Amalungu eCongress of South African Trade Unions egubha uSuku lweziSebenzi eLimpopo. Isithombe: Sithunyelwe.

Yinhlekelele ukusweleka kwemisebenzi ezweni – izinyunyana

YINTATHELI YOMBELE

IMIFELANDAWONYE yezinyunyana eNingizimu Afrika ifuna uhulumeni uthathe ukuntuleka kwemisebenzi ezweni njengenhlekelele.

Ithi kulo nyaka izisebenzi beziphume ngobuningi bazo ukuthamela imibuthano yoSuku lweziSebenzi ezifundazweni ezihlukene.

Unobhala-jikelele weSouth African Federation of Trade Unions uMnu uZwelinzima Vavi uthe uhulumeni kufanele umemezele inkinga yokungasebenzi njengenhlekelele ehlasele iNingizimu Afrika.

“Inkinga yokungasebenzi akuyona into encane. Yinhlekelele ezweni lethu. Kudingeka ukuthi uhulumeni ungagcini nje ngokukhuluma kodwa uze nezisombululo ezisebenzayo,” kusho yena.

Ugqugquzele izisebenzi nabantu abantula umsebenzi ukuthi baqhubeke nokumasha ngoba izimashi ziyawunyakazisa uhulumeni.

Umengameli weCongress of South African Trade Unions (iCosatu) uNks uZingiswa Losi uvumelane noVavi. Uthe ukusweleka kwemisebenzi ezweni kuyinhlekelele njengoba bengaphezu kwango-7 million abantu abangasebenzi eNingizimu Afrika.

Uthe eminyakeni edlule izisebenzi zaseMelika zateleka ngoba zifuna amaholo angcono nokusebenza amahora ayisishiyagalombili njengoba zazixhashazwa. 

FUNDA NALAPHA: Izisebenzi aziphume ngobuningi ngoLwesihlanu – izinyunyana

Uthe abakhulumi nje kuphela ngezinkinga zezisebenzi ngosuku lwazo kodwa banemikhankaso eminingi abayenzayo yokuqinisekisa ukuthi amalungelo ezisebenzi ayahlonishwa.

Kuleyo mikhankaso banozolwa nokudilizwa kwezisebenzi, ukuqinisekisa ukuthi abantu bahola imali ezobasiza ukuphila impilo engcono, bahlome ngamakhono futhi bazoqhubeka nokulwela izisebenzi.  

Phakathi kwemikhankaso abanayo ubale owokulwa nokukhuphuka kwemali ekhokhiswa amalungu e-medical aid ekhokhwa yizisebenzi zikahulumeni kwaGems nentela ephezulu efunwa wumqoqintela kwizisebenzi. 

UNks uLosi ukhale ngokuthi impilo iyabiza futhi kufanele uhulumeni ubhukule ukwehlisa umthwalo kubantu.

I-Cosatu icele ukuthi uhulumeni usukumele isimo sesikhwama esilekelela izisebenzi ezilimala emsebenzini iCompensation Fund, njengoba nenkantolo ithole ukuthi asiphethwe kahle. 

“Kufanele kuphenywe  konke okwenzeka kwiCompensation Fund ngoba izisebenzi zihlala isikhathi eside zilinde imali yazo. Siyakuseka okushiwo yiNkantolo yokuDlulisa amaCala ukuthi kufanele kuphenywe okwenzeka kulesiya sikhwama. Sifuna silunge nesimo esikhwameni esilekelela abaphelelwe wumsebenzi i-Unemployment Insurance Fund,” kusho iCosatu esitatimendeni. 

Iphini likamengameli wezwe uMnu uPaul Mashatile lithe uhulumeni usazibophezele ekuletheni impilo engcono kwizisebenzi nokuqinisekisa ukuthi imithetho ekhona iyazivikela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page