Nakuba u-2020 ubunzima njengoba kunabantu abawu-2.2 million abaphelelwe wumsebenzi kodwa izitok’fela ziqhubekile. Nanka amathiphu okuphepha ngalesi sikhathi noklebe bengazibekile phansi

IMBONI yezitok’fela ngenye yalezo eziqhubekile zadlondlobala yize izimboni eziningi zishayekile njengoba abantu abazidlalayo beqhubekile ukulondoloza imali ngale ndlela. 

Lesi-ke yisikhathi lapho izitok’fela eziningi zihlukanisa khona, yize zikhona nalezo ezihlukanisa ngoJanuwari. Yisikhathi-ke futhi lapho namaqola eba mandla ezama amaqhinga okuqola izitok’fela.

UMnu uSifiso Nkosi, iGrowth Manager yeCash Investments eFNB, uthe: “Unyaka u-2020 ubungelula emindenini eminingi kodwa izitok’fela ziqhubekile zama futhi zayilondoloza imali. Ajabule amalungu ezitok’fela manje njengoba esezohlukanisa enze lokhu abeyilondolozela kona imali kodwa sifisa ukuwaxwayisa ukuthi aqaphele njengoba ezokhipha imali yawo ngalesi sikhathi sebhizi.”

UNkosi unike izitok’fela amathiphu ayisithupha okukhipha imali ngendlela ephephile:  

  1. Hlelani ukuthi imali ifakwe ngqo kuma-akhawunti amalungu esitok’fela kunokuyilanda yonke iwukheshi;
  2. Gwemani ukukhipha imali ngezinsuku eziyingozi kakhulu njengoMsombuluko nokuphela kwenyanga;
  3. Umuntu othunywe ukukhipha imali akaphelezelwe omunye ukugwema ukuthi kube ngumuntu oyedwa ozophatha imali nokuthi angabanjwa yizigebengu;
  4. Gwemani ukukhipha isizumbulu semali kwi-ATM, ikakhulukazi uma sekuhlwile nasezindaweni eziphithizelayo; 
  5. Ningayikhiphi yonke imali kanyekanye. Yikhipheni ngezinsuku ezihlukene ukuze niphephe; 
  6. Ningazimemezeli izinhlelo zokuhlukanisa ezinkundleni zokuxhumana noma nifake izithombe niphethe imali ngoba kulula ukudoba amaqola uma nenze njalo.

UNkosi uphethe ngokuthi: “Siyawanxusa amalungu ukuthi asebenzise izindlela eziphephile zokukhipha imali njengokufaka imali esebenzisa i-internet noma amaselula kunokuphatha izizumbul. Siyabagqugquzela futhi ukuthi bayonge enye imali ukuze bezokwazi ukumelana noJanuwari oyinyanga edonsayo.” – Intatheli yoMbele

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page