INingizimu Afrika idinga isikhwama sezinhlekelele – uHlabisa
WUBONISWA MOHALE
EZINSUKWINI ezimbalwa ezidlule kufe abantu abayisishiyagalombili, kwacekeleka phansi ingqalasizinda nemizi yabantu eNtshonalanga Kapa, eMpumalanga Kapa, eNyakatho Kapa, eFree State, eNorth West naseMpumalanga.
Ungqongqoshe womNyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu eNingizimu Afrika uMnu uVelenkosini Hlabisa ekhuluma nabezindaba kuleli sonto, uthe ufuna uhulumeni usungule isikhwama esizosiza uma kunezinhlekelele.
Uthe lesi sikhwama kufanele sibenezigidigidi zemali ukuze sikwazi ukulungisa ingqalasizinda ibesesimweni sokumelana nokuguquguquka kwesimo sezulu okudlangile emhlabeni.
FUNDA NALAPHA: Ukuguquguquka kwesimo sezulu kuza nezinkinga ezizokhinyabeza umnotho
“Uhulumeni awukwazi ukuvimba izinhlekelele kodwa uyakwazi ukuzilungiselela kangcono. Siyazwelana kakhulu nemindeni efelwe futhi manje izigaba zontathu zikahulumeni zihlela kabusha iSabelomali ukubhekana nale nhlekelele. NgoJanuwari kubenezimvula ezihlasele eLimpopo, eMpumalanga, KwaZulu-Natali nakwezinye izifundazwe. Nangonyaka odlule sibenezikhukhula, ngakho sikhona isidingo sokuthi sibenesikhwama sezinhlekelele,” kusho yena.
UHlabisa uthe njengoba uhulumeni usushilo ukuthi isimo sezulu esisanda kuhlasele siyinhlekelele uzosheshisa ukudedela imali yokulungisa umonakalo.
Uthi omasipala abancane abavamisile ukuheha onjiniyela abanolwazi olunzulu ekwakheni ingqalasizinda emelana nesimo sezulu esibi, ngakho uhulumeni uletha onjiniyela nezinye izazi ngohlelo i-Municipal Infrastructure Support Agent.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule uhulumeni usebenzise uR1.4 billion ukulungisa umonakalo owenziwe yizikhukhula.
Umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago uke wathi yize kunezinhlelo zokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu kodwa azisisbenzi. Wathi loku kubeka umnotho wezwe, impilo yabantu nemisebenzi engcupheni.

