Abalimi bomoba sebeqale uhlelo lokuhlanganisa imali uma abasenkantolo bengasitholi isisombululo ngodaba lokuvala iTongaat Hulett. Isithombe: Sithunyelwe

Abalimi abazimele bazama ukusindisa iTongaat Hulett

YINTATHELI YOMBELE

NGAPHAMBI kokubuyela enkantolo kwecala lokuvala iTongaat Hulett ngomhlaka-17 no-18 Juni, abalimi bomoba sebesungule inkampani ezoqinisekisa ukuthi ayivali noma ngabe isinqumo senkantolo sithini.

Le nkampani eqanjwe ngokuthi iGrowerCo inabalimi abakhulu nabancane abafuna ukuthi iTongaat Hulett iqhubeke nokugaya umoba. Isekwa yizinhlangano zabalimi ezinkulu iSA Canegrowers Association neSouth African Farmers Development Association.

I-GrowerCo ithi uma kuqoqwa imali kubantu abakweleta iTongaat Hulett kungangena phakathi kukaR3 billion noR4.5bn kodwa uma ivala imali ezongena wuR1bn kuya kuR1.5bn.

Ifuna ukuqinisekisa ukuthi umnotho wasemakhaya uyadlondlobala nemisebenzi ingapheli.

Ukuba khona kweTongaat Hulett eneminyaka ewu-130 kwenza imisebenzi ephakathi kwewu-35 000 newu-40 000 emaplazini.

FUNDA NALAPHA: Ziyaqhubeka izinhlelo zokuthola isisombululo eTongaat Hulett – Tau 

Kuzokhumbuleka ukuthi inkantolo yalihlehlisa icala lokuvala iTongaat Hulett ngoba ifuna abasezinhlelweni zokuyihlenga neVision Group bathole isisombululo odabeni lwemali edingeka ukuyisindisa.

I-SA Canegrowers Association ithe kubalimi abawu-28 000 abahambisa umoba eTongaat Hulett abawu-17 500 ngabalimi abancane kanti imali ewu-77% eyenziwa yimboni yomoba ivela ezimobeni zaKwaZulu-Natali.

Umlimi womoba ogaya esigayweni somoba i-Amatikulu Mill uMnu uNicholas Ngobe uthe ukusungula iGrowerCo wumqondo omuhle ngoba kuzoqinisekisa ukuthi iTongaat Hulett isezandleni zabantu abazibophezele embonini kashukela eNingizimu Africa. Uthi loku kuzoletha uguquko olufanele emnothweni.

UMnu uPratish Sharma ogaya umoba wakhe eMaidstone Mill uthe iTongaat Hulett ibalulekile kakhulu emnothweni wasemakhaya futhi iGrowerCo izoqinisekisa ukuthi ayishabalali.

“Ngaphansi kweGrowerCo abalimi abancane bazoba ngabalingani ebhizinisini, okusho ukuthi ngeke bagcine ngokwenza imali ngokugaya umoba kodwa bazothola imihlomulo uma ibhizinisi likhula. Loku kusho ukuthi umlimi omncane manje nowayenokhokho ababesebenza esimobeni angaba wumnikazi wenkampani kashukela endala eNingizimu Afrika,” kusho yena.

Uthe ingqalasizinda yeTongaat Hulett nezimpahla zayo isezindaweni zasemakhaya, okwenza ukuthi ibeyingxenye yomnotho wasemakhaya. Uthe uma abalimi besekhaleni lezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi iTongaat Hulett ayivali zizosebenza kahle kakhulu ngoba bayikhathelele le mboni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page