UMnu uTebogo Makgatho, umsunguli we-Agrolimo Farms, yaseMeadowlands, eSoweto etshala amaveji ngendlela yesimanje. Izithombe: Zithunyelwe 

Uguqula izindawo ezingasebenzi, zibeyizingadi elokishini

WUTHOBILE ZWANE

INSIZWA yaseSoweto ishintsha izindawo zomphakathi zibeyizingadi zokudla nethemba emphakathini.

UMnu uTebogo Makgatho, waseZone 5 eMeadowlands, usungule i-Agrolimo Farms, elima amaveji ezindaweni zomphakathi ezinganakiwe nasezikoleni eSoweto. Isebenzisa umhlaba ongasebenzi ukutshala amaveji, okubalwa kuwona umbila nethanga.

Uthi uthando lokulima lwaqala esemncane. Ngesikhathi esafunda, nge-Career Day, kwathi ezinye izingane zigqokele imisebenzi ehlukene, yena wafika ephethe amazambane, ukherothi namanye amaveji.

“Ukufika namaveji esikoleni kwakuyindlela yokutshengisa ukuthi ngangifuna ukubawumlimi,” kukhumbula le nsizwa eneminyaka ewu-25,.

Nakuba ekhulele endaweni engenabalimi emndenini nakubangani abengabalimi, isifiso sakhe asizange siphele. Ngemva kokuphothula uMatikuletsheni ngo-2020, wazama ukungena kwezolimo ngokubhalisa eGauteng City College ngo-2021, lapho ayenza i-Animal Production. Nokho washeshe wabona ukuthi inhliziyo yakhe ayikho lapho.

UMakgatho uthi: “Ngayeka ukufunda, ngaqala ukuzinikela emiphakathini nasezikhungweni ezihlukene zomphakathi. Kulapho izandla zami zaqala ukuzwa umhlabathi wangempela.”

Emuva kwalokho wasebenza ePAG/Evergrow naseSoweto Aquaponics, lapho afunda khona ngezolimo zasemadolobheni.

Kwafika isikhathi sokuzimela ngo-2023. Wayesohlelweni iNYS Food Security Programme ngaphansi kweSouthern African Association of Youth Clubs eSoweto, waqala ukudayisa amaveji akhe emphakathini. Wabona lapho ukuthi uthando lwakhe lungamphilisa.

Izitshalo zase-Agrolimo Farms 

FUNDA NALAPHA:Ukhamba lufuze imbiza kumlimi osemncane owenza izinto ezinkulu 

Uthi waqala ngepulazi elincane elingamamitha awu-37, lapho ayetshale khona umbila nethanga. Ngemva kwalokho, wabhalisa ibhizinisi lakhe, i-Agrolimo Farms.

Namuhla usebenzisa izindawo ezisemagcekeni ezikole zikahulumeni iTsumbedzo Primary, iMbuyisa Primary neMatsheliso High School.

I-Agrolio Farms isidlondlobele kangangokuthi isiqashe izisebenzi eziyisithupha eziyitoho. Nakuba umsebenzi uthela izithelo kodwa kunezinselelo. “Kwizinselelo esibhekana nazo amanzi ayinkinga enkulu. Ukuvalwa kwamanzi kwenza kubenzima ukukhulisa amaveji. Kukhona nezifo zezitshalo. Size sisizwe yimvula,” kusho yena.

Usebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukuthola ulwazi, kodwa uthi ulwazi lwangempela uluthola kubalimi abasemkhakheni. UMakgatho uthi: “Ngivakashela abalimi abadala, banginike amasu uma nginenkinga.”

Ululeka abantu abafisa ukungena kwezolimo ukuthi babenesineke, bazikhandle futhi bangadikibali uma izinto zingahambi kahle ekuqaleni.

“Kubalulekile ukuzithemba, uhlale ufunda futhi ufune ulwazi kwabanye, ikakhulu abalimi abadala emphakathini,” kululeka yena.

Ugcizelele ukuthi umuntu kufanele avikele imvelo ngokugwema ukusebenzisa amakhemikhali ayingozi kwizitshalo.

Okwamanje uMakgatho usezinhlelweni zokuqedela i-Higher Certificate in Life and Environmental Science e-University of South Africa kanti ufuna ukudayisa ukudla namaveji emakhishini ezikole ukuze izingane zithole ukudla okunomsoco.

Instagram: @agrolimofarms

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page