo yonke imikhakha, kubalwa nemikhakha obekungeyabantu abathile bodwa,” kusho yena.

Amabhizinisi axhasiwe ahlomule ngezinto zokusebenza ezihambisana namabhizinisi abo nemikhakha ehlukene, okubalwa kuzona izinto zobuhle nezinwele, ukudla, izingubo, ezokwakha, ukwenza ifenisha, ezolimo nokufuya izinkukhu, ukwenza izinto ngemfucuza, ezobuchwepheshe bokuxhuma, ezokugaya iphepha, izinto zesikhumba, ilondolo, ukukhanda nokuvuselela.

Kulaba bantu abesifazane abathole lolu sizo bekukhona uNks uMandisa Gwexa waseMariannhill oneminyaka ewu-27, obengesinye sezikhulumi, waxhaswa ngezinto zebhizinisi lezinwele iNailed It.

“Ngaqala ukuxhaswa wuMasipala waseThekwini ngo-2021, okwangisa ukukhulisa nokusimamisa ibhizinisi lami. Namuhla ukuthola usizo lukahulumeni wezwe kukhombisa ukuthi uma osomabhizinisi bethola usizo ngesikhathi beludinga, kungabasiza ukuthi baqhubekele phambili namabhizinisi abo.

“Lezi zinto zokusebenza zizongisiza ukukhulisa ibhizinisi, ngikwazi nokuhlangabezana nezidingo zamanye  amakhasimende. Ngifisa ukusebenzisa amava ami namakhono ukuhlomisa abanye abantu besi nokucija abanye ngowazi namakhono enginawo ukucija abanye abantu besifazane ukuthi bazimele ngokomnotho,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page