Zimbili izinto ngomnotho ezibhekwe ngabomvu kuleli sonto 

KULELI sonto zimbili izinkomba ezimqoka ezimakethe zezimali zangale kota yokuqala yonyaka ezibhekwe ngabomvu. Namhlanje sibheka i-Absa purchasing managers fund (i-PMI), inkomba yesimo somnotho sokudingeka nokudayisa kwezinto ezidayisayo, ekhombise ukusimama kancane ngoJanuwari ngemva kokuntenga ngekota yesine yangonyaka odlule.

Osopolitiki ngeke baphinde bazitamuzele emnothweni uma sibambelela ezinguqukweni ezinqala – isithangami

IZINGUQUKO ezinqala osekuneminyaka ziqalile ngaphansi kohlelo i-Operation Vulindlela azibalulekile kuphela ngenxa yokuthi zizolekelela ukukhulisa umnotho kodwa zimqoka futhi ngoba yiyona ndlela yokuvikela umnotho kungakhathalekile ukuthi wubani ophethe kuhulumeni.

Imeya yaseThekwini isekhaleni lomkhankaso wokuphucula ingqalasizinda yezokuvakasha

ISIMO semboni yezokuvakasha eThekwini sizoshintsha njengoba imeya kaMasipala waseThekwini iqinisa umkhankaso wokuvuselela izindawo zokuvakasha ezingadumile nokwandisa ingqalasizinda yezokuvakaskha yedolobha.

ISabelomali sikhombisa ukuthi idlangile inhlupheko eNingizimu Afrika futhi bayingcosana abakhokhintela, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISABELOMALI esithulwe wungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana izolo sicacisa inhlupheko eNingizimu Afrika, ikakhulu isibalo sabantu abathembele osizweni lukahulumeni.

ISabelomali sibeke into ecacile ngokulungisa umnotho nesimo sezwe – iBLSA

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ibongela ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngokuthula iSabelomali esinesithunzi futhi esizwakalayo sokubhekana nezinselelo zezwe nesiqinisekisa ukuzibophezela kukahulumeni ezinguqukweni ezinqala.

Kongiwe uR17.5bn ngezinhlelo ezihlukene zokunciphisa ukumosa kuhulumeni 

UHULUMENI uzokonga uR17.5 billion ngezinhlelo ezihlukene osanda kuzethula ezifaka ukubuyekeza izinto ezingasebenzi kahle nangenxa yohlelo olugquqguzela izisebenzi ukuthi zisheshe zithathe umhlalaphansi.  

Uhulumeni ukitaze izakhamuzi ngentela nokulungisa omasipala kwiSabelomali 

UHULUMENI ngeke usanyusa intela ngoR20billion njengoba wawubikezelelile ngonyaka odlule. Yize umNyango weziMali uthi lezi ngezinye zezindlela zokuphungulela abakhokhintela umthwalo kodwa kubukeka kungeminye yemizamo yokujabulisa izakhamizi kwazise lona wunyaka wokhetho lohulumemi bomasipala.   

Kuhamba kahle ngokuphatha imali. Sekushoda iSabelomali esizokhulisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso 

I-INTERNATIONAL Monetary Fund (i-IMF) isigcizelele umyalezo okade amabhizinisi ewudlulisa wokuthi izinguquko ezinqala eNingizimu Afrika zingawukhulisa umnotho ngendlela ebonakalayo, inqobo nje uma izwe lizoqhubeka ngomgqigqo eliqale ngawo.  

Usekhulumile umengameli, manje akusukunyelwe indaba yokukhiqiza, kuloba uBusi Mavuso 

NJENGOBA isidlulile iNkulumo eBhekiswe esiZweni ethulwe ngoLwesine oludlule, osekufuneka manje wukuphuthumisa ukwenza izinto umengameli uCyril Ramaphosa azimemezelile nokubhekana nangazishongo.

Kwethulwe umbiko ngezingozi zabathengi 

KUNEZINTO ezine ezithinta abathengi baseNingizimu Afrika okufanele umlawuli wemboni yezimali, iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) azibeke eqhulwini ukuvikela abathengi. 

Umengameli uveze isithombe esiyiqiniso ngokwenzeka ezweni – iBusiness Leadership SA

“SISESIMWENI esingcono namhlanje kunesasikuso ngonyaka odlule.” Bekuyilena ingqikithi yomyalezo kamengameli uMnu Cyril Ramaphosa ngesikhathi ethula iNkulumo eBhekiswe esiZweni izolo.

Seziyaqala izitokfela ukushaya ngonyawo olusha – iFNB 

ZIYANDA izitokfela ezisibonayo isidingo nomvuzo wokutshala imali isikhathi eside kunokuyibekela izidingo zesikhashana kuphela. 

Mkhulu umsebenzi ohlalele uhulumeni ukuxazulula inkinga yokuntuleka kwemisebenzi, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISIMO samathuba omsebenzi eNingizimu Afrika asisihle neze. Noma sekuyindabizekwa kakhulu lena kodwa ukujula kwayo kuqhakanjiswa kabusha yimininingwane ngesimo semisebenzi eNingizimu Afrika ekhishwe yiStatistics South Africa (iStats SA).

INingizimu Afrika ibuyela ekuzikhiqizeleni imigomo yamatele 

NJENGOBA iNingizimu Afrika ibhekene nokubheduka kwamatele nezinkinga ezihambisana nawo, njengokutholakala kwemigomo ngokushesha, kuntwela ezansi ngemva kokuthi isikhungo socwaningo kwezolimo sidlulisele kungqongqoshe womnyango umthamo wokuqala wemigomo yamatele seloku sagcina eminyakeni ewu-20 edlule ukuyikhiqiza.

Kukhunjulwa ukudilika umgodi eLily Mine emva kweminyaka eyishumi yesehlakalo

NGOLWESINE oludlule kuhlangane iminyaka eyishumi kwadilika umgodi eLily Mine eBarberton, eMpumalanga. I-Junior Mining Council (iJMC) ilila nemindeni yabantu ababhubha, izisebenzi eziyisishiyagalolunye nomphakathi waseBarberton ukukhumbula lolu suku olubanga umunyu.

Usemningi umsebenzi ekuphuculeni indlela omasipala abaphatha imali ngayo – umcwaningimabhuku-jikelele

NJENGOBA iNingizimu Afrika izobanokhetho lohulumeni basekhaya, umncwaningimabhuku-jikelele uthi simo sikahulumeni wasekhaya siyaqhubeka nokubasibi ekuletheni izidingo emphakathini.

I-Standard Bank iphuthumisa izinhlelo zokuqeda amagatsha angayiphathi imali

I-STANDARD Bank Personal and Private Banking iphuthumisa uxhaxha lwayo lwamagatsha ukuhambisana noshintsho endleleni amakhasimende asenza izinto ngayo nokuncipha kwezindawo ezisebenzisa imali ewukheshi njengoba kwanda amagatsha angeke esaphatha imali kulo nyaka.

Kuphelile ukulinda imali amalombo kosomabhizinisi baseThekwini 

BUZOPHELA ubunzima bokulandela uMasipala waseThekwini ukukhokhela osomabhizinisi ngomsebenzi asebewenzele wona njengoba ubuholi bawo buzibophezele ukuthi bakhokhelwa ngesikhathi.

Isikhwama esingakhokhele umfelokazi sesibikwe kwiFinancial Sector Conduct Authority

USHAQEKE wabikela umXazululi wezinKinga zemPesheni umfelokazi oyalelelwe yisikhwama sempesheni ukuthi uzothola uR6 000 kuphela emalini yomyeni wakhe obesesebenze iminyaka engaphezu kwewu-40 enkampanini eyodwa. 

Impumelelo yezinguquko zeNingizimu Afrika iletha ithuba njengoba izinto zimapeketwane emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso 

I-WORLD Economic Forum (iWEF) ebingesonto elidlule inike iNingizimu Afrika isigcawu esikhulu sokutshengisa ukuthi izinguquko ezenzayo zithela izithelo ezibonakalayo.

U-Trump uyaqhubeka nokusabisa amazwe ngentela yezimpahla

AZISAMNAKI izimakethe umengameli waseMelika uMnu uDonald Trump njengoba zingazange zinyakaze ngesikhathi esabisa amazwe aseYurophu ngokuthi uzonyusa intela yezimpahla zawo ezidayisa eMelika uma engamvumeli ukudla iGreenland futhi unamasosha alungele ukwenza lo msebenzi noma nini. 

I-Jonsson Workwear Durban Open izokhangisa idolobha laseThekwini emhlabeni wonke 

UMASIPALA waseThekwini uzophinda wenze umdlalo wegalofu wabadlaligalofu basemazweni ehlukene iJonsson Workwear Durban Open ozoba yingxenye yezinhlelo zeSunshine Tour neHotelPlanner Tour ngenyanga ezayo.

Ukuvala kwenkampani kagwayi wumphumela wokungayisukumeli indaba yokulwa nezimpahla zomgunyathi, kuloba uBusi Mavuso

IZIMPAHLA eziwumbombayi ziqeda imisebenzi. Isimemezelo esenziwe yiBritish American Tobacco (iBAT) sokuthi izovala ifemu yayo okuwukuphela kwayo eNingizimu Afrika kulo nyaka kutshengisa ukuthi uma imigomo ixega nokugcina imithetho, ezokukhiqiza ezisemthethweni zicekeleka phansi.

Yize izwe selibuswa ngentando yabantu, abantu abamnyama basahlala kude nezizinda zomnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

NGEMVA kweminyaka ewu-30 iNingizimu Afrika yangena ngaphansi kombuso lapho nabantu bomdabu benamalungelo agcwele izwe alikenzi mehluko otheni ukuguqula indlela uhulumeni wobandlululo ahlela ngayo inhlalo nemisebenzi yabantu abamnyama.

Sisethubeni lokuqala kahle ekade sakugcina ngezinto eziseqhulwini ezintathu, kuloba uBusi Mavuso

ININGIZIMU Afrika iqala u-2026 ngamanani ezimpahla zomkhiqizo aphezulu, ugesi ongacimi, isimo sezimali esizinzile nemalimboleko ephansi, okudala isisekelo esiqinile somnotho kule minyakeni eyishumi edlule.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page