Izelamani zidudane ngokusungula ibhizinisi lezolimo elichumayo manje. Esisodwa sixoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUSHISEKELA ukungena kwezamabhizinisi njengomndeni ngesinye sezizathu esenze izelamani zasungula ibhizinisi lokufuya izinkukhu.
Ilimo Farmers igxile ekukhuliseni izinkukhu bese izidayisa sezichuthiwe kanti idayisa nokwangaphakathi.
ONksz uZandile, oneminyaka ewu-28, uCebile, oneminyaka ewu-25 noNokubongwa, oneminyaka ewu-24, bakwaMncube abadabuka eMtubatuba, enyakatho yeKwaZulu-Natali, baqale Ilimo ngoDisemba wango-2019.
UCebile uthi okubenze basungula leli bhizinisi wukuthi bengamalungu omndeni babefuna ukungena kwezamabhizinisi ndawonye. Uthi umngani welungu lomndeni oneziqu zezolimo wuyena owabacebisa ukuthi baqale uhlobo lwebhizinisi olunjengalolu.
“Sakhuthwazwa umngani welungu lomndeni ofunde ezolimo ukuthi singene ebhizinisini lwezolimo, wasifundisa ukuthi izinkukhu zikhuliswa kanjani,” kulanda yena.
Uthi beqala Ilimo bebedayisa amaqanda abebewathenga komunye umuntu endaweni. Inzuzo abebeyenza lapho ibingabagculisi, nokuholele ekutheni bagcina sebefuya izinkukhu bese bezidayisa.
Nalapho uthi kube wumqansa izinkukhu zifa ubuthaphuthaphu ngenxa yokuguquguquqka kwesimo sezulu, nobekulimaza ibhizinisini. Nokho bagcine beyitholile indlela yokuvikela izinkukhu. Izinkukhu manje sebezigcina endlini enamagumbi amane.
“Njengamanje ibhizinisi lethu lihamba kahle kakhulu futhi abantu bayazithokozela (izinkukhu) ngenxa yokuthi sizithengisa sezivele zichuthiwe. Senza ucwaningo sabona ukuthi abantu abasekho nkamunkamu ekuthengeni izinkukhu ziphila, bazifuna sezivele zichuthiwe,” kusho uNksz uMncube.

Ukungabi nezinsiza zokusebenza ezanele nezidingekayo zebhizinisi elinjena, ukubheduka kweCOVID-19 nokuphela ngokushesha komkhiqizo wabo ngenxa yokuthengwa ubuthaphuthaphu ngezinye zezinselelo ababhekane nazo.
UZandile uneziqu ze-BA in Motion Picture medium zase-AFDA, uNokubongwa une-Bachelor of Social Science in Biochemistry & Microbiology yase-UKZN bese kuthi uCebile une-Bachelor of Social Science in Industrial Psychology and Labour Studies yase-UKZN.
Uthi izinkukhu zabo bazithenga zisengamachwane bazikhulise amaviki ayisithupha ngaphambi kokuzithengisa.
Inkukhu ephelele iwuR90, amakhanda uR50, imiqala nezinyawo uR30, amathumbu uR7, izinhliziyo uR5, isibindi nezingingila uR10. Okwamanje basagxile ekukhiqizeleni abantu baseMtubatuba namaphethelo.

Uthe abakuphokophele manje wukuthi babe ngabesifazane bokuqala ukuba nepulazi eMtubatuba.
“Sifuna nokugcina sesinebhusha (elithi) thina, siphinde sikwazi ukugcina sesikhiqizela izitolo zaseMtubatuba neKwaZulu-Natali yonkana,” kusho yena.
Uthi ukubekezela, ukungajahi ukwenza imali nokusebenza kanzima ngazo zonke izikhathi ngezinye zezinto asebezifundile ngokuphatha ibhizinisi.
“Ngingasho nje ngithi kwabafisa ukungena ebhizinisini elinjengaleli ukuthi qala ngonakho futhi uyithande into oyenzayo. Siqala Ilimo Farmers besikhulisa sikhiqize izinkukhu eziwu-30 kuphela njengoba manje sesikhiqiza ezingaphezu kuka-400,” kweluleka uCebile.
Facebook: Ilimo farmers
Twitter: @ilimofarmers
Instagram: ilimofarmers