Category: Izimakethe
Amehlo azothi njo kwizibalo zemboni yomkhiqizo
KULELI sonto amehlo azosuka emabhange ombuso agxile ezibalweni zomnotho ezibalulekile. Izibalo ezibhekwe kakhulu inkomba yanyanga zonke yemisebenzi emisha nelahlekile kungabalwa izisebenzi zasemapulazini, emizini yabantu nasezinhlanganweni ezingenzi nzuzohttps://www.umbele.co.za/2026/02/16/yini-i-nonfarm-payrolls/ nezibalo zabantu abangasebenzi eMelika ezizophuma ngoLwesihlanu ezizonyakazisa izimakethe.
Umhlaba wonke uzobheka imalimboleko yaseMelika
KUZOBHEKWA ngabomvu izibalo zokulula izikweletu zemboni ezimele kuleli sonto njengoba zikhuphuke kakhulu ekuqaleni kwalo nyaka. Izinkomba zikhomba ukuthi ababheka izimakethe ezweni bazobheka ukuthi simi kanjani isimo sokutsheleka imali emva kombiko weBhange lomBuso oveze ukuthi ukuboleka imali kubalulekile njengokuyitshala embonini ezimele.
Ukwehla kwamandla emali kusabhekwe ngabomvu
IZIBALO zamandla okwehla kwemali zangenyanga edlule zizobhekwa ngamehlo abomvu kuleli sonto. Kulindeleke ukuthi i-consumer price index inyuke ngamandla isuka ku-4,0% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngo-Ephreli iya ku-5,2% ngoMeyi ngenxa yokunyuka kwamanani kwaphethroli osekuqala ukuzwela emnothweni.
Okwenzeka eChina kuzobanomphumela omkhulu eNingizimu Afrika
NGOLWESINE iChina izoshicilela imiphumela yomnotho wayo yekota yokuqala yonyaka. Le miphumela ibalulekile njengoba iChina izibekele umgomo wokukhulisa umnotho ngo- 4.5% kuya ngo-5%. Imiphumela yokukhula komnotho yekota yokuqala ibalulekile ngoba yiyona ezokhombisa ukuthi ngabe izokwazi yini ukufinyelela kulowo mgomo.


















