IBAMBE NGAKHO

ZININGI izinhlelo esezimenyezelwe okuthiwa zisungulelwe ukulekelela osomabhizinisi ukuze bakwazi ukuvuselela izinkampani zabo emva kokukhahlanyezwa yiCOVID-19. 

Olukhulu kunazo zonke yilolu lukaR200 billion olwenziwa ngokubambisana yiBhange loMbuso namabhange amakhulu kuleli. 

Nokho lolu hlelo alukabi namphumela otheni njengoba bembalwa osomabhizinisi abasahlomulile kulona kanti nesibalo akubhekiwe ukuthi sikhuphuke ngento etheni ngisho nangonyaka ozayo. 

Ngenyanga edlule bekusakhishwe uR16 billion kanti ngokusho kweBanking Association of South Africa, le mali kulindeleke ukuthi ifinyelele kuR24.41 billion ngoJanuwari 2021. 

Bazikhalela ngapha nangapha osomabhizinisi abamnyama njengoba bethi bona bayaqhubeka nokuvaleleka ngaphandle njengoba le mali ilekelela ezinye izinhlanga; nokuyinto endala eNingizimu Afrika. 

Okunye okukhalwa ngakho ngalolu sizo wukuthi kudingeka osomabhizinisi bayiboleke le mali, nokusho ukuthi bangena ezikweletini; nokuyinto abaningi abangekho klamuklamu ngayo. 

Okunye okukhalisayo ngalezi zinhlelo wukuthi bekungacaci kahle ukuthi laba osomabhizinisi abapatanisayo, abangenazo izinkampani eziyingxenye yomnotho omkhulu, bazosizakala kanjani.

Yingakho-ke sisishayela ihlombe isimemezelo esenziwe wumNyango wezokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane neNedbank sokuthi kukhona uR40 million osubekelwe ukusiza labo abadayisa izithelo nemifino emalokishini nasemakhaya.

Ngokwesimemezelo, kuthiwa kuzosizakala osomabhizinisi abawu-40 000 ngoR1 000 umuntu emunye, nazowunikelwa ukuthi athenge ngawo isitokwe esisha.

Yigxathu elimqoka leli ngoba nakuba iningi lalaba badayisi lingesibona abantu abanezinkampani ezivula amathuba emisebenzi kwabanye kodwa njengoba lidayisela ukuziphilisa kusho ukuthi liyazondla lona, nokunciphisa isibalo sabantu abathembele kuhulumeni. 

Kubalulekile ukukhumbula ukuthi emnothweni kunezinhlobo eziningi zosomabhizinisi, ngakho usizo akumele luyiswe kwabathile kuphela kodwa kumele lutholwe yiwo wonke umuntu. 

Ukube laba badayisi abekho, ngabe isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika singaphezu kuka-30.8%; lona esikuwona njengamanje.

Esesikubhekile-ke manje wukuthi loku okwenziwayo kube yisiqalo sokubuyekeza ukuthi iyiphi indlela abangasizwa ngayo laba badayisi ukuze bakhule, bangahlali bebancane.

Kumqoka nokuba nohlelo olucacile lokuthi bafundiswa kanjani ukuthi bafake izicelo zalolu hlelo njengoba kuyizicelo ezifakwa ngokusebenzisa ubuchwepheshe besimanjemanje.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page