Buphelile ubudlelwano bePostbank neSouth African Post Office
WUBONISWA MOHALE
IBHANGE likahulumeni ebelitholakala ePosini iPostbank limemezele ukuthi ngeke lisasebenzisa amagatsha eSouth African Post Office(iSapo) kusuka ekuqaleni kwangoMeyi ngoba lishintsha indlela elisebenza ngayo.
Izolo leli bhange lithe amakhasimende alo asezothola usizo ezitolo ezinkulu okubalwa kuzona oShoprite, oCheckers, o-Usave, oPick n Pay noSpar. Usizo lwasePostbank oludinga ibhange seluzotholakala naseStandard Bank njengoba la mabhange esenobudlelwano bokusebenzisana.
Esitatimendeni, iPostbank ithe: “Kusukela ngomhlaka-1 wangoMeyi usizo lwasePostbank seluzotholakala eStandard Bank nasezitolo ezihlukene esisebenzisana nazo. Loku kuzosondeza izinsiza zethu kubantu. Sibuphuculile nobuchwepheshe bethu njengoba amakhasimende ekwazi ukuxhumana nathi ngezindlela ezihlukene.
“Sicela lawo asanekhadi elinombala ogolide lokuhola izibonelelo zikahulumeni azolishintsha ngoba sesisebenzisa amnyama manje. Azoqhubeka azithole izibonelelo zawo kodwa siyawacela ukuthi afake izicelo zelisha. Akhumbule nokuthi yize sesitholakala ngezindlela ezihlukene kodwa asisoze sacela imininingwane yawo yokukhipha imali ocingweni, kuWhatsApp noma kwi-email.”
Kushaye isikhathi sokushicilela iStandard Bank singakaphenduli ukuqinisekisa lobu budlelwano nePostbank.
FUNDA NALAPHA: Uhulumeni usubheka inkampani ezimele ukuhlenga iPosi
Khonamanjalo, izolo izinyunyana ezintathu zezisebenzi zeSapo iCommunication Workers Union, iSouth African Postal Workers Union neDemocratic Postal & Communication Union (iDepacu) zimashele emahhovisi omNyango wezokuXhumana nobuChwepheshe zanxusa ungqongqoshe uMnu uSolly Malatsi ukuthi aqinisekise ukuthi iPosi alivali.
Umkhulumeli weDepacu uMnu uKodisang Bokaba uthe bafuna isisombululo esizoqinisekisa ukuthi iSapo iyaqhubeka nokusebenza njengoba isibe sohlelweni lokuhlengwa kwebhizinisi kusukela ngoJulayi wango-2023 kodwa namanje isisombululo asitholakali.
Uthe bafuna abahlenga ibhizinisi babekelwe isikhathi sokuthi bahlenge iPosi bese bahamba, hhayi ukuthi bafune ukuliqeda.
“Izisebenzi zifuna ukunyuselwa amaholo ngoR5 000 ngoba sekuphele iminyaka eyishumi enganyuki. Zifuna uhulumeni unike iSapo u-30% womsebenzi wokuhambisa amaphasela neminye eyenziwa ngamaposi kodwa enikwa imboni ezimele. Uhulumeni ulethe uR3.8 billion ozosiza ukuthi amaposi angavali futhi nezisebenzi zingadilizwa. Zifuna ukuzwa izinhlelo ezicacile zokungenisa imali ngoba amaposi abalulekile, hhayi loku esikubonayo kokususa usizo lwasePosini luyofakwa embonini ezimele,” kusho uBokaba.
Uthe banika uMalatsi izinsuku eziyisikhombisa ukuthi aphendule kanti uma engabaphenduli bazothatha ezinye izinyathelo.

