UNksz uNompakamo Dzanibe umsunguli weSmoothies Addict

Izithombe: Zithunyelwe

Ushiye phansi umsebenzi, wakhetha ukuzimela onebhizinisi leziphuzo ezinomsoco. Uxoxe noNOKWANDA NCWANE.

UKUKHULA ngaphansi kwekhaya elinosomabhizinisi nokuhamba ekhaya ukuze azimele kugqugquzele owesifazane osemncane waseThekwini ukuthi aqale ibhizinisi lakhe, elingahlobene nhlobo nomkhakha awufundele.

UNksz uNompakamo Dzanibe, oneminyaka ewu-26,  uwumsunguli nomnikazi weSmoothies Addict, ibhizinisi elikhiqiza iziphuzo ezinomsoco ezithakwe ngezithelo nemifino enika umzimba amandla, ikakhulukazi abazivocavocayo.

“Ngesikhathi ngihamba ekhaya, ngabona ukuthi angisasitholi isikhathi esenele sokupheka ukudla okunomsoco okudingwa wumzimba wami. Ngibe sengiqala ukwenza lezi ziphuzo ngizibeke esiqandisini; nobekwenza kube lula njalo ekuseni uma sengizidinga.

“Ngithole ukuthi akumina ngedwa onenkinga yokungatholi isikhathi esanele sokupheka, ikakhulukazi ukudla okunomsoco. Ngibe sengibona igebe, yaqala kanjalo iSmoothies Addict,” kulanda yena.

Iziphuzo ezinomsoco zaseSmoothie Addict ezilungele abazivocavocayo

Lo somabhizinisi uzalelwe eMzimkhulu, wakhulela eThekwini. Uphothule i-Diploma in Journalism eDurban University of Technology ngo-2016.

Eminyakeni emibili edlule ukhethe ukushiya phansi umsebenzi ngemuva kokusebenza njengentatheli ephephandabeni laseThekwini.

“Umndeni wami (ube neqhaza elikhulu) ekungigqugquzeleni ukuthi ngibe nebhizinisi lami, nokuthi uma uzimisele akukho okungakuvimba endleleni yakho. Ngikhule umndeni wami, ikakhulukazi ubaba (omncane) enoxhaxha lwezitolo namanye amabhizinisi. Bengivamise ukumsiza ngezimpelasonto kepha ngangingakaze ngicabange ukuqala ibhizinisi lami nami.

Uqale ibhizinisi lakhe lokuqala ngo-2013, edayisa izinwele ezixhunywayo.   

Kulezi zinsuku izinkundla zokuxhumana zisetshenziswa kakhulu ukukhangisa imikhiqizo nokuthola amakhasimende, naye uNksz uDzanibe usizwe yizona.

“Izinkundla zokuxhumana zidlale enkulu indima ekudayiseni imikhiqizo yami. Abantu bayayithakasela, ikakhulukazi labo abazivocavocayo nabathanda ukudla izithelo nemifino,” kusho yena.

Elanda ngezingqinamba abhekana nazo kuleli bhizinisi, ubalule ukungabi nesiqandisi esikhulu ngokwanele nezinye izinsiza zokusebenza.

“Ngenxa yokuthi ngisebenza ngezithelo, ngidinga isiqandisi esikhulu, umshini wokugaya izithelo kanti futhi kwesinye isikhathi ngigcina ngingayenzi inzuzo ngenxa yokuthi ikhasimende lihlala endaweni ekude nami (khona eThekwini) kepha lifuna isiphuzo esisodwa. Lokhu kuyadla ephaketheni,” kusho uNksz uDzanibe.

Uthemba ukuthi ukhona uMsamariya olungileyo ozomxhasa ngesiqandisi, umshini wokugaya omkhulu ukuze akwazi ukumelana nezidingo nomthamo wamakhasimende akhe.

Instagram: smoothie_addicts

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page