UNksz uNjabulo Sithole, isikhulu esiphezulu se-Omame Investments

Isithombe: Sithunyelwe

Ukhuliswe yinto engathathwa njengemqoka ekuphatheni amabhizinisi olawula enye yezinkampani zabesifazane ezinkulu eNingizimu Afrika. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

This image has an empty alt attribute; its file name is Subscribe-1024x228.png

ISELULEKO asinikwa wuthisha wasenyuvesi esamkhuthaza ukuthi angazishintshi into ayiyona okungukuba wumuntu olungile futhi ozothile yisona asisebenzisa ukuthi akhule  emkhakheni wokwelapha abantu ngomphefumulo nangengqondo, i-psychology. 

Kuthe ngisho eseshintsha esegxile kwezamabhizinisi kwayisona futhi leso seluleko esimsizayo ngoba simnike into azohluka ngayo njengoba ethi nanamhlanje sisamsiza.

UNksz uNjabulo Sithole, isikhulu esiphezulu so-Omame Investments, uthi uthisha wakhe wamtshela ukuthi ukulunga ngenye yezinto ezimqoka emsebenzini futhi kumele akusebenzise ukuthi uyilolo hlobo lomuntu.

“Kweminye imikhakha umuntu ofana nami angathathwa ngokuthi wumuntu obuthaka noma ontekenteke kodwa empeleni nakhona ekuphathweni kwamabhizinisi bayadingeka abantu abafana nami ngoba indlela olawula ngayo imizwa yakho imqoka futhi iyona yinto ekwenza uhluke.

“Namanje sekuyizona izinto ezifana nalezi engikhuluma ngazo ezizokwenza umehluko, lezi okuthiwa ngama-soft skills. Nakuba imishini nobuchwepheshe buzokwenza imisebenzi eminingi kodwa ayisoze yakwazi ukunakekela abantu nokuba nozwelo. Kuningi okudingeka sikujwayele njengoba impilo ishintshwe yiCOVID-19. Abantu bayazibuza ukuthi baphephile yini, banovalo… konke loko kudinga loku kuba nozwelo engikhuluma ngakho,” kusho yena.

UNksz uSithole, oneminyaka ewu-48, udabuka eMgungundlovu nakuba esezinze eThekwini. Uyi-educational psychologist, eqeqeshwe Ongoye, eyenze i-BPaed khona ngaphambi kokuyokwenza i-Honours ne-Master’s kwi-Psychology e-University of Natal, ophikweni lwaseMgungundlovu.

Uke wasebenza njenge-psychologist enendawo yakhe eMgungundlovu ngaphambi kokungena ekuphathweni kwamabhizinisi.

Omame Investments baneminyaka ewu-21 basungulwa ngokusemthethweni. Lena yinkampani eyayiqale iyisitokofela sabangani abangaphezudlwana kuka-20 ababesiqale ngo-1995. Ngo-2000 basishintsha isitokofela basenza inkampani ngoba bebona amathuba ayevulelwa abantu besifazane emva kokuphatha kukahulumeni wentando yabantu.

“Kungalesi sikhathi okwakuthiwa hlanganani bantu besifazane ngoba ngesikhathi luqala uhlelo lokuguqula umnotho iBEE lwalwenziwa ngendlela yokuthi kuhlomule abantu abaningi ngempela. Kodwa-ke kukhona abangayithandanga indlela inkampani eyayisishintsha ngayo njengokuthi kwakwaziwa ukuthi ngoDisemba sihlukanisela imali kodwa manje sase sithi imali sizoyithola uma inkampani yenze inzuzo kuphela futhi kunendlela nalokho okunqunywa ngayo,” kusho uNksz uSithole.

Le nkampani itshale ezimbonini ezihlukene. Kukhona Omame Freshly Clean ngaphansi kwe-facilities management, okuyinkampani ebhekelele ukuhlanza isibhedlela, iNkosi Albert Luthuli esiseThekwini, lapho iqashe khona izisebenzi ezingu-350. 

Ikhona nasembonini yokugembula kanti isanda kuhlangana nenye inkampani okuthiwa yiPlaya Bets kanti lapho isiqashe abantu abangu-200. Inamasheya nasezinkampanini ezifana neMbewu Capital, iRainbow neHulamin.

Uthi iCOVID-19 ibe nomphumela ngezindlela ezihlukene emabhizinisini abo njengoba kuya ngemboni lelo bhizinisi elikuyo njengoba kwamanye umsebenzi umile nse, kwathi kwamanye kwavela amathuba amasha.

Yena uqobo uthe akuzuzile wukukhula njengomholi njengoba kudingeke azifundise ukuthemba abantu ukuthi bazowenza umsebenzi ngendlela efanele ngisho besekhaya, bengekho ehhovisi.

“Loko yiyona nto edinge ukuthi ngikhule impela ngoba bekungelula. Bekumele ngifunde ukuthi abantu abadingi ukuthi (bahlale) begadiwe, bayakwazi okulindelwe kubona futhi bazokwenza njengoba nami ngikwazi loku ibhodi elikulindele kimina futhi ngikwenza. Ukuze uthembe omunye umuntu, kudingeka uzithembe wena kuqala,” kusho yena.

Ukukhula emndenini owawazisa imfundo yikona okwenze uNksz uSithole athi uma esegxila emabhizinisi anqume ukuyothuthukisa ulwazi lwakhe njengoba enza iziqu ze-Master’s zesibili, i-The Executive Global Master’s in Management eLondon School of Economics.

“Ngikhule abazali bethu beyazisa kakhulu imfundo. Babe yaye bathi awunaso isibongo esizokuvulela iminyango, ngakho imfundo, amakhono onawo nokuzimisela kwakho yikona okuzokusiza empilweni. Yingakho kwathi uma sengigxila emabhizinisini ngabona ukuthi kungakuhle nakhona ngithuthukise ulwazi lwami ngemfundo ukuze ngizoqonda kahle yonke into okukhulunywa ngayo,” kusho uNksz uSithole.

Unabafowabo ababili, nakuba oyedwa esashona. Uthi ukungacwaswa wobhuti bakhe uma kudlalwa kanjalo nendlela uyise ayenza ngayo uma besebenza esitolo sakubo nakho kumsizile empilweni, ikakhulukazi emabhizinisi.

“Yeyi bangishuka laba bantu! Kwakungekho uma sidlala ukuthi kukhona into yomuntu wesilisa noma wesifazane. Uma kudlalwa izimoto nami ngangidlala kanti uma sidlala umagalobha nabo babewudlala. Kwangisiza loko ukuthi ngazi ukuthi ayikho into yabafana noma yamantombazane kuphela. Nobaba esitolo kwakungekho ukuthi kukhona into intombazane engayenza, sasifunda konke, ukushaya isisefo, ukubala isitokwe, konke lokhu naye ayekwazi ngebhizinisi.”

Ukuba yi-psychologist usephindele kukona njengoba enye inkampani Omame asebenayo yi-The Resilience Institute of SA igxile ekuqeqesheni izisebenzi zezinkampani ezizimele nezikahulumeni ngezindlela ezihlukene zokuzinakekela.

Nalapha uthi kusebenza ukukwazi ukuba nozwelo.

“Njengoba siphila esikhathini sobhubhane akusasebenzi ukuthi wazini kodwa okumqoka wukuthi unakekela abantu kangakanani futhi unozwelo kangakanani. Sisiza abantu babheke nezinye izinto eziyingxenye yempilo yabo ngoba impilo ayigcini nje ngokuthi ukwazi ukwenza umsebenzi ongakanani… sesadlula leso sikhathi lapho kwakuwukuthi wumsebenzi kuphela obhekwayo,” kweluleka uNksz uSithole.

Le nkampani ngenye yalezo ezikhulile ngenxa yeCOVID-19 njengoba izinkampani zidinga usizo ukuze izisebenzi zikwazi ukubhekana nendlela impilo esishintshe ngayo. 

Okunye ngaye: 

  • Unendodana eyodwa eneminyaka ewu-12;
  • Ukhonze ukugijima nokuqwala izintaba;
  • Uthanda yonke inhlobo yomculo, ikakhulukazi odansisanayo.
  • Ukhonze ukufunda izincwadi ezikhuluma nge-philosophy.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page