Kunxuswa umphakathi uzwakalise ilaka ngomthethosivivinyo wamaholo
YINTATHELI YOMBELE
INYUNYANA emele izisebenzi ezisembonini yezimoto iMotor Industry Staff Association (iMisa) isigqugquzele abantu ukuthi baphawule ngomthethosivivinyo ozolinganisa amaholo azo zonke izisebenzi i-Fair Pay Bill.
Uhulumeni uvule ithuba lokuthi umphakathi uphawule ngalo mthethosivivinyo kusukela ngomhlaka-30 wango-Ephreli kuze kubewumhlaka-29 wale nyanga.
Isikhulu esiphezulu seMisa uNkk uMartle Keyter sithe i-Fair Pay Bill ibalulekile ngoba izoqinisekisa ukuthi umuntu uholelwa imali efanele umsebenzi awenzayo, ingabheki ukuthi ubehola malini.
“Lo mthethosivivinyo ubalulekile ngoba uzoqeda ukucwaseka kwezisebenzi ngokwebala, ubulili nokuthi bezihola malini. Ufuna ukuthi abaqashi babeke obala ukuthi umsebenzi abawukhangisayo uholela malini, bangabuzi umlando wesisebenzi weholo. Uzoqinisekisa ukuthi zonke izisebenzi ziyalingana, zinesithunzi futhi ziphathwa ngendlela efanayo,” kusho yena.
Uthe beyinyunyana enamalungu amaningi kule mboni, njengoba ewu-78 000, bazophawula ngalo mthethosivivinyo futhi wanxusa ukubaluleka kokuthi abantu baseNingizimu Afrika babhale phansi uma bephawula.
FUNDA NALAPHA: I-Eskom nezisebenzi bagcine bevumelene ngokunyusa amaholo ngo-7%
Kuzokhumbuleka ukuthi ukhona umthetho ozama ukuqinisekisa ukulingana emsebenzini i-Employment Equity Act kodwa ngesikhathi iBuild One South Africa iwuhlongoza lo mthetho ePhalamende yathi kufanele ulungise izingxenye ezithile ze-Employment Equity Act. Kuzona ibalule umlando wokubandlula abantu ngokwebala okwenza ukuthi abanye abantu baholelwe kancane kusukela kudala kuze kubeyimanje.
Esitatimendeni inkampani yabameli iCliffe Dekker Hofmeyr icacisa ngalo mthethosivivinyo, ithe uzoqinisekisa ukuthi abaqashi abafihli lutho ngamaholo futhi abantu abacwaswa.
Ithe yize umuhle lo mthethosivivinyo kodwa umphumela wawo omubi kungabawukuthi abanye abaqashi bangazibona sebengaphansi kwengcindezi ngenxa yamaholo aphezulu nokuthi abasakwazi ukuxoxisana nezisebenzi ngamaholo.
Ithembise ukuthi izobheka okwenzekayo uma lo mthetho ususePhalamende.
Ukuphawula okubhaliwe kuthunyelwa kusomlomo wePhalamende eNew Assembly Building, kuParliament Street, eCape Town.
Kungathunyelwa ngencwadi nayo ebhekiswe kusomlomo ekhelini elithi PO Box 15, Cape Town, 8000 noma nge-email ku-speaker@parliament.gov.za bese kukopishwa u-info@fairpaybill.co.za.

