Kuxwayisa ngemishwalense ekhohlisa ngegama leSassa
WUBONISWA MOHALE
UMAME waseThekwini ohola impesheni kahulumeni uxwayisa izaguga ngokujoyiniswa umasingcwabisane zingazi ngemva kokugileka kwakhe.
UNkk uBizeni Buthelezi waseMpola, eDassenhoek, ngasePinetown, KwaZulu-Natali, utshele Umbele ukuthi bavakashelwa yizintokazi ezathi zizosiza abantu abahola izibonelelo ngamaphasela okudla, zase zithatha imininingwane yaso.
Emva kwaloko, uthi wabona impesheni yakhe isishoda ngoR210. Uma eya emahhovisi eSouth African Social Security Agency (iSassa), watshelwa ukuthi imali ithathwa wumshwalese kamasingcwabisane wakwaClientele Life.
“Ngibe sengicela ukuthi bawususe lowo masingcwabisane, ngabashayela ucingo naseClientele ukuthi bawukhansele. Angizange ngivume ukujoyina umasingcwabisane. Amantombazane ngawanika imininingwane yami ngoba ethi ngizothola ukudla, hhayi ukuthi ngangifuna umasingcwabisane. Ngiyafisa nezinye izalukazi (ziqaphele) ngoba abemishwalense bazenza sengathi basebenzisana neSassa,” kuxwayisa yena.
Isikhulu sezokuxhumana eSassa uMnu u-Andile Tshona sithe sebezwile ngezinkampani zomshwalense ezikhohlisa abantu abahola izibonelelo ngokuthi zisebenzisana neSassa.
FUNDA NALAPHA: I-Sassa izoqinisa ibhawodi ukuze izibonelelo zikahulumeni ziholwe ngabafanele
Uthe lo mkhuba uyanda ezweni jikelele futhi bacela abantu abahola izibonelelo baqaphele ngoba iSassa ayikho inkampani yomshwalense esebenzisana nayo.
Uthe ngesonto elidlule kuboshwe izisebenzi eziwu-15 ze-1Life Insurance eKhulile Location, kuMasipala iRaymond Mhlaba, eMpumalanga Kapa, ebezifaka abantu abahola izibonelelo kumasingcwabisane zithi zisebenzisana neSassa.
“Ayikho inkampani yomshwalense esisebenzisana nayo noma esiyigunyaze ukusebenzisa igama lethu uma izikhangisa. Sivulele i-1Life Insurance nezisebenzi zayo ezithintekayo icala lokusebenzisana umfanekiso weSassa ngaphandle kwemvume.
“Loku kuphula isiGaba-16 somthetho i-South African Social Security Agency Act wango-2004, ovimba ukukhangisa amanga ngokuzihlanganisa neSassa,” kusho yena.
Uxwayise abacabanga ukusebenzisa igama leSassa ukuxhaphaza abahola izibonelelo ngokuthi kuyicala, ngakho bazothathelwa izintathelo zomthetho.
Uthe zonke izisebenzi zeSassa zinezigqebhezana ezinamagama azo nomfanekiso weSassa futhi umuntu othi usebenzisana neSassa kufanele abenobufakazi baloko.
Unxuse ukuthi babike izigameko ezisolisayo noma kukhona abathi basebenzisana neSassa ezindaweni ezihlukene.
I-Group compliance officer yaseClientele uNkk uMarilyn Pillay-Gumbie ibongile ukuthi Umbele ubazise ngodaba lukaNkk uButhelezi yathembisa ukuthi bayazisukumela izikhalo zamakhasimende abo ngoba babeka konke obala futhi balandela umthetho.
Uthe banezindlela ezinqala zokuqinisekisa ukuthi ikhasimende liyawufuna umshwalense, abale kuzona ukuqinisekisa inombolo yomazisi yekhasimende ukuqinisekisa ukuthi okudayiswayo kuchazwe kahle nokuthola imvume yekhasimende ukuthi lifuna umshwalense ngaphambi kokuthi kubanjwe imali yalo.
“Sinawo umshwalense wabo bonke abantu abahola izibonelelo futhi unemihlomulo eyengeziwe abangayikhokheli. Uma kunekhasimende elikholwa wukuthi linomshwalense eliwuthole ngaphandle kwemvume sicela lisithinte ukuze siluphenye udaba lwalo.
“Uma sithole ukuthi kukhona okungahambanga kahle sizothatha izinyathelo ngoba asihambisani nabakhuluma into engekho,” kusho uNkk uPillay-Gumbie.
I-1Life Insurance ithe ayizikhangisi ngokusebenzisa iSassa futhi izisebenzi eziboshiwe bezisebenzela i-broker ezimele esimisiwe nayo njengoba kuphenywa lolu daba.

