Ukuzikhulumela kumvulele ithuba lokuwashela amaBhokobhoko
WUTHOBILE ZWANE
UKUZIKHULUMELA kwenza insizwa edabuka eMgungundlovu, KwaZulu-Natali, yathola ithuba eliyingqayizivele namuhla esiwasha ijezi leqembu lombhoxo laseNingizimu Afrika. Yasizwa wukuqonda izikhulu bebhola lombhoxo eNingizimu Afrika yazazisa ukuthi inelondolo engawasha ijezi lamaBhokobhoko uma eseThekwini.
UMnu uNqubeko Sithole, oneminyaka ewu-32, wasungula iLighthouse Laundry eMhlanga Rocks, eThekwini, ngo-2016 ngemva kokubuya eChina, lapho ayefundisa isiNgisi. Une-Bachelor of Social Science Honours in Drama and Performance Studies yaseNyuvesi yaKwaZulu-Natali.
Waqala ewashela abantu izingubo namateki kanti manje usewashela izinkampani ezinkulu okubalwa kuzona amaBhokobhoko uma ezodlala eThekwini.
“Ngiqala ngangingenalo ulwazi olujulile ngebhizinisi. Ngabanezinkinga zokuphatha imali, ukubala izimpahla nokuqinisekisa ukuthi izingubo zamakhasimende azilimali. Ngagcina sengiqonda konke,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: Uyisixazululo kwabanqena ukuwasha izingubo namateku
Ngemva kokubuya eNingizimu Afrika wabona ukuthi amathuba omsebenzi mancane, ikakhulu entsheni. Esikhundleni sokudikibala, wabheka into ayithandayo.
Uthi wayenothando lokuwasha izingubo. Wasebenzisa imali ayeyongile nosizo lomndeni wakhe, wathenga imishini yokuwasha waseqala ibhizinisi lakhe. “Ngathenga imishini, ngaqala ukuwasha izingubo. Ibhizinisi lakhula kancane kancane.

Umehluko phakathi kweteki elifika lingcolile neseliwashwe eLighthouse Laundry
“Enye yezinto eyangivulela iminyango wukuthi ngazikhulumela mathupha namaSpringboks, ngabatshela ukuthi uma beseThekwini bangasebenzisa inkampani yami uma bedinga ukuwashelwa ijezi.
“Kwadingeka ngizibonakalise kubo ukuthi ngiyakwazi ukwenza umsebenzi. Ngabakhombisa ukuthi ngisebenza kahle nangokushesha. Ekugcineni kwaphumelela,” kukhumbula yena.

Izingubo zekhasimende sezilungele ukulandwa ngemva kokuwashwa eLighthouse Laundry
Ngale kokuwashela izinkampani ezinkulu, iLighthouse Laundry isiqashe izisebenzi ezintathu ngokugcwele.
Ukhuthaza abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi bengasabi ukuqala amabhizinisi angajwayelekile.
“Umuntu akabheke into ayithandayo. Uma wenza into oyithandayo, kubalula ukuyiphusha ize iphumelele ngoba uyakholelwa kuyona,” kucebisa yena.
USithole unesifiso sokukhulisa iLighthouse Laundry ize itholakale nakwezinye izindawo njengaseGoli naseKapa nokusebenza namanye amaqembu ezemidlalo njengawebhola nawekhilikithi.
Facebook: Lighthouse Laundry
Instagram: @lighthouselaundry

