Author: admin
Abantu baseNingizimu Afrika bakhala kufanele – uRamaphosa
WULANGA KHANYILE NGEMVA kwemibhikisho esisabalele ezweni mihla yonke ikhala ngabantu bokufika, nesiqubule impikiswano phakathi kwezakhamuzi, umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa ugcine ephoqeke ukuphinde akhulume nesizwe. Ukhulume nesizwe ngeSonto ntambama. Le … Read More
Kubalulekile ukuba nomshwalense wokugada ingozi – umeluleki
ABANTU abaningi baseNingizimu Afrika babhekene nesimo sokuthi uma kungabanomshophi owodwa kungabheda isimo sabo sezimali. Kungabawukudilizwa emsebenzini, ukugula noma ukukhubazeka, isimo sezimali emakhaya abantu ezweni lonke siyaqhubeka nokubabucayi ngenxa yokunyuka kwezindleko zokuphila nesimo somnotho esicikizelayo.
‘Akungalanjwa ekhaya ukhona usebenza’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noLungisani Njapha, odume ngelika’Emza’. Uwumculi wekwaito negqom’ nomdansi. Usebenzisane nabaculi abahlukene emculweni wakhe, okubalwa kubo uDJ Tira engomeni ethi Phezu kwesoso, uDJ Clock noBhar kwi-Angels. Une-albhamu ngaphansi kweBlaqk Records, equkethe izingoma ezifana neNswelaboya, i-Weekend neNgena Enganen’
‘Imali iwumoya. Yiphathe kahle, nayo izokunakekela’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noKhanyo Makhathini, odume ngelika‘Queen Rejoice’. Uwumsakazi weNanda FM othula uhlelo lwasekuseni lwempelasonto i-The Morning ShakeUp, ne-Asilungiseni Sundays kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-12 emini. Unamava eminyaka ewu-16 esakaza kulesi siteshi. Useke wahlabana ngezindondo i-Best Magazine Show kumaMTN Radio Awards ne-Best Content Producer kwiNtandoyesizwe Awards
‘Imali iphathiswa okwezikhali zamaNtungwa’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uThokozani Zulu, odume ngelika‘Tzozo’. Uwumculi wekwaito wodumo lwengoma ethi Woza eDurban eyaphuma, nethi Amantombazane ayicula noProfessor nosihlalo waseKZN weCultural and Creative Industries Federation of South Africa. Useke wasebenza nabaculi abaningi okubalwa kubo uProfessor, uDJ Tira, iTrompies, uZakwe, uLvovo, neBig NUZ
Ukuzikhulumela kumvulele ithuba lokuwashela amaBhokobhoko
UKUZIKHULUMELA kwenza insizwa edabuka eMgungundlovu, KwaZulu-Natali, yathola ithuba eliyingqayizivele namuhla esiwasha ijezi leqembu lombhoxo laseNingizimu Afrika. Yasizwa wukuqonda izikhulu bebhola lombhoxo eNingizimu Afrika yazazisa ukuthi inelondolo engawasha ijezi lamaBhokobhoko uma eseThekwini.
‘Zithokozise kodwa wonge imali’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noDJ Mello, ogama lakhe langempela wuNjabulo Meyiwa. Udume ngokudlala umculo we-soul ne-R&B, ongasoze wabuna, i-hip hop, i-jazz ne-house. Udlala emicimbini ehlukene, njengemishado nezindawo zobumnandi, uwumnikazi weMello Musiq Entertainment eyenza nomkhiqizo nezingubo zokugqoka
Phansi amaphaphu ngokususa uRamaphosa – izingqapheli
LUFANA nenunu engafi udaba lokuntshontswa kwezindodla zamadola epulazini likamengameli waseNingizimu Afrika uMnu UCyril Ramaphosa ngemva kokuthi iNkantolo yomThethosisekelo inqume ukuthi umbiko weSigaba 89, othinta lolu daba kwakungafanele uye kumalungu ePhalamende kodwa kwakufanele uqonde ekomitini elengamele izinhlelo zokususa umengameli.
Ukusondeza omasipala abakhulu akuziphuculi izinto, kuloba uJabulani Sikhakhane
UBUKHULU bukamasipala bubalulekile kodwa ngezizathu ezihlukene. Omasipala abakhulu, ngokwendawo abanayo noma abantu abangaphansi kwabo, basesimweni esifanele ukuzakhela nokuziphathela izinhlelo ezidinga imali eningi okungaba ngeyamanzi nengqalasizinda yokuhambisa indle. Nokho uma bebakhulu babakude nezakhamuzi bese bengazihambisi kahle izidingo kubantu.
Ziyaqhubeka izinhlelo zokuthola isisombululo eTongaat Hulett – Tau
UNGQONGQOSHE womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau uthi bayaqhubeka nezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi iTongaat Hulett ayivali njengoba befake uR200 million ukuqinisekisa ukuthi abahlenga ibhizinisi nenkampani kamacaphunakusale uMnu uRobert Gumede iVision Consortium bayavumelana ngezimali ezidingekayo ukuvuselela le nkampani.
‘Zama izindlela zokwenza imali ihlale ingena’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noThembinkosi Booi, ocula umculo wokholo. Uwumsunguli weJampa amaFence Records. Udume ngeculo elithi Usathane uJampa amaFence. Yize eke wathatha ikhefu emculweni, usebuye ngamandla nge-albhamu entsha esihloko sithi Themba iNkosi, ayiqophe ngaphansi kwePika Records, okulindeleke ukuthi iphume kule nyanga. Kule albhamu usebenzisane nabadidiyeli bomculo okubalwa kubona uMojalefa Mjakes Thebe noMpumi Ndamase
Akuyekwe ukucekela phansi izimboni kungaze konakale kakhulu, kuloba uBusi Mavuso
NOMA yiziphi izifiso iNingizimu Afrika enazo zokuvuselela izimboni zishabalala sibhekile. UmNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana kufanele usihole ukushintsha izinto uma uthatha izimboni njengezibalulekile ekukhuleni komnotho weNingizimu Afrika. Uma uhluleka, kunesizukulwane saseNingizimu Afrika esizothwala kanzima.
Umasipala usukumela ubuhixihixi bokukhokhela somabhizinisi
EMVA kokwanda kwamahlebezi okuthi osomabhizinisi abasebenzisana noMasipala waseThekwini ukulungisa ingqalasizinda yamanzi bazovalela izakhamuzi zalo masipala amanzi ngoba bengakhokhelwe, imeya uMnu uCyril Xaba ibize isithangami sabezindaba ukucacisa ngokukhokhelwa kwabo. Lesi sithangami besiseCity Hall, enkabeni yaseThekwini, KwaZulu-Natali, izolo.





















































































