Ozifundise ukulima ushintshe isimo somphakathi
WUTHOBILE ZWANE
KUBANTU abaningi umhlaba wasemakhaya uyindawo yokulima ingadi encane kodwa kuMnu uMfanzile Maseko waseMpumalanga umhlaba ubeyithuba lokushintsha izimpilo zabantu bomphakathi wakhe.
“Ngabona ukuthi abantu abaningi basemakhaya banomhlaba kodwa abawusebenzisi ngendlela engaletha ushintsho empilweni yabo. Mina ngabona ithuba lapho,” kusho lo mlimi waseMooiplaas, owumsunguli we-Inkaba Farming Project.
Inkaba Farming Project wayisungula ngo-2019. Akazange alinde usizo lwezimali kodwa wakhuluma nenkosi yendawo, wacela indawo yokulima. Wanikwa indawo engamahektha awu-30.

Amanye amaveji alinywa e-Inkaba Farming Project
UMaseko uthi ulwazi lwezolimo waluthola ngokusebenza, ukubuka abanye abalimi nokuzifundisa izindlela ezintsha zokulima, into aqhubekayo nokuyenza. Uthi ukufunda nsuku zonke kubeyingxenye enkulu yempumelelo.
“Awudingi ukuqala wazi konke. Mina ngaqala kancane kodwa ngangizimisele ukufunda yonke into engangingayifunda ngezolimo,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: Ongene ekufuyeni izinkukhu zamaqanda enganakile uyaphumelela
Kulowo mhlaba usefuye izinkukhu ezifuyelwa inyama, ufuye izinkomo nezingulube utshale umbila nemifino. Indawo yakhe uthi yayithule kungekho lutho kuyo kodwa manje sekuyindawo eletha umnotho womphakathi.

Izingulube ngenye yemfuyo ye-Inkaba Farming Project
I-Inkaba Farming Project isiqashe izisebenzi eziyishumi ezisiza ngemisebenzi yansuku zonke epulazini.
“Ngiyajabula uma ngibona nomunye umuntu ebuyela ekhaya ephethe imali ayisebenze lapha epulazini. Kusho lukhulu kimina ngoba kusho ukuthi nathi siyakwazi ukudala amathuba omsebenzi,” kusho uMaseko.
Njengabo bonke abalimi abasafufusa, uMaseko ufisa ukusimamisa ipulazi lakhe ngokwandisa imisebenzi nokusebenzisa imishini yesimanje.
Facebook: Inkaba Framing Project

