Inhlangano elawula ukusebenza kwezinkampani ezihlinzeka ngemali iFinancial Sector Conduct Authority imema umphakathi ukuthi uphawule ngamagama abantu ababili okuzokhethwa kubona ozovala isikhala sikaKhomishana wayo. Imibono kumele ithunyelwe lingakashoni elangoLwesibili mhla ka-26 kuJanuwari. Emva kwenhlolokhono yabantu abayisihlanu abahlungwa ezicelweni eziwu-90, kusale abantu ababili nokuzokhethwa phakathi kwabo. BangoNksz u-Astrid Ludin noMnu u-Unathi Kamlana. Uma le nhlangano isiyitholile imibono emphakathini izobe isihambisa isiphakamiso kuNgqongqoshe wezeziMali uMnu uTito Mboweni. Abafisa ukuphawula ngalaba bangathumela ku: Shortlisting.Panel@treasury.gov.za noma bathumele kuMnu uNgoni Mangoyi kuP/Bag X115, Pretoria, 0001.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page