UZawadi Yamungu, ogama lakhe wuNkosingiphile Mpanza, wumculi oqhakambisa amahubo, isiNtu nobu-Afrika. I-albhamu yakhe yokuqala ithi HRM Magogo School of Thoughts

Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo. Ngangiphiwa ngabazali. Ubaba nje wayengipha ngaso sonke isikhathi.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi ibhange?
Ngiqale ngo-2011, ngayivula eCapitec.
Uma ukhumbula ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo futhi yini owayifunda ngemali?
Umuntu uma esemncane nje akanaki. Ngiyakhumbula nje ukuthi ngisemncane ngisahlala emakhaya ngangigibela uma ngiya esikoleni. Kwesinye isikhathi ngangibuye ngingakhokhi emotweni ngiphosise ngithi imali ilahlekile, ibe ikhona. Loko ngangikwenza nje ngenxa yobungane ngenzela ukuthi ngibe nemali engizothenga ngayo izinto ezimnandi.
Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho?
Ngiqale ngawo u-2011 eMangwanani African Spa. Ngangihola uR8.08 ngehora, sisebenza kusuka ngo-7:30 ekuseni kuya ku-5:30 ntambama, kuthi uma sisebenza ebusuku (singena) ngo-5:30 ntambama, siphume ngo-11 ebusuku.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Umholo wami wokuqala ngawubeka ngawuhlanganisela ukuthi ngifake (ama-burglar guard) ekhaya eNanda ngenxa yokuthi sasihlala singabesifazane abaningi (kuyimi, umama, odadewethu abane nobhuti wethu omncane), njengoba sake sagqekezelwa, kwangena abantu silele ebusuku.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Into esengike ngayenza ngemali nengisayenza namanje wukunakekela umndeni wami, umama nabantwana basekhaya ngokubathengela izidingo zasekhaya ngoba imina engimdala.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Yiphutha lokungasenzi isabelomali ngemali. Uthi mhlawumbe uthole uR10 000 kwi-akhawunti uvele uwusebenzise ngento ongeke ukwazi ukuyibala, kugcine kube wukuthi uvele wayothenga nje ugcine usubona ngesikade ukuthi imali ayisekho, nokuyilapho obe usubona khona ukuthi awuyihlelelanga ngendlela efanele imali.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?
Ngake ngalutheka ngajoyina u-Crowd 1. Sahlanganisa nosisi wami safaka oR650 umuntu emunye. Angikaze ngithole ngisho isenti. Ngafunga ukuthi angisophinde ngizibandakanye ezintweni (ezinjalo).
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi uma unemali ungakwazi ukwenza yonke into kodwa okusemqoka kakhulu ukuthi ungakwazi ukujabulisa umndeni wakho, ungakwazi ukuzijabulisa wena, ungakwazi ukuzenza ube muhle, ungakwazi ukuthenga imoto, umuzi nezinto eziningi. Kodwa-ke kukho konke kumele ukwazi ukuhlela kahle.
Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingaqala ngokuthenga indawo, ngakhele umama umuzi awufunayo bese ngitshala imali ezinkampanini ezinkulu. Ngingaphinde ngithengele umama isitolo ngoba uyakuthanda ukudayisa. Into nje ezokwazi ukusenza sibe nemali ngicabanga ukuthi iyona engingayenza uma ngingawina uR1 million kodwa nje ngingenza isiqiniseko sokuthi leyo mali ngiyayitshala nakanjani.
Ungaweluleka uthini amanye amaciko ngokuphatha imali?
Singamaciko kumele siyeke ukuthanda izinto nokuziqhathanisa nabanye abantu. Asifani, siphuma emakhaya angafani futhi asisoze safana. Nguwena owazi izidingo zakini, ukuthi usukaphi nokuthi uphumaphi. Ungaphili ngendlela okuphila ngayo omunye umuntu, hlelela imali yakho bese uyonga kuloko okuncane onakho.