Abanikazi bamaloli bakhala ngokudonsa kanzima ngenxa yamanani kadizili
WUBONISWA MOHALE
IMPI yeMelika ne-Israel abalwa ne-Iran Iyaqhubeka nokukhuphula izindleko ezimbonini ezihlukene zomnotho. Nemboni yamaloli isikhala ezimathonsi ngokunyuka kwezindleko.
Inhlangano yabanikazi bamaloli athutha izimpahla iRoad Freight Association (iRFA) ikhala ngokuthi seziyasinda izindleko zikadizili.
Isikhulu esiphezulu seRFA uMnu uGavin Kelly sithe nakuba abanikazi bamaloli bebazi ukuthi impi eseMiddle East izokhuphula izindleko zikawoyela kodwa manje sezinyuka ngamawala.
Uthe: “Sibacelile abanikazi bamaloli ukuthi bazilungiselele ukuthi ilitha kadizili izokhuphula ngoR6.19 njengoba izobuya intela ebimisiwe, ekaphethroli izokhuphuka ngoR3.27. Akuyona imali encane lena, ikakhulu uma unebhizinisi. Ikhuphula zonke izindleko. Abanikazi bamaloli bayakhala ngalo mthwalo bathi bangase bavale nezinkampani.”
Njengoba abanikazi bamaloli bekhala, uKelly uthi nabathengi bazokhala ngoba abanikazi bezitolo nezinye izimpahla ezidingwa ngabantu bazodlulisela izindleko kubona.
“Sicela uhulumeni uze nezinhlelo ezizovikela imboni ethutha izimpahla nabathengi baseNingizimu Afrika ngoba uma impi ingapheli kuyacaca ukuthi izindleko zisazokhuphuka,” kusho uKelly.
FUNDA NALAPHA: Uhulumeni ulule ukumisa intela kaphethroli
Ucwaningo lweStatistics South Africa ngamanani kaphethroli luveza ukuthi ubuloku ukhuphuka kusukela ngo-1976 kodwa ungakhuphuki kakhulu. NgoJanuwari wango-1976 ilitha kaphethroli yayiwu21.1c, kwathi ngoJuni wango-1979 yanyuka yawu-54.2c. Ngaleyo minyaka amanani kaphethroli ayebiza amasenti.
NgoNovemba wango-1985 ilitha yayiwuR1. Eminyakeni ewu-20 elandelayo ilitha yase iwuR5. Ngo-2008 yayiwuR10. NgoDisemba wango-2021 ilitha kaphethroli yakhuphuka yadlula kuR20 yawuR26,31 kodwa kwathi ngoJulayi wango-2022 yehla yangaphansi kwangoR20.
NgoFebhuwari ibiwuR19 kodwa isimo sashuba ngoMeyi uma isibiza uR26,52 kanti cishe ukuba uhulumeni awuyimisanga intela kaphethroli ngabe ilitha isingaphezu kwangoR30.
Kule nyanga iTransnet imemezele ukuthi intela yawo kaphethroli izoyinyusa ibewuR78 i-container uma kuqala uJuni, isuka kuR52 ebikuwona kule nyanga.
Ekadizili kulindeleke ukuthi isondele kuR100 i-container. I-Transnet ithe isizathu sokukhuphula le ntela wukuthi ifuna ukubuyisa izindleko zayo ngemva kokuthi uphethroli uqale ukunyuka kusukela ngoMashi.
Ungqongqoshe womNyango womNyango wokuMbiwayo namaNdla uMnu uGwede Mantashe uke wamemezela ukuthi kunophethroli nodizili owanele ezweni, abantu bangesabi noma kuthiwa impi eseMiddle East iyaqhubeka.
Mayelana namanani aphezulu ale mikhiqizo, uthe akukho okutheni angakwenza ngoba wumNyango weziMali okwazi ukwehlisa umthwalo kubantu ngokwehlisa intela. Uthe loku akusizi ngoba kulahleka imali eningi esikhwameni semali sezwe.
Uthembise ukuthi banezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi inkampani kahulumeni ehluza uwoyela iSouth African Petroleum Company iyasebenza futhi bafisa ukusekwa yiPhalamende ukuze ikwazi ukuseka imboni kawoyela neye-gas.

