UMcwaningimabhuku-Jikelele omusha uNksz uTsakani Maluleke wethule umbiko wesibili ngemali yeCOVID-19

Isithombe: Sithunyelwe

Kusekuningi okungahambi kahle endleleni okusetshenziswe ngayo imali eyabelwe ukunciphisa ubunzima obudalwe wukubheduka kweCOVID-19 kodwa ikhona inhlansi yethemba. USLINDILE KHANYILE uyabika

UKUNGENELELA masinyane kwehhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele ekucwaningeni ukuthi isetshenziswe kanjani imali eyabelwe ukulekelela umphakathi ngezindlela ezahlukene njengoba kuhlasele iCOVID-19 kusizile ukuthi kubuyiselwe emuva uR3.4 billion esikhwameni sikapoyinandi, i-Unemployment Insurance Fund nobukhokhelwe abantu kungafanele. 

Usho kanje uMcwaningimabhuku-Jikele omusha uNksz uTsakani Maluleke ngoLwesithathu ngenkathi ethula umbiko wesibili ngemali yeCOVID-19.

Uthe bathole ukuthi kukhona cishe izisebenzi zikahulumeni eziwu-286 ezihlomule ngokungemthetho kulolu sizo.

UNksz uMaluleke uthe ukubuyiselwa emuva kwale mali esikhwameni kungenye yemiphumela emithathu emihle abayibonile ngokushesha bangenelele ekucubungeni ukuthi imali isetshenziswe kanjani.

Lona bekuwumbiko wesibili owethulwa ngokusetshenziswa kwemali eyabelwe ukusiza ukumelana nokuhlasela kweCOVID-19, owokuqala wathulwa ngoSepthemba nalapho kwakuvele khona ukuthi kukhona ngisho abantu abangasekho emhlabeni, abangakabi sesigabeni sokuthi bayasebenza ababehlomulile ngemali kapoyinandi.

UNksz uMaluleke uthe eminye imiphumela emihle abayibonile wukuthi imali isebenze kangcono emva kokuphuma kombiko wabo wokuqala kanti futhi zikhona izinyathelo ezithathelwe abatholakale bonile.

“Ukube abukho lobu buthaka obukhona endleleni esenza ngayo izinto ngabe mkhulu kakhulu umphumela omuhle lolu sizo olube nawo futhi ngabe lufinyelele ebantwini abaningi kakhulu kunalaba elifinyelele kubo,” kusho uNksz Maluleke. 

Uthe kuyadinga ukuthi kuqiniswe izinto nakwezobuchwepheshe futhi kumele kube nendlela yokuthi iminyango kahulumeni yabelane ngolwazi nemininingwane yezakhamuzi ukuze kuvaleke intuba yokuthi kuhlomule abantu okungafanele bahlomule.

“Ezobuchwepheshe (eminyangweni kahulumeni) azisheshi ngokwanele; nokusilimazayo ekutheni kugcine kungenzekanga loko esisuke sikufisa. Kuyadingeka nokuthi uma kuqokwa izinkampani ezizokwenza umsebenzi kubanjiswane futhi kulandelelwe ukuthi umsebenzi wenziwe ngendlela yini, kucaciswe ukuthi kulindelekeni kulowo muntu osuke eqokiwe,” kuqhuba yena. 

Imali ecwaningiwe kulo mbiko inguR148 billion kanti ekupheleni kukaSepthemba bese kusebenze u-65% wayo.  Ephawula ngokuthengwa kwezimpahla zokuzivikela, amaPPE, uNksz Maluleke uthe  kuqhubekile nokubheda uhlelo lapha.

Lezi zimpahla bezithengwa kakhulu yiMinyango wezeMfundo nowezeMpilo kanti wuR4.6 billion obususetshenzisiwe ekupheleni kukaSepthemba.

UNksz uMaluleke uthe nakuba bekungcono kuloku kunangesikhathi sombiko wokuqala kodwa baqhubekile nokuthwala kanzima ngenkathi befuna amabhuku ukuze bezocwaninga ukuthengwa kwalezi zimpahla ngoba abezempilo bebegxile ekwelapheni abantu kulolu bhubhane.

Okuvelile ngokuthengwa kwamaPPE wukuthi kuqhubekile ukungalandelwa kwemigomo njengoba kukhona nezinkampani ezithole umsebenzi yize zingahambisi kahle ngokukhokha intela.  Kukhona nezinkampani ezinikwe umsebenzi zingenawo umlando wokukhiqiza lezi zimpahla. 

“Esikhala ngakho kakhulu akusikho ukulandelwa komthetho kodwa wubulungiswa ekuqokweni kwezinkampani. Siphakamisa ukuthi ziphenywe lezi zinkontileka ngoba kungenzeka ukuthi kunemali entshontshiwe futhi kuphulwe nemigomo kahulumeni yokuthengwa kwempahla,” kusho uNksz uMaluleke. Uthe ezinye zalezi zimpahla bezingekho ezingeni elifanele. Kulo mbiko ihhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele alibacwaninganga omasipala kanti umbiko wesithathu ngale mali uzophuma ngonyaka ozayo

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page