I-Clientele ihlela ukuyeka ukuhweba eJSE. Isithombe: Sithunyelwe

I-Clientele yehla inqola yeJSE emva kweminyaka ewu-20

WUBONISWA MOHALE

INKAMPANI yomshwalense yaseNingizimu Afrika iClientele imemezele ukuthi ihlela ukuyeka ukuhweba eJohannesburg Stock Exchange (eJSE) emva kokuhweba iminyaka engaphezu kwewu-20.

I-Group compliance officer yeClientele uNkk uMarilyn Pillay-Gumbie ithe ibhodi yeClientele ithathe isinqumo sokuyeka ukuhweba eJSE ngenxa yezizathu eziningi.

Kuzona ubale ukuthi amasheya ale nkampani akuhwetshwa ngawo kakhulu njengoba abantu bebambelela kuwona. Loku kwenza ukuthi inani lokuhweba ngawo libephansi futhi kunokungahlaliseki kahle kumanani amasheya.

Ukungahwebi ngamasheya ngentengo yawo efiswa yinkampani kwenza kubenzima kumakhasimende anamsheya nabafuna ukuwathenga, kuphazamisa nezinhlelo zenkampani zokungenisa imali nokusebenzisa amasheya ngendlela engenisa imali.

“Kulesi simo iClientele ayiyitholanga imihlomulo yokuhweba eJSE. Ukungahwebi kuzosiza ukwehlisa izindleko ezihambisana nokuhweba, kunike abaphathi isikhathi sokugxila ekukhuliseni inkampani. Ukuyeka ukuhweba akwenziwela ukungenisa imali kodwa kuhambisana nezinhlelo zenkampani zokuthi ithenge amasheya ngemali efanele kubantu abafisa ukuwadayisa,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: I-JSE ihleli noR4.5 billion wamavenge abatshala imali

Abantu abafisa ukuhlala namasheya abo emva kokuthi inkampani isiyekile ukuhweba eJSE bavumelekile ukwenza loko. Bazonikwa ithuba lokuwadayisa kanye ngonyaka ngesikhathi esizonqunywa yinkampani.

UNkk uPillay-Gumbie uthe sebesayine isivumelwano ne-Acacia Empowerment Investments Proprietary Limited (i-AEI) esizonyusa isibalo samasheya e-Black Economic Empowerment abengaphezu kwango-10%. Imali etholwe yiClientele esivumelwaneni sayo ne-AEI izosebenza ukuthenga amasheya abantu abafuna ukuwadayisa.

Mayelana nokuthi amakhasimende nabanye abaxhumene neClientele bazothinteka kanjani ngesinqumo sokuyeka ukuhweba eJSE, uthe ngeke baphazamiseke. Uthe ibhodi yeClientele ihlolile ukuthi inkampani izokwazi ukufeza konke okulindeleke kuyona ngemva kokuyeka ukuhweba eJSE.

Uphethe ngokuthi konke loku kukhona kwisaziso abasifake eJSE ngomhlaka-30 wango-Ephreli futhi okwamanje abakwazi ukusho okuningi, bazoqale bashicilele isitatimende esinayo yonke imininingwane abazosithumela kwabanamasheya emasontweni amabili azayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page