Kuzophuma izibalo zabangasebenzi nezomkhiqizo wezimayini
YINTATHELI YOMBELE
AMEHLO ezingqapheli azobe ethe njo ezibalweni ezizokhishwa yiStatistics South Africa kuleli sonto. Kusasa kuzophuma izibalo zabantu abangasebenzi njengoba isibalo sabo sehlile kancane saba wu-31.4% ngekota yesine yonyaka odlule.
Kuvamise ukuthi ngekota yokuqala izingane ebezisanda kuphothula uMatikuletsheni kubeyizona ezifuna umsebenzi kakhulu ngekota yokuqala.
Izibalo zemboni yokukhiqiza zangoMashi nazo zizophuma kusasa. Kulindeleke ukuthi zona zintenge. Ezokukhiqiza ezimayini ezizophuma ngoLwesine zizobheka ukuthi izibalo zangoFebhuwari ezazinyuke ngo-9.7% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka zizoshintsha yini. Ngo-Ephreli bezinyukile nezibalo zezimpahla ezigcinwe ngamabhizinisi ukuze zisebenze ngokuqhubeka kwesikhathi.
Indlela yokusebenza kwamabhizinisi iphucukile kodwa amanani okuthenga izimpahla akhuphuke afinyelela ku-85.6%, manje asengaphezu kwango-30 points esibalweni ayekusona ngonyaka odlule. Loku kukhombisa ukuthi irandi liyantenga nomphumela omubi wokunyuka kwamanani kawoyela. Ukwanda kwezimpahla nokunyuka kwamanani okuthenga izimpahla kunyuse ukudingeka kwezimpahla kodwa kungenzeka ukuthi kungabukeki njengokwezibalo ezidlule.
FUNDA NALAPHA: Izimoto zithwale umnotho waseNingizimu Afrika – izibalo ezintsha
I-S&P Global South Africa Purchasing Managers Index (iPMI) ibihambisana ne-Absa PMI. Inyuke isuka ekubeni wu-50.8% yaba wu-51.6%, ikhombisa ukuthi amabhizinisi aphucule ukusebenza. Okukhathazile wukuthi amanani ezinsiza zokukhiqiza ebenyuka ngesivinini uma eqhathaniswa nezinyanga eziwu-30 ezidlule kanjalo nokunyuka kwamanani kaphethroli ebekhathaza.
Ukudingeka kwezimpahla kunyukile kusekwa wukuthi amabhizinisi ebezithenga kakhulu njengoba ebelinde ukuthi zishode emakethe. Okungafani nemiphumela ye-Absa wukuthi izibalo zokuqashwa kwabantu zinyukile izinyanga ezintathu zilandelana.
Indlela yokusebenza kwamabhizinisi iphucukile okokuqala ezinyangeni ezinhlanu, nakuba okwenzeka kwipolitiki yomhlaba kukhathaza.
NgokweNational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (iNaamsa) izibalo zezimoto ezintsha ezidayisiwe zinyuke ngo-5 512 zabawu-47 979 kulo nyaka. Kube yisibalo esihle lesi esagcina ukubonakala ngo-Ephreli wango-2013. Uma kubhekwa izibalo zezinkathi zonyaka ukuthenga izimoto kunyuke ngo-0.1% uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga. Izibalo zezimoto ezidayiswe kwamanye amazwe azihambi kahle, njengoba zehle ngo-4% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngo-Ephreli.
I-Naamsa ithe ukunyuka kwesibalo sezimoto ezidayisa ezweni kusekwa wukubaphansi kwemalimboleko kodwa ixwayise ngokuthi ukunyuka kwamanani kaphethroli namandla emali nokungashintshi kwemalimboleko okulindelekile kungaphazamisa umsebenzi omuhle obusuqalile. – Le mininingwane itholakale kwiBureau for Economic Research

