Akagcini nje ngokuba wukuphela kowesifazane owusihlalo weqembu elidlala kwiPremier Soccer League kodwa futhi uphethe izintambo kwiligi yonke njengesikhulu esibambile. UNksz uMato Madlala uxoxe noSLINDILE KHANYILE
NGENKATHI eqala kwiLamontville Golden Arrows ngokugcwele, umfowabo ongasekho nowayephethe izintambo ngaleso sikhathi uMnu uRocky Madlala, wamtshela ukuthi umsebenzi wakhe kuzoba wukubheka izinhlaka zokuthuthukisa abadlali abasafufusa.
UNksz uMato Madlala, ona-59, uthi akazange ancengwe ngaloku, wajutshwa futhi naye wawuthathela phezulu lo msebenzi njengoba nanamhlanje enye yezinto i-Arrows eyaziwa ngayo kuwukuzikhulisela abadlali; iningi labo eligcina selidlala esigabeni esikhulu.
Uhambo lwakhe ebholeni luthi alufane nolwabo laba badlali abaqala emazingeni phansi, bathuthuke baze bafike esigabeni sePremier Soccer League (iPSL).
Namhlanje usewuSihlalo we-Arrows, isikhulu esiphezulu esibambile sePSL futhi uyilungu lesigungu esiphezulu senhlangano eyengamele ibhola kuleli iSouth African Football Association. Wayeyiphini likaMnu uDanny Jordaan ngenkathi kukhankaselwa ukusingathwa kweNdebe yoMhlaba eNingizimu Afrika ngo-2010.
“URocky wathi kumele sizikhulisele abadlali ngoba ngelinye ilanga bayongabibikho bona abadlali emakethe. Ngisho kungathiwa unayo imali, kokunye basuke bebiza kakhulu kanti uthole ukuthi awunabo nabaxhasi. Akazange angincenge ngalapho. Wangitshela nje wathi wena uzobhekelela ukuthuthukiswa kwabadlali abasakhula. Sakwenza loko noManqoba Mngqithi ikilabhu isaqeqeshwa wuKhabo Zondo,” kukhumbula yena.
Wangena ebholeni engaqondile njengoba empeleni yena wacelwa ukuthi asize ngezimoto zokuthutha nokuxhasa lapha nalaphaya ngemali ngoba wayenamatekisi. UNksz uMadlala uyi-accountant ngokokuqeqeshwa kanti njengomuntu owayeqhamuka embonini ezimele “enosiko” lwayo lokwenza izinto, kunezinto aqale wazixwaya ebholeni futhi engazizwa kahle.
Kodwa yize kunjalo wajoveka wagcina esehlala unomphelo.
“Awuyenzi imali kodwa akuphumeki ebholeni. Kumnandi ukubona abadlali obazi befika ekilabhini, beneminyaka mhlawumbe ewu-9, ubabone sebekhula, sebenemizi futhi impilo yabo isithuthuka … kwanda umndeni wami,” kusho uNksz uMadlala.
“Akuvamile ukuthi kube nomdlali esingabhekani naye ngisho esehambile. Uthola umuntu uma eseThekwini asifune aze asithole ukuthi sijimaphi, ezosibona. Kumnandi nokubabona sebekhulile sebeganiwe.”
Ngenkathi uRocky ecela usizo wavuma kodwa wabeka umbandela wokuthi athole amasheya naye ekilabhini.
Wangena kanjalo ebholeni kanti uthando lwalo lwafakwa wuyise uHamilton (ongasekho), nowake waba yisikhulu sa”Bafana bes’thende”. Unina, owayengunesi, wokhela inhlansi yothando lwesikole.
Wumfowabo omfundise yonke into ngokuphathwa kwebhola kanjalo nokuthi kuphilwa kanjani nabantu basebholeni, nathi kube yisifundo esimsize kakhulu empilweni.
Wenza yonke le misebenzi ayenzayo ebholeni nje uphinde abe namanye amabhizinisi eceleni, nokuyiwona aphila ngawo, futhi usemabhodini ezinkampani ezithile njengeyaseTourism KwaZulu-Natal, kanti ngaphambi kwaloko wayekweyase-Inkosi Albert Luthuli ICC.
“Ubaba wayemuntu owayethi uma ungasebenzi, ungadli. Sasilazi lelo vesi eBhayibhelini. Ukusebenza loku … uthando lokusebenza luqale kubaba. Sisafunda isikole noRocky, ngoba sasilamana thina, kwakuthi uma kungamaholidi, sasazi ukuthi kumele siyosebenza. Kwakukhona isitolo okwakuthiwa yikwaMoosa’s eClairwood sidayisa izindwangu. Kwakungabangani bakababa, sasisebenza khona sisika izindwangu.
“Ngokuhamba kwesikhathi ubaba waba nesitolo (eMlaza). Uma kuvalwe izikole, wawuvuka ekuseni uyosebenza, ubuye usuzolala. Ngakho-ke ukusebenza ngikujwayele kakhulu ngoba kwakushiwo njalo kuthiwa uzodla amandla kabana. Yikho-ke ngingakusabi ukusebenza, ngakujwayela ngimncane,” kusho yena.
Ibhola lingezinye zezimboni ezishayeke kakhulu ngesikhathi kuhlasela iCOVID-19 njengoba kwaphoqeka ukuthi kumiswe imidlalo kanti yize isiqhubeka kodwa kunoshintsho olukhulu njengoba abalandeli bengavumelekile ezinkundleni; nokuzwelayo hhayi nje ngokobumnandi bebhola kodwa nasemaphaketheni amakilabhu.
UNksz uMadlala uthi lolu bhubhane lucishe lwaqeda nya ngebhola.
Nakuba ekhona ebholeni futhi bekhona nabanye abantu besifazane ezingeni eliphezulu njengoNksz uRiah Ledwaba kodwa ibhola labantu besifazane lisatabalasa futhi kunzima ukuthi lithole abaxhasi.
“Yimpicabadala (indaba yabaxhasi) ngoba uthola ukuthi abaxhasi bancamela ukuxhasa umqhudelwano othize kuphela bese beqhubekela phambili. Udinga imali ukuze uthuthukise ibhola. Uma ingekho, ayikho into ongayenza. Emazweni afana no-Australia ibhola lixhaswa wuhulumeni emazingeni aphansi kodwa thina asikafiki lapho; nengicabanga ukuthi umbuzo ulapho ekutheni sifika nini lapho uhulumeni wethu ezofaka imali ekuthuthukisweni kwebhola ngoba kugcina sekuheha izivakashi; nokuyinto enhle ezweni,” kusho uNksz uMadlala.
Enye yezinto muva okuphikiswana ngayo ebholeni wudaba lokudayiswa kwamakilabhu njengoba kukhona abanombono wokuthi iPSL kumele ikulawule lokhu njengoba abanye bethi lokhu kwehlisa izinga.
UNksz uMadlala uthi beyiPSL ngeke bakwazi ukukunqanda loku ngoba ziningi izimo ezenza abantu banqume ukudayisa amaqembu abo futhi awukho nomthetho obagunyazayo ukuthi benze loko.
Uthe beyiPSL nabo abakwenzayo kumele kuhambisane noMthethosisekelo ngoba amakilabhu ayizinkampani ezisemthethweni.
Ekhumbula ngokudlula emhlabeni kukaRocky, uNksz uMadlala uthe yiyona nto esike yaba yinselelo kakhulu ngoba kwake kwaba nesikhathi lapho njalo uma kufanele athathe izinqumo kwakumele azibuze ukuthi kambe kulesi simo, umfowabo ubezokwenzenjani.
Uthi futhi zikhona ezinye izinqumo aye athi uma ebheka emuva, abone ukuthi wayengenza kangcono kuzona.
Njengomhambi wendlela omdala, UNksz uMadlala uneseluleko kwabafisa ukungena ebholeni. Mlalele ngezansi.
OKUNYE NGAYE:
- Ukhule ekhaya bebane kodwa sebesele babili nodadewabo kanti nonina usaphila.
- Unabantwana ababili, umfana nentombazane.
- Uthi kumsizile ukumela iqiniso, ukuba nesimilo nokungalindeli ukwenzelelwa ngoba nakhu ewumuntu wesifazane.
- Uthi intsha ayiyeke ukujaha izikhundla ingakabi nesipiliyoni esenele.
- Uyazifela ngokudla, ikakhulukazi iklabishi, inyama yangaphakathi, ujeqe, imifino namagwinya.