Ikhushuliwe imali ongayikhipha esikhwameni sempesheni ngisho singakafiki isikhathi sokuya empeshenini. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMNYANGO wezeziMali umemezele kuleli sonto ukuthi kunqunywe ngokusemthethweni ukukhushulwa kwemali umuntu avumeleke ukuyikhipha esikhwameni sempesheni esizimele uma kuyisikhwama angasasikhokheli.
Ukubuyekezwa kwemigomo elawula lokhu ku-Section 1 womthetho wokukhokhwa kwentela, i-Income Tax Act No 58, owashaywa ngo-1962, kwakumenyezelwe ngenkathi kwethulwa iSabelomali ngoFebhuwari nonyaka.
Ngokomthetho omusha, uma umuntu enempesheni esikhwameni esizimele iRetirement Annuity kodwa engasasikhokheli usezovumeleka ukukhipha uR15 000 kusona ngisho engakafiki eminyakeni ewu-55 futhi akukho ntela ezobanjwa.
Ngaphambi kokubuyekezwa le mali, ibingeqi kuR7 000. UMnyango wezeziMali uthi loku ukwenzela ukulekelela imindeni ukuthi ikwazi ukuthola le mali uma iyidinga.
Umeluleki wezimali ongathandanga ukudalulwa uthi nakuba ekuqonda loku uhulumeni azama ukukwenza kodwa ukhathazekile ngomphumela omubi okungase kube nawo.
“Ngenhlanhla akuthinti abantu abaningi loku ngoba ababaningi kangako abantu abanezikhwama zempesheni abangasazikhokheli. Kodwa ngikhathazekile ngokuthi kuzogqugquzela abantu ukuthi bakhiphe imali okufanele ibasize ngomuso.
“Ngiyaqonda ukuthi uhulumeni uzama ukusiza abantu, ikakhulukazi ngalesi sikhathi lapho abantu bephelelwe yimisebenzi futhi abanye bencishiselwe imiholo. Kukhona nokuthi abantu abaningi ezweni lethu bacwile ezikweletini, nokusho ukuthi labo abanazo lezi zikhwama bazosizakala kodwa ngibona unokubi kunokuhle. Vele ezweni lethu abantu abongi kangako futhi sidinga ukubagqugquzela ukuthi bonge kodwa loku kuzokwenza ukuthi baqhubeke nokungayongi imali,” kusho lo meluleki.
Uthi kumqoka ukuthi abantu baqonde indaba yenzalo ekhula ngoba umuntu ebeka imali isikhathi eside, lena okuthiwa yi-compound interest.
“Kuyiqiniso ukuthi uma ungasasikhokheli vele isikhwama sakho inzalo ngeke ikhule okutheni kodwa kungcono kunokungabi nalutho mhlazane sekufika isikhathi sempesheni. Esami iseluleko sithi uma ungayidingi, iyeke kodwa uma ingawenza umehluko empilweni yakho ngokwesimo obhekene naso manje, ungakhalela kuyona,” kweluleka yena.
Lo meluleki ukhala ngokuthi abantu abongi nje kanti uJulayi yinyanga yokugqugquzela abantu ukuthi bonge eNingizimu Afrika. Esinye isizathu okuthiwa senza abantu bangakwazi ukonga wukucwila ezikweletini.
“Abantu abaningi baseNingizimu Afrika bayafisa ukongela impesheni yabo kodwa iqiniso wukuthi iningi labantu eliphakathi kwalabo abantulayo nabacebile uma sebekhokhele izidingo zabo enye imali iphelela ekukhokheleni izikweletu. Yiningi imali ephelela ezikweletini, nokwenza ukonga kube likhuni futhi kokunye kungenzeki nhlobo,” kusho uMnu uBenay Sager, ophethe iDebtBusters, inkampani eyeluleka ngokuphatha imali.