Kubalulekile ukuba nomshwalense wokugada ingozi – umeluleki
YINTATHELI YOMBELE
ABANTU abaningi baseNingizimu Afrika babhekene nesimo sokuthi uma kungabanomshophi owodwa kungabheda isimo sabo sezimali. Kungabawukudilizwa emsebenzini, ukugula noma ukukhubazeka, isimo sezimali emakhaya abantu ezweni lonke siyaqhubeka nokubabucayi ngenxa yokunyuka kwezindleko zokuphila nesimo somnotho esicikizelayo.
Izibalo ezintsha zeStatistics South Africa ziyathusa njengoba zikhombisa kulahleke imisebenzi engaphezu kwewu-300 000 ngekota yokuqala yalo nyaka, okwenze izinga lokushoda kwemisebenzi ku-32,7%. Ukulahleka komsebenzi kusho ukuthinteka komuntu nomndeni kanti cishe umndeni wonke usuke uthembele kuleyo mali.
Umeluleki wezimali eLiberty uDkt uFred Philippou uthi: “Kubantu abaningi baseNingizimu Afrika umholo awusho ukondla umuntu oyedwa nje kodwa ukhokha imali yesikole, ukudla, izinto zokuhamba, izindleko zezinto zokuhamba, izindleko zikadokotela, imali edonsa emholweni, yondle nozalo.
“Uma leyo mali ivele inqamuka umphumela usheshe uzwele. Yingakho sekubalulekile ukubanomshwalense wokugada ingozi ukulekelela abantu ngezikhathi zobunzima nokushayeka ephaketheni.”
FUNDA NALAPHA: Kubalulekile ukuqonda amatemu ezikweletu – umeluleki
Umshwalense wokugada ingozi, phecelezi i-income protection cover, noma owokudilizwa emsebenzi wenza umuntu akwazi ukuphefumula kancane ngezikhathi zokulahlekelwa wumsebenzi noma ukuphazamiseka kwezimali. Nakuba ungekho umshwalense ongaduduza umuntu ocindizekile ngenxa yokulahlekelwa wumsebenzi kodwa usizo thizeni lwemali lungasiza abantu bakwazi ukubhekana nezidingongqangi zempilo ngenkathi bezama izindlela zokuvuka bazithathe.

