Owaqala esiza udadewabo usewu‘dokotela’ wezinwele nesikhumba
WUTHOBILE ZWANE
UKUBONA udadewabo owayenomdlavuza wesikhumba nowayephethwe yi-psoriasis eyeka isikole ngenxa yokuhlekwa yizingane ngoba eqothukelwa yizinwele, kwamnika umqondo wokuthaka imikhiqizo eyayingamsiza.
UNksz uZethu Nyali, oneminyaka ewu-31 nodabuka eLusikisiki, eMpumalanga Kapa, wasungula iZee Organics ngoba efuna ukusiza udadewabo ukuba abuyelwe ukuzethemba. Uthi wayiqala ngoR500 kuphela.
“Udadewethu wayelashelwa umdlavuza nge-chemotherapy ngo-2021. Izinwele zakhe zaziqothuka kanti izingane zazihlekisa ngaye esikoleni. Wagcina eseyeka ukufunda ngoba wayengasazethembi. Yangiphatha kabi leyo nto, ngase ngixuba imikhiqizo elungisa isikhumba nezinwele,” kukhumbula le ntokazi eteketiswa ngo“Zee, The Hair Doctor”.
I-Zee Organics, ayiqambe ngesiqalo segama lakhe, yenza imikhiqizo yemvelo yezinwele nesikhumba, amaphilisi, inike abantu ithuba lokuyidayisa.
FUNDA NALAPHA: Uphendule inkinga yakhe yesikhumba yabawusizo kwabanye
Ngale kwaloko, itshala izithombo zemithi yayo epulazini, idayisele namanye amabhizinisi. Wenza imikhiqizo ehlukahlukene esiza izinkinga zesikhumba ezihlukene, okubalwa kuzona i-alopecia, i-dermatitis ne-eczema. Usesungule isikole iZee Academy, efundisa ukuthaka imithi. I-Zee Organics isisimeme yaze yaqasha izisebenzi eziyishumi ngokugcwele.

Eminye imikhiqizo yeZee Organics
UNksz uNyali une-Bachelor of Science in Microbiology & Biochemistry yaseNyuvesi yaKwaZulu-Natali, okwamnika isisekelo sokuqonda ukuthi imikhiqizo isebenza kanjani emzimbeni womuntu. Loku kumenze wakwazi ukwakha imikhiqizo enesisekelo sesayensi, hhayi ukufunisela.
Uthi ekuqaleni inselelo enkulu kwakuwukuthi imikhiqizo ayeyenza yayinganele njengoba babebaningi abayithengayo kodwa yena engakwazi ukukhiqiza ebalingene. Loko kwamfundisa ukubaluleka kokunakekela amakhasimende, ukuwalalela nokuhlale ebheka ukuthi yini angayenza kangcono.
Ukholwa wukuthi ibhizinisi lenzelwa abantu, hhayi umnikazi walo. “Kubalulekile ukuhlonipha ibhizinisi lakho nokuphatha kahle abantu noma ngabe kukhona ogxekayo, ngoba indlela ophendula ngayo ingakha noma icekele phansi igama lakho,” kucebisa yena.
Nakuba udadewabo engasekho, uNksz uNyali uthi usaqhubeka nomsebenzi ngoba okumkhuthazayo wukwazi ukuthi kunabantu abasizakalayo, abathola ukuzethemba ngenxa yomsebenzi wakhe.
“Sinika amakhasimende ethu ithuba lokuthola izimbangela okuyizona zezinkinga zawo ngaphambi kokuwadayisela imikhiqizo ewafanele. Loku kusinika ithuba lokuwazi kabanzi,” kusho uNksz uNyali.

Uyazibonakalela umehluko ngemva kokusebenzisa imikhiqizo yeZee Organics
Ululeka abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi bangagxili kakhulu ekutholeni usizo lwezimali kodwa bagxile ekutheni ibhizinisi labo lihambisane nemithetho. “Lokho kukunika amathuba okuthola izibonelelo zikahulumeni nemincintiswano yamabhizinisi. Ukuhambisana nemithetho kubaluleke kakhulu futhi kuyinsika yokuqala,” kusho yena.
Uthi kubalulekile ukufunda nokuvumela izimo. Uthe ukukhangisa ibhizinisi kubalulekile ukuze likhule, ikakhulu uma usaqala. Uthi: “Ngikwazile ukufinyelela kubantu abaningi futhi ngangena emakethe ngokusebenzisa izikhangiso ezinkundleni zokuxhumana.”
UNksz uNyali ufisa ukwenza imithi ezosiza abantu ukuthi banqobe umdlavuza emhlabeni wonke.
Facebook: Zee_Organics
Instagram: @zee_organics_sa

