Nakuba umnotho waKwaZulu-Natali usuqala ukuvuleka kodwa osomabhizinisi abakhulu bathi kusazoshoda ukudla kanti izimboni sezizoqhela kubantu. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMNOTHO waKwaZulu-Natali nasezingxenyeni zaseGauteng ezithintwe yizibhelu ezicekele phansi ingqalasizinda kwatatshwa impahla ezitolo uzobuyela esimweni maduze ngoba nezinkampani ezinkulu zizosizwa wumshwalense. 

Kodwa okulimele nokuzothatha isikhathi ukukubuyisa yithemba kubatshalizimali futhi izimboni sezizoqhela eduze kwabantu. Usho kanje uMnu uSandile Zungu, umengameli weBlack Business Council.

UZungu uthe cishe umonakalo owenzekile kuzona zombili lezi zifundazwe, uma ehlanganisa nesitokwe esithathiwe njengoba abantu bebengena ezitolo bazitapele ukudla nezimpahla, uphakathi kukaR30 billion noR50 billion.  

Ukhale kakhulu ngokuthi lokhu okwenzekile sekuzophindisela iNingizimu Afrika esikhathini esifana nesobandlululo, lapho izimboni zazikude nabantu. Mlalele echaza.

Kusukela ngesonto eledlule bekunezibhelu KwaZulu-Natali naseGauteng. Isibalo sabafile ngenxa yalolu dlame sesinyukile safinyelela ku-117. UZungu uthe nakuba okwenzekile kuqutshulwe wukuboshwa kowayenguMengameli wezwe uMnu uJacob Zuma kodwa umnyombo wothuthuva yizinkinga ezintathu – ukungalingani, ububha nokuntuleka kwemisebenzi.

“Okuchaza ukuthi umsusa wakho bekungaba noma yini ngoba kujulile ukungalingani ezweni. Bekungaba nawukuhlulwa kwaMaZulu (Football Club) abantu belindele ukuthi awine bese beqala uthuthuva. Ukuboshwa kwakhe (uZuma) kunikeze isibindi abathi sesingaqala-ke uthuthuva lwase (lokheleka) ngendlela (olokheleke) ngayo,” kusho yena.

Izinkumbi zitapa izimpahla

Uthe kufanele kuthi kulungiswa futhi kwakhiwa kabusha lokhu okudinga ukwenziwa masinyane kodwa kumele kuqhanyukwe nezisombululo ezizobheka lezi zinkinga ezintathu zobubha, ukungalingani nokuntuleka kwemisebenzi. 

UZungu uthe kumele kwandiswe abantu abamnyama ababamba iqhaza emnothweni.  

UNksz uBusi Mavuso weBusiness Leadership South Africa uthe lokhu okwenzekile kuzokwandisa umonakalo emnothweni ovele untenga nangenxa yokuvalwa kwezwe. 

Ukhale nangokuthi kulimaza nemizamo yokulwa nokubhebhetheka kweCOVID-19 njengoba abantu bebengayigqizi qakala imigomo yezempilo ebekiwe njengoba kunobhubhane.

Nakuba sekuqalile ukuvuselelwa komnotho njengoba namatekisi KwaZulu-Natali eseqalile ukusebenza futhi kukhona nezitolo namagaraji asevuliwe kodwa ukudla kusashoda njengoba kucekelwe phansi nezindawo lapho kugcinwa khona impahla, ama-warehouse. 

Nokuphazamiseka kokuthuthwa kwempahla njengoba izibhelu ziqala kwashiswa namaloli nako kunesandla. Inyunyana yabalimi KwaZulu-Natali iKwanalu isixwayise ngokushoda kokudla njengoba ithe abalimi nabo banqindekile ukuthutha ukudla kanti nomsebenzi wokulima uphazamisekile njengoba bengakwazi ukuthola izinto abazidingayo ukuqhuba umsebenzi.

Abantu belindele ukuthenga

Isikhulu esiphezulu seKwanalu uNksz uSandy La Marque sithe: “Ukudla kwemfuyo, izinkukhu, izingulube nokunye ukudla kuyaphela emapulazini. Abakhiqizi bobisi bayaluchitha kanti labo abakhiqiza amaqanda, izithelo namaveji abakwazi ukuthutha umkhiqizo. Nabalimi bomoba nezihlahla abakwazi ukuthutha impahla. Ukuthuthwa kwempahla kumile nse.”

Ezinye zezinkampani ezimemezele ukuthi ziyakumisa ukusebenza ngabakhiqizi bakaphethroli, iSAPREF,  i-Easigas ne-Afrox ekhiqiza i-oxygen

Khonamanjalo, iTransnet ithe umsebenzi uyaqala kancane kancane emachwebeni aseThekwini naseRichards Bay kusukela izolo. Ithe eRichards Bay yonke imikhumbi ebibambezelekile isihambile. Nokho bathe ukushoda kokudla, uphethroli nezinye izimpahla kusazoqhubeka njengoba imigwaqo engenela echwebeni eThekwini isavaliwe.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page