Author: admin
UZinhle Madela wumculi we-Afro-pop, isishoshovu samasiko esiNtu nomphathi wenkampani yobuciko iHeArt Prints
Usemncane wawuphiwa imali?
Ngangiyithola impela kanti yileyo ndlela engaba nabangani abaningi ngayo. Umama wayewumhlengikazi kanti uR2 enganginikwa wona ngisesesikoleni samabanga aphansi wawuyimali enkulu. Ngangikwazi ukuthenga izinto ezimbili ngesikhathi sekhefu, ngiphinde ngithenge futhi uma sekuphume isikole. Isiqeda, ama-chips, isixavathi, imvuthu, iyobo, i-ice block nokunye okuningi. Konke kwakubiza u-50c ngaleso sikhathi.
Lukhulu lubhekwe kuGodongwana onconywa wongoti ngokuba namava nesisoka. USLINDILE KHANYILE uyabika
UNGQONGQOSHE omusha womNyango wezeziMali unawo wonke amava adingekayo kumuntu ophethe lesi sikhundla. Uyaziqonda izimiso zomnotho kanjalo nemigomo yenhlangano ebusayo i-ANC.Kuphela nje osekuzocacisa ukuthi uyaphumelela yini wukuthi izomeseka yini inhlangano yakhe ezinqumweni azithathayo nokuthi unomgogodla kangakanani.
UXolile ‘uZion’ Vilakazi wumbhali nomhayi wezinkondlo zesiZulu nomnikazi wenkampani yezobuciko Usiba Media. Useke wahaya izinkondlo zakhe eNingizimu Afrika naseSwatini. Unencwadi ethi Intaba YaseSiyoni Yokuqala
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo. Ngangiphiwa imali ngoba ngangingakuthandi ukudla. Umama wayengipha uR5 noma uR2 uma ngiqeda ukudla. Ubaba wayevame ukungipha imali eningi, ikakhulukazi ngenkathi sengenza uGrade 7. Wayenginika imali ethi ayibe la kuR1 000. Ngiyakhumbula nje ukuthi ngelinye ilanga umama wanginika imali ngaqala ngayo ibhizinisi, ngithengisa ugwayi, ngaphinde ngenza imali ngokulanda izingane enkulisa, abazali balezo zingane babengikhokhela uR5 (ngesonto).
Luyancomeka usizo oluqhamuke noMboweni nethimba lakhe, kuloba uBusi Mavuso
WAZE wasinyakazisa uJulayi eNingizimu Afrika. Sibophe owayengumengameli wezwe, savimba abebezama ukuqumba phansi izwe kanti manje sesinamacebo acacile azolekelela ukubhekana nomphumela wodlame nokutapa, hhayi nje okwesikhashana kodwa nangomuso. Lawa ngamacebo athembisa ikusasa elingcono okuzokhula kulo umnotho.
Uvala igebe embonini yezimali ogxile enkampanini elekelela osomabhizinisi abaphila ngamathenda kahulumeni ukuthi bangawi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
KWAKUMKHATHAZA ukuzwa inzalo emba eqolo abantu abayikhokhiswa ngomashonisa. Okunye obekumphatha kabi wukuwa kwamabhizinisi abantu abamnyama abathembele kakhulu ekutholeni umsebenzi kuhulumeni ngenxa yokungakhokhelwa ngesikhathi noma ngenxa yokuthi uma sebekhokhelwe imali eningi igcina iphelele komashonisa.
Ungoti uthi akufanele basolwe osomabhizinisi abazophosa ithawula, bashaye bachithe uma sebekhokhelwe wumshwalense. USLINDILE KHANYILE uyabika
IZINKAMPANI eziningi sezikhiphe imiyalezo ezibophezelayo ekwakheni kabusha nasekuvuseleleni izitolo ezilimale ngenxa yezibhelu zangesonto eledlule. Nokho bakhona abazophosa ithawula kanti akufanele basolwe abasolwe ngalokho. Usho kanje ungoti wemboni yezakhiwo, uNksz uLynette Ntuli, oyisikhulu esiphezulu se-Innate Investment Solutions.
Amanye amabhizinisi ngeke esavuka ngemva kwezibhelu zokutapa. USLINDILE KHANYILE uyabika
“BAYISHISILE indawo yami kodwa abalushisanga uthando lwami. Ngizovuka noma ngingazi ukuthi kuzongithatha isikhathi esingakanani kodwa khona ngizovuka. Okubuhlungu nje wukuthi ukushayeka kwami wukushayeka (kwezisebenzi zami) futhi uma ngithatha isikhathi eside ukuvuka kusho ukuthi (nazo zizohlupheka) isikhathi eside.”
SENZIWE UMHLATSHELO
CISHE nomuntu owayengaqondi kahle ukuthi izinhlaka zomnotho zisebenzelana futhi ziphakelana kanjani ukuze yonke into isebenze ngomumo ubesekuqonda kahle loku emva kokuvalwa kwezwe ngenxa yokuhlasela kweCOVID-19 kusukela ngoMashi ka-2020. Ukubona kume … Read More
Lafa elihle kakhulu isizwe esimnyama sivukelana sodwa, kuloba uNtokozo Biyela
NGIBHALA le ngosi inhliziyo yami igobhoza igazi ngezenzo zobelelesi nokulinyazwa kwempahla esizibone KwaZulu-Natali naseGauteng. Sesivaleleke ezindlini njengeziboshwa ezweni lobabamkhulu. Okubuhlungu kakhulu wukuthi umnotho waseNingizimu Afrika usuwile futhi kusazoba nobubha nokukhala nokugedla kwamazinyo okukhulu.
Uxamu ugeje umgodi ngaloku kuvalwa kwezwe, kuloba uBusi Mavuso
NGISHILO ngesonto eledlule ukuthi ukunqunywa kwesikhathi esithile sokuvalwa kwezwe kukhombisa ukuthi uhulumeni ucabangisisile ukuze abhalansise ubungozi nemihlomulo yemizamo ehlukene. Loku kungcono kunokuvalwa kwezwe okunganqunyelwe sikhathi, okuvele kuvale amabhizinisi ngisho kungasabhekwanga ubungozi bawo nemiphumela yaloko kuvalwa.









































