Indaba yomonakalo wezibhelu ixoxwa ngezithombe

Izithombe: yiSAPOA, zithunyelwe noGoogle

Ungoti uthi akufanele basolwe osomabhizinisi abazophosa ithawula, bashaye bachithe uma sebekhokhelwe wumshwalense. USLINDILE KHANYILE uyabika

IZINKAMPANI eziningi sezikhiphe imiyalezo ezibophezelayo ekwakheni kabusha nasekuvuseleleni izitolo ezilimale ngenxa yezibhelu zangesonto eledlule. Nokho bakhona abazophosa ithawula kanti akufanele basolwe  ngalokho.

Usho kanje ungoti wemboni yezakhiwo, uNksz uLynette Ntuli, oyisikhulu esiphezulu se-Innate Investment Solutions.  

UNksz uNtuli uthi akusizi futhi nokuthi irekhodi likahulumeni lokusebenzisana nosomabhizinisi sekuneminyaka lilibi kanti neCOVID-19 isifike yengeza kuloku.  

“Uma ubheka izibalo ngaphambi kwale nto eyenzekile bezivele zingezinhle. Ezomnotho, ezesibalo sabantu abangasebenzi, ukudla… bekuvele sekubiza. Nokusho ukuthi kungenzeka uthi uqala phansi, uzinikele ngakho konke onakho kodwa uthi usuqedile uthole ukuthi kodwa awunawo vele amakhasimende.

“Ngakho kukhona abazothi uma sebekhokheliwe umshwalense baqeda ukukhokha izikweletu zabo, (badiliza) izisebenzi ngokusemthethweni, abazobuka ukuthi kungcono ngithathe engisele nako ngibone ngenze njani ngempilo yami kanti ngeke sabasola abazokhetha ukwenza kanjalo,” kusho yena.

UNksz uNtuli, isikhulu esiphezulu se-Innate Investment Solutions

Isibalo sabantu abangasebenzi njengamanje siwu-32.6% kanti umnotho ukhule ngo-1.1% ngekota yokuqala yalo nyaka. Izibhelu zangesonto eledlule zishaye phansi izinhlaka zomnotho KwaZulu-Natali nezingxenye zeGauteng. Abantu asebeshonile ngenxa yazo bangu-276.

Ngokusho kwezibalo ezikhishwe yiSouth African Property Owners Association (iSAPOA) kuleli sonto, umonakalo obusabaliwe ushaye umnotho wezwe ngoR50 billion kanti KwaZulu-Natali kube wuR20bn.  

Ziwu-161 izinxanxathela zezitolo ezinomonakalo omkhulu, izindawo zokugcina impahla ama-warehouse awu-11, amafemu ayisishiyagalombili nezindawo ezidayisa nezigcina utshwala eziwu-161. Ziwu-100 ezishisiwe bese kuthi izitolo okutatshwe kuzona zicela ku-3 000. Ziwu-200 izinxanxathela okutatshwe kakhulu kuzona kodwa umonakalo awangaba mkhulu kangako.

Inani lempahla etatshiwe wuR1.5bn eThekwini kanti esewonke amabhizinisi athintekile awu-40 000. Imishini yokukhipha imali ecekelwe phansi iwu-1 400 kanti amakhemisi angeke esavuseleleka angaphezu kuka-90. Ingqalasizinda yezokuxhumana emoshekile iwu-113. 

Lezi zibalo ziveze nokuthi iwu-150 000 imisebenzi esengcupheni kanti abasebenzi abayingxenye ye-informal economy, okukhona kubo nabadayisi basemgwaqweni abaphazamisekile bangu-50 000.

Umonakalo oshiywe yizibhelu

UNksz uNtuli uthi kuzothatha cishe izinyanga eziwu-18 kuya eminyakeni emibili ngaphambi kokuthi ezinye zezinxanxathela zezitolo ezicekelwe phansi zivuke, zisebenze ngokupheleleyo. Uthi futhi kukhona abanikazi bezitolo abazosebenzisa leli thuba ukunciphisa amagatsha abanawo.

“Uma ubheka (isitolo) sakwaMakro esishiswe sonke, kuthatha okungenani izinyanga eziwu-18 ukwakha isitolo esinjeyana bese kuba khona ukuthi labo othenga kubona impahla nabo bathintekile, sekuzoya nokuthi bakwazi masinyane kanjani ukuvuka, nokusho ukuthi lesi sikhathi singaluleka sigcine sesiyizinyanga eziwu-24.

“Kunemicikilisho eminingi, izinkontileka zokuqashisa, abakudayisela impahla… kuningi. Ezinye izitolo zizonquma ukunciphisa (amagatsha) ngoba vele enye inkinga wukuthi sinezinxanxathela zezitolo eziningi eNingizimu Afrika. Uthole ukuthi kunamagatsha amabili noma adayisa into eyodwa agqagqene ngamakhilomitha amabili,” kusho uNksz uNtuli.

Umsusa walezi zibhelu kube wukuboshwa kowayengumengameli wezwe uMnu uJacob Zuma. Nokho ongoti abaningi bepolitiki nezomnotho bayavumelana ngokuthi umnyombo wazo yizinkinga ezibhokile ezweni okuwukungalingani, ububha nokuntuleka kwemisebenzi.

UMnu uMalose Kekana, ozothatha izintambo zokuba wumengameli weSAPOA, uthe: “Kube nesikhathi eside abantu abamnyama bengenawo amathuba okutshala (emnothweni) kanti okwenzeke kulezi zinsuku ezidlule kuhlehlisele emuva okuhle obesekuzuziwe kule minyaka ewu-25 edlule, ikakhulukazi ezindaweni ebezingathuthukile. Iningi lezinxanxathela ezisematheni ngezabantu abamnyama abasembonini yezakhiwo.”

UKekana weSAPOA

Uthe iningi lezinxanxathela zezitolo ezisemalokishini zakhelwe ukuthuthukisa impilo yaleyo miphakathi ezikuyona kanti abazothinteka kakhulu ngokuphelelwa wumsebenzi yibo kanye laba bantu izinxanxathela ezazakhelwe bona.

I-South African Special Risk Insurance Association (iSasria), inkampani yomshwalense kahulumeni nokuyiyona eqondene nokunxephezela abalinyalelwe yimpahla ngenxa yezibhelu, ithe cishe kuzothatha izinyanga ezimbili ngaphambi kokuthi yazi kahle inani lomonakalo. Nokho igcizelele ukuthi ikhona imali futhi ikulungele ukubhekana nezicelo zalabo abalinyalelwe yimpahla.

Isikhulu esiphezulu seSasria uMnu uCedric Masondo sithe le nkampani ayikaze iwubone umonakalo, udlame nokutatshwa kwempahla okufana nalokhu okwenzeke ngesonto eledlule kule minyaka engu-42 yasungulwa. Uthe benza konke okusemandleni ukuphuthumisa ukuphothula izicelo esezingenile.

UMasondo, isikhulu esiphezulu seSasria

I-Banking Association of South Africa ithe ukulimala kwama-ATM kuzophazamisa izigidi ezihola imali yezibonelelo zikahulumeni emabhange. Noko ithe izokwenza konke okusemandleni ukuthi umonakalo ungazweli kakhulu.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page