Wenza ezibukwayo eTelkom, inkampani kahulumeni kodwa hhayi ebalwa nezidinga ukutakulwa. UMnu uSipho Maseko uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe
UNEMINYAKA eyisikhombisa nezinyanga ezinhlanu ehola inkampani yezokuxhumana nezingcingo iTelkom kodwa ungafunga ukuthi yima esanda kuthatha izintambo indlela asathi uma ekhuluma ngomsebenzi wakhe uzwe umfutho, uthando, intobeko nesasasa kanti nasebusweni akusho yena, uyazibonela ukuthi usawuthakasela umsebenzi wakhe.
UMnu uSipho Maseko, isikhulu esiphezulu eTelkom, ufike kwezwakala kule nkampani, okwase kuneminyaka kukhalwa ngomsebenzi wayo.
Ezinye zezikhalo kwakuwukuthi kuthatha amalombo ukuthi bazokufakela isigubhu socingo uma ufake isicelo kanti noma unenkinga yesigubhu, wawulinda umlibe ukuthi bazosilungisa.
Kuthe ngisho beqala bengena ebuxhakaxhakeni bokudayisa umoya wokudonsa i-internet namaselula, uxamu waqale wageja umgodi.
Kodwa namhlanje iTelkom yinkampani yesithathu enkulu kunazo zonke emkhakheni wayo ngemva kokugudluza iCell C kule ndawo. Ngokwemiphumela yonyaka wezimali ophele ngoMashi imali engenile inyuke ngo-3%, yaba wuR43 billion. Ngenkathi uMaseko efika ngo-2013, kwakuwu-3% wemali engenayo owawuqhamuka kumaselula kodwa manje sekuwu-35%.
Ngisho ingakahlaseli iCOVID-19, ubuchwepheshe besimanjemanje yibona obebuvele sebukhonya njengoba sezimbalwa izinto okuwukuthi azithembele ebuxhakaxhakeni. Nobengakaboni ukuthi ubuchwepheshe bumqoka kangakanani ubonile ngalolu bhubhane nokwenze izinkampani ezinjengeTelkom zihleke zodwa.
“Kuyinto enkulu kimina ukuthi ngalesi sikhathi kunalolu shintsho olwenzakalayo ebantwini oluthinta ezobuchwepheshe, loku abantu abathi yi-4IR (iFourth Industrial Revolution), ukuthi ngiyaphila, ngiyingxenye yakho. Kuyisipho ukuba kule mboni nokubamba iqhaza kulolu shintsho,” kusho uMaseko.
Uthe ukusebenzisa i-data kusazoqhubeka nokuba wumakhonya kanti nokusetshenziswa kwe-video nakho kuzohamba phambili njengoba yonke into izoxhumana futhi izosebenza ngobuchwepheshe besimanjemanje futhi ukholwa ukuthi uwonkewonke uzoyijwayela le ndlela entsha yokuphila.
“Ngithengele umama iTablet, ngamkhombisa ukuthi isetshenziswa kanjani ukuze ahlale naye exhumene nabantu. Manje ukuFacebook, lapho mina angikho ngisho ukuba bikho kuFacebook. Uyaye angixoxele izindaba azibona kuFacebook, ngithi kuye uzoboshwa lezi zindaba ozikhulumayo. Uyakwazi nokubiza i-Uber,” kusho uMaseko ehleka.
Ngale kokuba sembonini cishe okungathiwa yiyo ehola uguquko lwezobuchwepheshe, uMaseko uthi kuyamjabulisa ukubona umehluko abawenzayo emphakathini njengoba ethi muva nje kade bebuyekeza umsebenzi abawenzayo ukulekelela abantwana abafunda ngobuchwepheshe besimanje kanjalo nalowo wokufundisa ngamakhono ale mboni afana ne-coding emalokishini.
Kuhle kudelile namhlanje eTelkom kodwa akuqalanga kunje. UMaseko wathatha izintambo izinto zimapeketwane njengoba izikhulu eziphezulu ezine ezingaphambi kwakhe zingahlalanga isikhathi eside kanti naye wayemanqika uma ebuka loko ukuthi abaningi ngaphambi kwakhe babethi xinti, bashiye.
Uhulumeni unamasheya awu-40% kule nkampani. Enye yezinto okwadingeka uMaseko ayenze kwaba wukudiliza abanye abantu nokungabanga lula. Ngesikhathi efika izisebenzi zale nkampani zaziwu-21 209 kodwa manje seziwu-15 599.
Ukudiliza akuwona amaswidi, ikakhulukazi ezinkampanini ezinohulumeni, njengoba kubonakele muva nje eSABC kanti kukhona nezinyunyana ngapha. Wenza ngani yena?
“Into eyangisiza kwaba wukukhuluma ngivuleleke zisuka nje. Noma ngabe yizindaba ezimbi kodwa abantu bayakwazi ukukuzwa uma uzobatshela iqiniso. Sabachazela ukuthi abantu esincintisana nabo basimise kabi, ngakho kumele sishintshe ukwenza. Kukuthina-ke ukuthi sizokwamukela ubuhlungu manje masinyane noma simisa kanjani ngoba uma kuwukuthi siyehluleka, kumele sazi ukuthi ngeke sitakulwe muntu ngoba uhulumeni unezinkinga ezinkulu kunathi,” kusho yena.
“Njengoba ubuchwepheshe bushintsha, loko kunomthelela emakhonweni owadingayo nesibalo sabantu obadingayo ukuthi benze umsebenzi othile. I-fibre ayintshonthwa njenge-copper, abantu obadingayo ukuthi bayifake bancane futhi ayifi njalo nokusho ukuthi ngeke ube nabantu abazohlala nje belinde ukuthi mhlazane yafa bazoyilungisa. Iyona inselelo ekhona lena ngobuchwepheshe, hhayi nje embonini yethu kuphela.”
Nokho uthe bazama ukuthi babasize ngandlela thize labo ababedilizwa njengoba ababefisa ukufunda amakhono amasha babafundisa ukuze kwande amathuba okuthi baqasheke kwezinye izindawo kanti abanye babasiza ngokuthi basungule amabhizinisi amancane.
UMaseko, uwummeli owaqeqeshwa eWits naseDurban-Westville, esibizwa nge-UKZN manje. Nokho akakaze asebenze njengommeli njengoba ethi washeshe wabona ukuthi ngeke alunge kulo mkhakha, nakuba konke akufunda ngesikhathi eqeqeshelwa lo msebenzi kumsiza nsuku zonke.
Uqale ukusebenza eFinancial Services Board, esibizwa ngeFinancial Sector Conduct Authority, ngaphambi kokusebenza iminyaka kwaBP. Uthe qu kwaVodocom ngaphambi kokuya eTelkom.
Izinselelo ezikhona ngezinkampani zikahulumeni ezifana no-Eskom noSAA zibuye zenze kube nesiphakamiso esithi kungcono uhulumeni azidedele zithengwe ngabemboni ezimele.
Uma kubhekwa ukuthi iTelkom iphethwe abazimele ngokubambisana nohulumeni, mhlawumbe akusiwo umbono omubi kangako lowo. Kodwa uMaseko akaboni kanjalo njengoba ethi into edingekayo wukuthi wonke umuntu azi indawo yakhe.
“Udinga ukuthi ukhethe ibhodi elinabantu abayaziyo into abayenzayo bese lona likhetha abaphathi benkampani abazokwazi ukuthi baphendule ngomsebenzi wabo. Awudingi ukuthi izinkampani zibe sezandleni zemboni ezimele, udinga ukucacisa kahle ukuthi ubani kulindelelekeni kuyena kanti osopolitiki kudingeka ukuthi bakhule futhi baqhele,” kusho uMaseko.
Uthe yena njengesikhulu esiphezulu uwazi kahle umsebenzi wakhe futhi akalubhadi ekomkhulu le-ANC iLuthuli House. “Inkinga uthola usopolitiki efuna ukuphatha inkampani, isikhulu esiphezulu sicabanga ukuthi siwusopolitiki bese ibhodi libe yikona kokubili loku. Sibuye sizidalele thina izinkinga njengezikhulu eziphezulu.”
Uthe eTelkom usizwe wukuba nebhodi elimeseka ngendlela amangalisayo.
“Okunye wukuthi izinkampani ezifana neTelkom, okuyizinkampani ezindala, uthola ukuthi kunabantu abaneminyaka bekhona kuzona, uthole ukuthi umuntu useneminyaka ewu-20 kuya kwewu-30 esebenza futhi abantu abazimiselayo, abawuthandayo umsebenzi wabo; okuwukuthi nje badinga ubahole, ubagqugquzele, ubaseke futhi ubacacisele ukuthi kulindelekeni kubona.
“Okokugcina abantu ophatha nabo. Kwangithatha isikhathi ngibheka abantu abazoba sethimbeni labaphathi ngoba akusibo nje abantu okuwukuthi kwakumele sitholane nabo kodwa abantu okuwukuthi babezofika bathi khaxa nasenkampanini.”
Uma engasebenzi uMaseko uthanda ukuzihlalela ekhaya nabantwana bakhe njengoba ethe uthunjana wakhe uneminyaka ewu-15, nathe kumqoka ukuthi njengoba ekulesi sigaba abe seduze kwakhe ukumeseka ngayo yonke indlela.
Uthanda nokufunda izincwadi ezikhuluma ngomlando. “Ngifunda izincwadi kakhulu, ngithanda kakhulu lezi ezikhuluma ngomlando waseminyakeni ewu-500 edlule, umlando ngabantu (bakithi). Awaziwa amaqhawe ethu eminyaka yo-1800, 1600 ngoba kugxilwa kakhulu kulona wo-1900, ohambisana nezinhlangano; yingakho nje nokuqanjwa kabusha kwemigwaqo nezakhiwo kwenziwe ngale ndlela okwenziwe ngayo. Ngaphandle kwesikhumulo sezindiza, iKing Shaka, konke okunye kuqanjwe ngabantu bezinhlangano ezithile,” kusho uMaseko.
Uzama nokuba ngumlimi. Uyazifela nangezimidlalo kodwa, cha akafiki egalofini yize kuwumdlalo onedumela kubaphathi bezinkampani.
Uzithandela ibhola kanti ulandela i-Orlando Pirates, i-Arsenal neBarcelona. Uthanda nebhola lombhoxo nomjaho wezimoto iF1.
Izeluleko kwabafisa ukukhula emsebenzini:
- Yiba nguwena futhi kucace ukuthi uyinhloboni yomuntu endleleni oziphatha ngayo ekhaya nanendlela ohola ngayo abanye abantu. Uzowenza amaphutha kodwa abantu abangakungabazi ukuthi uyinhloboni kapende;
- Zikhandle, usebenze okuthe xaxa kunabanye;
- Yiba nentobeko, ungahlali wenza yonke into ibe ngawe. Uma uthobekile, uzikhandla futhi ucacile ukuthi uwubani, kuzothi uma inhlanhla ikufica ikusebenzele. Kodwa uma uphakeme, ungazimiseli futhi ungeyena umholi oqotho, ngisho isifikile inhlannhla ngeke ikusize