Umasipala uhlole amabhizinisi angayilandeli imithetho yokuhweba
YINTATHELI YOMASIPALA
UMASIPALA waseThekwini usebenzisana namaphoyisa, nomNyango wokuThuthukisa umNotho, ukuVakasha neMvelo KwaZulu-Natali uqinisa umkhankaso wawo wokulwa namabhizinisi angawulandeli umthetho nangabhalisiwe kulo masipala.
NgoLwesithathu izinhlaka ezihlukene zomthetho zigasele eZimbokodweni, eningizimu yaseThekwini, ziyohlola ukuthi osomabhizinisi bayawulandela umthetho wokuhweba nemithetho kaMasipala, kanti izolo lo mkhankaso ubuse-Athlone Park, eduze kwaseZimbokodweni.
Inhloso yalo mkhankaso wukuqinisa ukulandela umthetho emabhizinisini nokuphepha komphakathi.
Ngesikhathi kuhlolwa amabhizinisi kutholwe amane aphula imithetho kamasipala, ase evalwa. Amabhizinisi avaliwe kutholakale ukuthi awanazo izitifiketi ezifanele zokuhweba, awanazimvume zamabhizinisi nezokuhweba ngendlela enakekela impilo yabantu.
FUNDA NALAPHA: UMasipala waseThekwini ukhumbuza osomabhizinisi ukuvuselela izimvume
Amaphoyisa athole ukuthi abanye abanikazi bamabhizinisi avaliwe abanazo izincwadi ezibagunyaza ukuhlala nokusebenza eNingizimu Afrika. Baboshiwe kanti kuyaphenywa ngokwemithetho ethinta ukubakhona kwabantu ezweni.
Umasipala uthe uyaqhubeka lo mkhankaso kanti izinhlaka zomthetho nezibheke ukuhweba zizobezisezindaweni ezihlukene ukuhlola amabhizinisi. Umasipala uthe abantu abasezweni ngokungemthetho nabahweba ngaphandle kwezimvume uzobathathela izinyathelo zomthetho.
Ubonge amaphoyisa nabomNyango wokuThuthukisa umNotho, ukuVakasha neMvelo ngokugqugquzela ukulandela umthetho.
Umasipala ukhumbuza osomabhizinisi ukuthi baqinisekise ukuthi amabhizinisi abo alandela umthetho, banezimvume ezifanele ukugwema ukuvalelwa amabhizinisi, ukuhlawula nokushushiswa.

