Abalimi bomoba bathakasele ukuqala kwenkathi yokugaya
YINTATHELI YOMBELE
IZIHLATHI zivakashele izindlebe kubalimi abawu-28 000 baseNingizimu Afrika njengoba sekugaywe umoba owu-48% kule nkathi yokuwugaya.
Inhlangano yabalimi bomoba iSA Canegrowers ithe izigayo zomoba sezivululile, ngaphandle kwezintathu zeTongaat Hulett ezizovula emasontweni azayo.
Usihlalo weSA Canegrowers uMnu uHiggins Mdluli uthe babona ukuthi umoba osuhanjiswe ezigayweni zomoba kulo nyaka mningi ukudlula owangonyaka odlule.
“Izigayo zeTongaat Hulett zigaya umoba wabalimi abawu-18 000 baseNingizimu Afrika. Zizovula uma sebevune umoba emasontweni ambalwa ezayo. Siyathemba nabalimi abagayelwa yiTongaat Hulett umoba bazobanenkathi enhle yokuvuna nokugaya umoba, yize le nkampani inezinselelo. Sibona imboni yomoba iqhubeka nokusebenza yize ibhekene nezimo ezinzima,” kusho yena.
UMdluli uthe unethemba lokuthi njengoba uhulumeni ufake uR200 million owengeziwe ukulekelela iTongaat Hulett uzosiza njengoba kusaqhubeka izingxoxo ezihlose ukunqanda ukuvala le nkampani. Icala lokuvala iTongaat Hulett libuyela enkantolo ngomhlaka-17 wangoJuni.
FUNDA NALAPHA: Kuqhilike izihlathi kuvulwa isigayo somoba iGledhow Mill
Ngaphandle kwezinkinga zeTongaat Hulett uMdluli ukhale ngokwanda kukashukela ovela phesheya kolwandle, ikakhulu eBrazil, Thailand nase-India. Lo shukela uthi uqeda indawo yoshukela okhiqizwe ezweni.
“Njalo uma kufika ithani likashukela ovela kwamanye amazwe, imboni yezwe ilahlekelwa yimali engaphezu kwangoR7 500. NgoMashi kungene amathani awu-16 000 kashukela ovela kwamanye amazwe. Ngonyaka odlule kungene awu-213 000 angayikhokhanga intela. Uma singashintshi lesi simo sizodala izinkinga kubalimi nasezinkampanini ezigaya umoba neTongaat Hulett enezinselelo,” kusho yena.
Uthe ngo-Okthoba wango-2024 i-International Trade Administration Commission of South Africa (i-Itac) iqale ukubuyekeza intela leli zwe eliyikhokhisa ushukela ovela kwamanye amazwe olusaqhubeka.
“Sicela umNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana ne-Itac basukumele lolu daba lokubuyekeza intela ngoba imiphakathi yasemakhaya KwaZulu-Natali naseMpumalanga ithembele embonini yezolimo. Le mboni idala imisebenzi, ifukule nomnotho wasemakhaya. Sithemba ukuthi uhulumeni uzosivikela, ushaye nemithetho evikela imboni,” kusho uMdluli.
Kuzokhunjulwa ukuthi iSouth African Sugar Association ifuna intela ekhokhwa wushukela wangaphandle isuke kuR10 900 ithani ibewuR14 400 kanti iBeverage Association of South Africa ifuna yehle isuka kuR10 900 ibewuR8 850.
I-Itac ithembise ukubheka zonke iziphakamiso ezitholayo ukuze ithathe isinqumo esifanele.
Usihlalo weSouth African Farmers Development Association uDkt uSiyabonga Madlala ugcizelele ukubaluleka kokuvikela imboni kushukela wangaphandle ngoba ibeka engcupheni abalimi, imisebenzi nomnotho wasemakhaya oncike kumoba.

